96.The Clot

  1. Funda ngegama leNkosi yakho eyadala
  2. Eyadala umuntu ngehlule
  3. Funda, futhi iNkosi yakho inobubele kakhulu
  4. Okuyiyona eyafundisa ngepeni lokubhala
  5. Yafundisa umuntu lokho angakwazi
  6. Lutho! Ngempela umuntu wephula umthetho (kaMvelinqangi)
  7. Uma ezibona ukuthi akadingi lutho
  8. Ngempela kuseNkosini yakho ukuphindela
  9. Ngakube umbonile yini lowo (u-Abujali)ovimba
  10. Inceku (umphrofethi) uma ithandaza
  11. Ngakube ubonile yini uma esekuholweni
  12. Noma ayale ngokulunga
  13. Ngakube ubonile yini uma ephika futhi efulathela (iqiniso)
  14. Akazi yini ukuthi uMvelinqangi uyabona
  15. Lutho! Uma engaphezi, ngempela siyomdonsa ngesihlonti
  16. Isiphongo esiqamba amanga esiyisoni
  17. Ngakho-ke akabize iqembu lakhe
  18. Siyobiza abaqaphi besihogo
  19. Lutho! Ungamhloniphi kodwa guqa phansi futhi usondele (kuMvelinqangi)