90.The City

  1. Ngifunga ngaleli dolobha (Makkah)
  2. Futhi wena (uMphrofethi) uvunyelwe kulelidolobha
  3. Futhi ngifunga ngomzali kanye nalokho akuzalayo
  4. Ngempela samdala umuntu ebunzimeni
  5. Ngakube ucabanga ukuthi akasoze abekhona ongaphezulu kwakhe ongamehlula
  6. Uthi, “ngichithe umnotho omningi”
  7. Ngakube ucabanga ukuthi akekho noyedwa ombonayo
  8. Asizange yini simenzele amehlo amabili
  9. Nolimi nezindebe ezimbili
  10. Futhi samholela ezindleleni ezimbili
  11. Kepha akakozami ukuhamba endleleni enyukayo (enzima)
  12. Futhi yini ekwenza wazi ukuthi indlela eyenyukayo (inzima)
  13. Ukukhulula isigqila
  14. Noma ukondla ngosuku lwendlala
  15. Intandane eyisihlobo
  16. Noma umuntu ompofu osothulini (ngenxa yokuhlupheka)
  17. Wayeseba ngomunye walabo abakholwayo futhi abayalana ngokubekezela futhi beyalana ngobubele
  18. Labo-ke (bangabantu) abangakwesokunene
  19. Futhi labo abangakholwanga emavesini (ezimpawini) zethu bona (bangabantu) abangakwesokunxele
  20. Phezulu kwabo kunomlilo ovale nhlangothi zonke