89.The Dawn

  1. Ngifunga ngokusa
  2. Futhi ngifunga nangobusuku obuyishumi
  3. Futhi ngifunga nangokulingene nokukodwa (okungalingani)
  4. Futhi ngifunga nangobusuku ngenkathi buhamba
  5. Ngakube kulokho kunesifundo kulowo oqondayo
  6. Awuzange yini ubone ukuthi yenza kanjani iNkosi yakho ku- Ad
  7. I – iram enezinsika (eziqatha eziphakeme)
  8. Okuyiyona okungekho okwakhiwe njengayo ezweni
  9. Kanye noThamud okunguyena owagumba idwala esigodini
  10. NoFaro umnikazi wezigxobo
  11. Labo abangazange bahloniphe ezweni
  12. (uFaro nabantu bakhe) benza okuningi ukukhwabanisa kulona (izwe)
  13. Ngakho-ke iNkosi yakho yathela phezulu kwabo isijeziso
  14. Ngempela iNkosi yakho ingeqaphile
  15. Mayelana nomuntu uma imlinga iNkosi yakhe bese imnika ukuhlonipheka bese imupha (umusa nokunye) bese ethi, “iNkosi yami iyangithanda”
  16. Kepha uma (iNkosi yakhe) imlinga ngokumncisha (noma imnciphisele) isabelo sakhe bese ethi, “iNkosi yami ingidumazile”
  17. Lutho! Kepha aniyihloniphi intandane
  18. Futhi anibancengi abantu ukuthi bondle abampofu
  19. Futhi nidla ifa ngokudla komona
  20. Futhi nithanda ingcebo ngothando olukhulu
  21. Lutho! Futhi khumbula ngenkathi umhlaba ubuthuzeka wendlaleka ubayizicucu
  22. Futhi khumbula ngenkathi iNkosi yakho iza kanye nezingelosi zingolayini (ngezigaba zazo)
  23. Futhi isihogo ngalolosuku siyokwenziwa ukuthi sibeseduzane, ngalolosuku umuntu uyokhumbula, futhi ukukhumbula kwakhe kuyomsiza ngani na
  24. Uyothi, “Oh ukuba nje ngangithumele ngaphambili (okuhle) kwempilo yami
  25. Ngakho-ke ngalolosuku akekho ongajezisa ngendlela (uMvelinqangi) azojezisa ngayo
  26. Futhi akekho ongabopha ngendlela ayobopha ngayo
  27. Oh mphefumulo onokuthula
  28. Phindela eNkosini yakho uthokozile uthokozisa
  29. Ngakho-ke ngena phakathi kwezinceku zami
  30. Futhi ungene (esivandeni) ezulwini lami