91.The Sun

  1. Ngifunga ngelanga nokucwazimula kwalo
  2. Futhi ngifunga ngenyanga uma ililandela (ilanga)
  3. Futhi ngifunga ngemini uma ivela
  4. Futhi ngifunga ngobusuku uma buyimboza
  5. Futhi ngifunga ngesibhakabhaka kanye nalowo owasakha
  6. Futhi ngifunga ngomhlaba kanye nalowo owawendlala
  7. Futhi ngifunga ngomphefumulo kanye nalowo owawulinganisa
  8. Wasewukhombisa okubi kwawo kanye nokuhle kwawo
  9. Ngempela uphumelele lowo owuhlanzile (umphefumulo wakhe)
  10. Futhi ngempela wehlulekile lowo owenze okubi kuwona
  11. (Abantu) baThamud baphika (umphrofethi wabo) ngokungahloniphi
  12. Ngenkathi lowo oyisoni kubona eya phambili
  13. Manjalo sabe sesithi isithunywa sikaMvelinqangi kubona, “Ningalithinti, yikameli lensikazi likaMvelinqangi nesiphuzo salo”
  14. Ngakho-ke basiphika (isithunywa sikaMvelinqangi) balibulala, manjalo iNkosi yabo yehlisela phezulu kwabo imbubhiso ngenxa yesono sabo yasilinganisa (kubona bonke)
  15. Futhi ayiwesabi umphumela walokho