88.The Overwhelming

  1. Ngakube seyafika yini kuwena indaba yesehlakalo esehlulayo
  2. Ubuso ngalolosuku buyothotshiswa
  3. Busebenza bukhandlekile
  4. Bungena emlilweni ovuthayo
  5. Buphuziswa esiphethwini esibilayo
  6. Abanako ukudla ngaphandle kwesihlahla sameva sasesihogweni
  7. Isihlahla asondli futhi asisizi ekulweni nendlala
  8. (Obunye) ubuso ngalolosuku buyothokoza
  9. Buthokozela imizamo yabo
  10. Esivandeni esiphakeme
  11. Awuyizwa lapho phakathi inkulumo eyilize (engamanga)
  12. Lapho phakathi kunomthombo ogelezayo
  13. Lapho phakathi kunemibhede ephakanyisiwe
  14. Nezinkomishi ezibekiwe
  15. Nemiqamelo ebekwe yaba uhlu
  16. Kanye nabokhaphethi abendlaliwe
  17. Ngakube abawaboni yini amakameli ukuthi adalwa kanjani na
  18. Nesibhakabhaka ukuthi saphakanyiswa kanjani
  19. Nezintaba ukuthi zakhiwa kanjani
  20. Nomhlaba ukuthi wendlalwa kanjani
  21. Ngakho-ke khumbuza, kuphela wena ungumkhumbuzi
  22. Awusiyena umphoqi kubona ukuthi bakholwe
  23. Ngaphandle kwalowo ofulathelayo futhi angakholwa
  24. Ngakho-ke uMvelinqangi uyomjezisa ngesijeziso esikhulu kakhulu
  25. Ngempela kukuthina ukuphindela kwabo
  26. Bese ngempela kuba kuthina ukubalelwa kwabo