37.Those drawn up in Ranks
- Ngalabo abahlelwe ngezigaba
- Ngalabo abahambisa amafu ngendlela enhle
- Ngalabo abafunda isikhumbuzo
- Ngempela uMvelinqangi wenu munye
- INkosi yamazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili neNkosi yempumalanga
- Ngempela thina salihlobisa izulu eliseduzane ngomhlobiso wezinkanyezi
- Nokulondolozwa kwalo mayelana nabobonke osathane abahlubukayo
- Abakwazi ukulalela inhlangano ephakeme kakhulu futhi bajikijelwa kuwona wonke amacala
- Bayaxoshwa futhi okwabo yisijeziso sangunaphakade
- Ngaphandle kwalowo ohlwitha okuthize ngokuntshontsha bese elandelwa yilangabi lomlilo elihlabayo
- Ngakho-ke babuze ukuthi ngakube yibona yini abanzima ekudaleni noma yilabo esabadalayo na? Ngempela thina sabadala ngobumba olunamathelayo
- Kepha uyamangala kulapho benza inhlekisa
- Futhi uma bekhunjuziswa abakhumbuli
- Futhi uma bebona uphawu benza inhlekisa
- Futhi bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle komlingo ogqamile”
- Ngakube uma sesifile saphenduka uthuli namathambo ngempela siyovuswa yini na
- Kanye nobaba bethu basendulo na
- Ithi, “yebo futhi nina niyothotshiswa
- Kuyoba ukukhala okukodwa kuphela kulapho bona bebhekile
- Futhi bayothi, “Oh usizi kuthina! lolu wusuku lwenhlawulo”
- Lolu wusuku lokugcina enaniluphika
- Baqoqeleni ndawonye labo ababeyizoni kanye namaqembu abo kanye nakho konke loko ababekukhonza
- Esikhundleni sikaMvelinqangi bese nibaholela endleleni yesihogo
- Futhi nibamise ngempela ukuze babuzwe
- Kwenzenjani ngani nangalekelelani na
- Kepha bona ngalolosuku bayozinikela
- Futhi abanye babo bayophendukela kwabanye bebuzana bodwa
- Bayothi, “ngempela nina naniza kuthina niqhamuka ngakwesokudla”
- Bayothi, “kepha naningeyiwona amakholwa”
- Futhi sasingenalo igunya phezulu kwenu, kepha nina naningabantu abephula umthetho
- Ngakho-ke liyaqiniseka kuthina izwi leNkosi yethu ngempela thina sizozwa
- Manjalo saniphambukisa (endleleni eqondile) ngempela nathi sasiphambukile
- Ngakho-ke ngempela bona ngalolosuku bazoba ngababelanayo esijezisweni
- Ngempela sibenza kanjalo abayizoni
- Ngempela bona kwakuthi uma kuthiwa kubona, “ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi” bese bayaziqhayisa
- Futhi bathi, “ngakube thina sizoyeka onkulunkulu bethu ngenxa yembongi ehlanyayo na
- Kepha ulethe iqiniso futhi uqinisekisa izithunywa
- Ngempela nina nizosizwa isijeziso esibuhlungu
- Futhi angeke ninikezwe umvuzo ngaphandle kwalokho enanikwenza
- Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
- Labo-ke okwabo yisabelo esaziwayo
- Izithelo, futhi bona bangabahlonishwa
- Ezivandeni zenjabulo
- Ezihlalweni zobukhosi bebhekene
- Siyozungeleziswa kubona isitsha esinewayini
- Elimhlophe, elimtoti kwabaliphuzayo
- Abukho ubungozi kulona futhi bona abakutholi ukudakwa kulona
- Futhi eduzane nabo kuyoba nabesifazane abamsulwa abanamehlo amahle
- Okusengathi bona abesifazane bangamaqanda angakaze athintwe
- Ngakho-ke abanye babo bayophendukela kwabanye bebuzana
- Isikhulumi phakathi kwabo siyothi, “ngempela mina nganginomngane”
- Owayethi, “ngakube ngempela wena ungomunye wabakholwayo na
- Ngakube uma sesifile sabawuthuli namathambo ngakube ngempela siyojeziswa”
- Wathi, “Singaya yini ukuyobabona?”
