98.The Evidence

  1. Labo abangazange bakholwe abaphuma phakathi kwabantu bencwadi kanye nabakhonza izithombe abazange bayeke (ukukhonza izithombe) kwaze kwaba yilapho befikelwa ubufakazi obucacile
  2. Isithunywa esivela kuMvelinqangi sifunda imibhalo emsulwa
  3. Phakathi kunemibhalo eyiqiniso
  4. Futhi abazange baqembukelane labo ababenikezwe incwadi kwaze kwaba yingemumva kokuthi sekufike kubona ubufakazi obucacile
  5. Futhi abazange baphoqwe ngaphandle kokuthi bakhonze uMvelinqangi babeqotho kuyena ngenkolo, babeneqiniso futhi benze umthandazo futhi banikele ngezakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) futhi leyo yinkolo yeqiniso
  6. Ngempela labo abangazange bakholwe abaphuma phakathi kwabantu bencwadi nabakhonza izithixo bayokuba semlilweni wesihogo bayohlala phakathi kuwona ingunaphakade, labo- ke bona bayizidalwa ezimbi
  7. Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo labo-ke bona bayizidalwa ezinhle
  8. Umvuzo wabo useNkosini yabo kuyoba yizivande zangunaphakade okugeleza ngaphansi kwazo imifula, bayohlala lapho phakathi ingunaphakade uMvelinqangi uyothokoza ngabo futhi bayothokoza ngaye, lokho okwanoma ngabe ngubani owesaba iNKosi yakhe