36.Yaseen

  1. Ya’ seen
  2. NgeQur’an enobuhlakani
  3. Ngempela wena ungomunye wezithunywa
  4. Endleleni eqondile
  5. Isambulo sophakeme ngamandla onesihawu
  6. Ukuze wexwayise abantu ababengaxwayiswanga oyise ngakho- ke bona abanakile
  7. Ngempela izwi laqiniseka kwabaningi babo kepha bona bakholwa
  8. Ngempela thina sibeke amaketango ezintanyeni zabo afinyelela ezilevini ukuze amakhanda abo abheke phezulu
  9. Futhi sibeke okuvimbelayo ngaphambi kwabo nokumvimbelayo ngemva kwabo sabe sesiyabamboza ukuze bangaboni
  10. Futhi kuyefana kubona noma uyabaxwayisa noma awubaxwayisi angeke bakholwe
  11. Kuphela ungakwazi ukuxwayisa lowo olandela isikhumbuzo futhi owesaba onomusa ongabonwayo, ngakho-ke mnike izindaba ezimnandi ngentethelelo nangomvuzo osezingeni eliphezulu
  12. Ngempela thina siyabaphilisa abafile futhi sikubhala phansi lokho abakubeke ngaphambili kanye (nalokho) okusezinyathelweni zabo futhi zonke izinto sizibhalile emholini ocacile
  13. Futhi benzele isibonelo sabantu bedolobha ngenkathi kufika kulona izithunywa
  14. Ngenkathi sithumela kubona (izithunywa) ezimbili base beyaziphika zombili sabe sesiyabaqinisa ngowesithathu basebethi “ngempela thina sithunyiwe kunina
  15. Bathi (abantu bedolobha) “nina aniyilutho ngaphandle kokuba ngabantu abafana nathi futhi onomusa akazange ambule lutho kuphela nina niqamba amanga”
  16. Zathi (izithunywa) “Inkosi yethu iyazi ukuthi thina siyizithunywa kunina”
  17. Futhi alikho icala kuthina ngaphandle kokudlulisela umyalezo ocacile
  18. Bathi, “ngempela thina sibona ukubikezela okubi kunina uma ningaphezi ngempela sizonikhanda ngamatshe futhi nizothintwa yisijeziso esibuhlungu esivela kuthina”
  19. Zathi (izithunywa), “ukubikezela kwenu kukanye nani ngoba nikhunjuzisiwe kepha nina ningabantu abephula umthetho”
  20. Futhi kwafika indoda ivela engxenyeni ebuqamama yedolobha igijima yathi “Oh Bantu bami! landelani izithunywa”
  21. Landelani labo abangawuceli umvuzo kunina futhi bona bangabaholelwe endleleni elungileyo
  22. Futhi kungani ukuthi ngingamkhonzi lowo owangidalayo futhi niyobubuyiselwa kuyena
  23. Ngakube ngingazithathela omunye uNkulunkulu wamanga esikhundleni sakhe kulapho onomusa ehlose inhlupheko kumina na?, angeke kungisize ngalutho ukungincengela kwabo futhi angeke bangisindise
  24. Ngempela mina ngiyobe ngisekudukeni okucacile
  25. Ngempela mina ngikholiwe eNkosini yenu ngakho-ke ngilaleleni
  26. Kwathiwa, “ngena esivandeni (ezulwini)” wathi, “ngifisa sengathi abantu bami bangazi”
  27. Ngokuthi iNkosi yami ingithethelele futhi yangibeka kanye nabahloniphekileyo
  28. Futhi asiyehliselanga phezulu kwabantu bakhe emva kwakhe impi evela ezulwini futhi kwakungadingeki ukuthi siyithumele
  29. Kwakungeyilutho kepha kwakungumsindo owodwa masinyane babethule du
  30. Oh ukuzisola ebantwini! Kwakungakaze kufike kubona isithunywa ngaphandle kokuthi babesenza inhlekisa
  31. Ngakube ababoni yini ukuthi zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo zona angeke zibuyele kubona
  32. Futhi ngempela bonke-bonke bayolethwa ngaphambili kwethu
  33. Futhi uphawu lwabo umhlaba ofile sawuphilisa sabe sesiveza kuwona uhlamvu kuze badle kulona
  34. Futhi kuwona sazenza izivande zamasundu nezamagilebhisi futhi kuwona sayenza imithombo ukuthi iqhume
  35. Ukuze badle ezithelweni zawo futhi izandla zabo azizitshalanga (izithelo) ngakube ababongi yini na
  36. Udumo malube kulowo owadala kwaba ngakubili kukona konke okuvezwa umhlaba kanye nokohlobo lwabo nakulokho abangakwazi
  37. Futhi uphawu lwabo ubusuku, siyalukhipha usuku kubona kulapho bona besebumnyameni
  38. Futhi ilanga lihamba njalo liya lapho liphelela khona, lokho kungempoqo yophakeme ngamandla oyisazi
  39. Nenyanga siyinqumele izimo ezibonakalayo kuze kube yilapho iphenduka iba njengegatsha lesundu elidala elomile
  40. Akusikhona okwelanga ukuthi lifice inyanga noma ubusuku ukuthi budlule imini futhi konke kuhamba emkhondweni
  41. Futhi uphawu lwabo ukuthi sayithwala inzalo yabo emkhunjini othweleyo
  42. Futhi sibadalele okufana nako, lokhu abakugibelayo
  43. Futhi uma sithanda singabaminzisa ngakho-ke angeke balekelelwe futhi bona angeke bahlengwe
  44. Ngaphandle komusa ovela kuthina kanye nenjabulo yesikhashana
  45. Futhi uma kuthiwa kubona “qaphelani loko okungaphambili kwenu kanye nalokho okungemumva kwenu ukuze mhlawumbe nithole umusa”
  46. Futhi alifiki kubona ivesi emavesini eNkosi yabo ngaphandle kokuba bayalifulathela
  47. Futhi uma kuthiwa kubona “sebenzisani kulokho anabela kona uMveliqangi” labo abangakholwanga bathi kulabo abakholwayo “ngakube singodla lowo okungathi uma ethanda uMvelinqangi amondle?” Anikwiyilutho ngaphandle kokuba sephutheni eligqamile