- Ngakho-ke wabheka phansi wambona esesihogweni
- Wathi, “ngoMvelinqangi! Ucishe wangenza ngabhubha”
- Futhi ukube bekungesingenxa yomusa weNkosi yami ngempela bengizokuba ngomunye wabalethiwe
- Ngakube thina angeke sife
- Ngaphandle kokufa kwethu kwasekuqaleni futhi ngakube angeke yini sibe ngabajeziswayo na
- Ngempela lokhu kungukuphumelela okukhulu
- Okufana nalokhu ziyakusebenzela izisebenzi
- Ngakube lokhu kungukujabula okungcono noma yisihlahla sezaQum na
- Ngempela sasenza saba yisivivinyo kwabayizoni
- Ngempela sona siphuma esiqwini sesihogo
- Izithelo zaso zinjengamakhanda osathane
- Ngakho-ke ngempela bona bayodla kusona bagcwalise izisu ngaso
- Besekuthi ngempela okwabo phezulu kwaso kube ngamanzi abilayo
- Besekuthi ngempela ukuphindela kwabo kube semlilweni ovuthayo wesihogo
- Ngempela bona bathola oyise bedukile
- Ngakho-ke bona bashesha ezinyathelweni zabo
- Futhi ngempela ngaphambilini kwabo laduka iningi labasendulo
- Futhi ngempela sabathumela kubona abaxwayisi
- Ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sababexwayisiwe
- Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
- Futhi ngempela uNowa wasibiza, singabaphenduli abangcono kakhulu
- Futhi samsindisa kanye nabantu bakhe ekuhluphekeni okukhulu
- Futhi sayenza inzalo yakhe yaba ngabasalayo
- Futhi samshiyela (udumo) ezizukulwaneni ezilandelayo
- Ukuthula makube kuNowa emihlabeni
- Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
- Ngempela yena ungomunye wezinceku zethu ezikholwayo
- Sabe sesiyabaminzisa abanye
- Futhi ngempela eqenjini lakhe kwakukhona u-Abrahamu
- Khumbula ngenkathi eza eNkosini yakhe ngenhliziyo ephelele
- Khumbula ngenkathi ethi kuyise nakubantu bakhe, “yini eniyikhonzayo na”
- Ngakube ngamanga izithixo enizifisayo esikhundleni sikaMvelinqangi na
- Ngakube yimuphi umcabango wenu ngeNkosi yemihlaba na
- Ngakho-ke wajeqeza izinkanyezi kanye
- Wayesethi, “ngempela mina ngiyagula”
- Ngakho-ke bamfulathela bahamba
- Ngakho-ke waphendukela ezithixweni zabo wayesethi, “Ngakube anidli yini na
- Kungani ningakhulumi na
- Ngakho-ke waphendukela phezulu kwazo, wazishaya ngesandla sokunene
- Manjalo beza kuyena beshesha
- Wathi, “Ngakube nikhonza loko enikuqophayo na
- Kulapho uMvelinqangi anidala kanye nalokho enikwenzayo
- Bathi, “makheleni isakhiwo bese nimposa emlilweni ovuthayo”
- Base bemdalela icebo ngakho-ke sabenza babangabehlisiweyo
- Futhi wathi, “ngempela mina ngiya eNkosini yami izongihola”
- Nkosi yami ngiphe (indodana) kubenzi bokuhle
- Ngakho-ke samnika izindaba ezinhle zomfana obekezelayo
- Manjalo kwathi lapho (indodana yakhe) seyikhule ngokwanele ukuhamba naye wathi, “Oh ndodana yami! Ngempela mina ngibone ephusheni lami ngikunikela, ngakho-ke bheka ubonani, yathi (indodana yakhe) Oh baba wami! Yenza lokho okuphoqwayo, uzongithola ngingowababekezelayo uma uMvelinqangi ethanda
- Ngakho-ke kwathi lapho bobabili sebezinikele (entandweni kaMvelinqangi) esembeke phansi ngesiphongo
- Sammemeza sathi, “Oh Abrahamu!”
