87.The Most High

  1. Dumisa igama leNkosi yakho ephakeme kakhulu
  2. Okuyiyona eyadala yalinganisa (konke ngesimo sako)
  3. Futhi okuyiyona ekalayo futhi eholayo
  4. Futhi okuyiyona eyaveza okuluhlaza (utshani nezihlahla)
  5. Yabe seyikwenza kwaba yizinhlanga ezinsundu
  6. Sizokwenza ukuthi ufunde angeke ukhohlwe
  7. Ngaphandle kwalokho okufiswa nguMvelinqangi, ngempela yena uyakwazi okusobala kanye nalokho okufihlekile
  8. Futhi sikwenzela kubelula okulula
  9. Ngakho-ke khumbuza uma kungukuthi siyakusiza isikhumbuzo
  10. Uyokhumbula lowo owesaba (uMvelinqangi)
  11. Futhi uyokugwema (ukukhunjuzwa) lowo muntu omubi kakhulu
  12. Lowo uzokusha emlilweni omkhulu
  13. Bese engafi lapho phakathi kuwona futhi angaphili
  14. Ngempela uphumelele lowo ozihlanzayo
  15. Futhi akhumbule igama leNkosi yakhe athandaze
  16. Kepha nikhetha impilo yalomhlaba
  17. Futhi impilo ezayo ingcono futhi ingehlalayo engapheliyo
  18. Ngempela lokhu kusemibhalweni yokuqala
  19. Imibhalo ka-Abrahamu noMose