  48. Futhi bathi, “siyofika nini lesisithembiso uma kungukuthi nina niqinisile?”
  49. Abalindele lutho ngaphandle kokukhala okukodwa okuyobathatha kulapho bona bephikisana
  50. Ngakho-ke angeke bakwazi ukwenza ifa noma ukubuyela ebantwini babo
  51. Futhi liyoshawa icilongo kulapho bona beyophuma emathuneni beshesha bebheke eNkosini yabo
  52. Bayothi, “Oh usizi kuthina! Ngubani lowo osivuse endaweni yethu, lokhu kuyilokhu onomusa akwethembisa nezithunywa zakhuluma iqiniso”
  53. Angeke kube yilutho ngaphandle kokukhala okukodwa kulapho bona bonke beyolethwa ngaphambili kwethu
  54. Ngakho-ke ngalolusuku umphefumulo angeke wenziwe okungenabo ubulungiswa ngalutho futhi angeke ninikwe umvuzo ngaphandle kwaloko enanikwenza
  55. Ngempela izihlali zesivande kulolosuku ziyobamatasatasa ngezinto eziyinjabulo
  56. Bona kanye namakhosikazi abo bayoba semthunzini, bacambalale endaweni ephakeme
  57. Okwabo lapho phakathi yizithelo futhi okwabo kuyoba yinoma ngabe yini abayicelayo
  58. Ukuthula! Izwi elivela eNkosini enesihawu
  59. Futhi hlukanani namuhla Oh nina eniyizoni
  60. Angizange yini nginiphoqe Oh bantwana ba-Adam! Ukuthi ningamkhonzi usathane? Ngempela yena uyisitha senu esigqamile
  61. Nokuthi nikhonze mina? Lena yindlela elungile
  62. Futhi ngempela wadukisa iqembu elikhulu phakathi kwenu ngakube naningenawo yini umqondo
  63. Lesi yisihogo enanethenjiswe sona
  64. Ngenani kusona namhlanje ngenxa yokuthi naningakholwa
  65. Kulolusuku siyayisicilela imilomo yabo futhi izandla zabo zizokhuluma nezinyawo zabo zizofakaza mayelana naloko ababekusebenzela
  66. Futhi ukube besithanda besizosusa amehlo abo bese beyaphuphutheka endleleni bese bebona kanjani
  67. Futhi ukube besithanda besizobaguqula ezindaweni zabo bebengeke besakwazi ukuya phambili nokuphindela emumva
  68. Futhi noma ngabe ngubani esimnika impilo ende simhlehlisela emumva endalweni, ngakube abanawo yini umqondo na
  69. Futhi asimfundisanga ubumbongi futhi akumfanele, yona ayiyilutho ngaphandle kwesikhumbuzo neQur’an ecacile
  70. Ukuze ixwayise noma ngabe ngubani ophilayo futhi kuqiniseke izwi ukubhekana nabangakholwa
  71. Ababoni yini ukuthi sabadalela kuloko okwenziwe yizandla zethu izinkomo abangabanini bazo na
  72. Futhi sabathobisela zona ngakho-ke ezinye phakathi kwazo bayazigibela futhi ezinye phakathi kwazo bayazidla
  73. Futhi banenzuzo kuzona kanye neziphuzo, ngakube ababongi yini na
  74. Futhi esikhundleni sikaMvelinqangi bazithathela izithixo ukuze mhlawumbe bathole usizo
  75. Azikwazi ukubasiza futhi bona kuzona bayibutho elilethwe ngaphambili
  76. Ngakho-ke ayingakuphathi kabi inkulumo yabo ngempela thina siyakwazi lokho abakufihlayo kanye nalokho abakuveza obala
  77. Ngakube umuntu akaboni yini ukuthi samdala ngeconsi lesidoda kulapho yena eyisitha esigqamile
  78. Futhi wasenzela isibonelo wakhohlwa yindalo yakhe wathi, “ngubani onika amathambo impilo uma esewuthuli na?”
  79. Ithi, “uwanika impilo lowo owadalayo ngesikhathi sokuqala futhi yena uyisazi sazona zonke izidalwa”
  80. Lowo owanibekela umlilo esihlahleni esiluhlaza kulapho nina nokhela kuwona
  81. Angeke yini lowo owadala amazulu nomhlaba akwazi ukudala okufana nabo na? Yebo! Yena ungumdali owaziyo
  82. Kuphela, impoqo yakhe, uma ehlose into ethize uthi kuyona “yenzeka” bese iyenzeka
  83. Ngakho-ke udumo malube kulowo esandleni sakhe ekunombuso wezinto zonke futhi niyophindiselwa kuyena