- Ngempela uwufezile umbono, ngempela nathi ngokunjalo sibanika umvuzo abenzi bokuhle
- Ngempela lokhu kuwukuvivinywa okucacile
- Futhi samhlenga ngomnikelo omkhulu
- Futhi samshiyela (udumo) kwabanye
- Ukuthula makube ku-Abrahamu
- Sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
- Ngempela yena wayengomunye wezinceku zethu ezikholwayo
- Futhi samnika izindaba ezinhle zika-Isaka kumphrofethi ongomunye wabalungileyo
- Futhi sambusisa yena kanye no-Isaka, futhi enzalweni yabo bobabili kunabenzi bokuhle kanye nabazona bona uqobo lwabo ngokusobala
- Futhi ngempela umusa sawethwesa uMose kanye no-Aroni
- Futhi sabasindisa bobabili kanye nabantu babo bobabili ekuhluphekeni okukhulu
- Futhi sabasiza ngakho-ke bona babangabanqobayo
- Futhi bobabili sabanikeza incwadi ecacile
- Futhi bobabili sabahola endleleni eqondile
- Futhi bobabili sabashiyela (udumo) ezizukulwaneni zangamumva
- Ukuthula makube kuMose naku-Aroni
- Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
- Ngempela bona bobaili babengabanye bezinceku zethu ezikholwayo
- Futhi ngempela u-Elyas wayengomunye wezithunywa
- Ngenkathi ethi kubantu bakhe, “ngakube animesabi yini (uMvelinqangi) na
- Ngakube nimemeza uBali niyeka ongcono kunabo bonke abadali
- UMvelinqangi yiNkosi yenu neNkosi yoyihlo basendulo
- Kepha bamphika ngakho-ke ngempela bona bayolethwa ngaphambili
- Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
- Futhi samshiyela (udumo) ezizukulwaneni zangamumva
- Ukuthula makube ku-Elyas
- Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
- Ngempela yena wayengomunye wezinceku zethu ezikholwayo
- Futhi ngempela uLothi wayengomunye wezithunywa
- Khumbula ngenkathi simsindisa kanye nabantu bakhe bonke
- Ngaphandle kowesifazane omdala (unkosikazi wakhe) owayekanye nabasalele ngemumva
- Sabe sesiyababhubhisa abanye
- Futhi ngempela nina nidlula ngakubona ekuseni
- Nasebusuku, ngakube aninawo yini umqondo
- Futhi ngempela uYunus (uJona) wayengomunye wezithunywa
- Khumbula ngenkathi egijima eya emkhunjini ogcwele
- Manjalo waphonsa inkatho wayeseba ngomunye wabalahlekelweyo
- Ngakho-ke inhlanzi yamgwinya kulapho yena efanelwe ukusolwa
- Kepha ukuba wayengesiyena omunye wabadumisayo
- Ngempela wayezohlala esiswini sayo (inhlanzi) kuze kube wusuku lokuvuka kwabafileyo
- Ngakho-ke samphonsa ogwini olomile kulapho yena egula
- Futhi samilisa isihlahla soselwa phezulu kwakhe
- Futhi samthumela kwabayinkulungwane noma ngaphezulu
- Ngakho-ke bakholwa, sabe sesibanika injabulo okwesikhashana
- Ngakho-ke babuze ngakube okweNkosi yakho ngamadodakazi okwabo ngamadodana na
- Noma sadala izingelosi zabangabesifazane kulapho bona bebhekile
- Ngempela kungamanga abo abakushoyo
- (Ukuthi) Umvelinqangi wazala futhi ngempela bona banamanga
- Wakhetha amadodakazi ngaphezulu kwamadodana na
- Kwenzekani ngani nehlulela kanjani
- Lapho-ke ngeke ukhunjuzwe
- Noma ninegunya elicacile na
- Ngakho-ke lethani incwadi yenu uma kungukuthi nineqiniso
- Futhi benza ubudlelwane phakathi kwakhe namaJinn, futhi ngempela amaJinn azi kahle ukuthi ngempela wona ayolethwa ngaphambili
- Makadunyiswe uMvelinqangi ngaphezulu kwalokho abakuchazayo
- Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
- Ngakho-ke nina kanye nalokho enikukhonzayo
- Angeke nibalinge ngaye
- Ngaphandle kwalowo onqunyelwe ukusha esihogweni
- Futhi akekho namunye wethu ngaphandle kwalowo onendawo eyaziwayo
- Futhi ngempela thina sime ngolayini
- Futhi ngempela thina singabadumisayo
- Futhi babejwayele ukuthi
- Ukube sasinaso isikhumbuzo esinjengesabantu basendulo
- Sasizoba yizinceku zikaMvelinqangi eziqotho
- Kepha abakholelwanga kusona, ngakho-ke bayokwazi
- Futhi ngempela izwi lethu selahamba ngaphambili laya ezincekwini zethu, izithunywa
- Ngempela zona okwazo ukwelekelelwa
- Futhi ngempela amabutho ethu okwawo ukunqoba
- Ngakho-ke suka kubona kuze kube yisikhashana
- Futhi babone ngakho-ke nabo bazobona
- Ngakube yisijeziso sethu abafuna ukuthi sisheshe
- Ngakho-ke uma (isijeziso) sesehlela egcekeni labo ngakho-ke kuyokuba kubi ukusa kulabo abaxwayiswayo
- Ngakho-ke suka kubona kuze kube yisikhashana
- Futhi bheka, ngakho-ke nabo bayobona
- Mayidunyiswe iNkosi yakho, iNkosi yamandla ngaphezulu kwalokho abakuchazayo
- Futhi ukuthula makube phezulu kwezithunywa
- Futhi udumo lungolukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba