35.The Originator
- Udumo lungolukaMvelinqangi umsunguli wamazulu nomhlaba owenza izingelosi izithunywa ezinamaphiko angambili nangantathu nangane uyakwandisa endalweni lokho akuthandayo, ngempela uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto
- Noma ngabe yini uMvelinqangi ayinikeza abantu emseni ngakho-ke akekho ongayigodla, futhi noma ngabe yini ayigodlayo akekho ongayikhulula ngemva kwakhe futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
- Oh Bantu! khumbulani ububele bukaMvelinqangi kunina, ngakube ukhona yini omunye umdali ngaphandle kukaMvelinqangioninikaisabeloesivelaezulwininasemhlabeni na? Akekho onelungelo lokukhonzwa ngaphandle kwakhe, nimfulathelelani na
- Futhi uma bekuphika ngempela zaziphikwa izithunywa ngaphambilini kwakho futhi ikuMvelinqangi lapho zibuyiselwa khona izindaba
- Oh Bantu! ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso ngakho-ke ayinganikhohlisi impilo yalomhlaba futhi akanganikhohlisi umkhohlisi ngoMvelinqangi
- Ngempela usathane uyisitha senu, ngakho-ke mthatheni njengesitha kuphela umema iqembu lakhe ukuze libengabanye babangane bomlilo
- Labo abangakholwanga okwabo yisijeziso esinzima. Futhi okwalaboabakholwayofuthiabenzaizenzoezinhleezilungileyo yintethelelo kanye nomvuzo omkhulu
- Ngakube lowo owenzelwe izenzo zakhe ezimbi zabukeka zizinhle uzibona zizinhle ngakho-ke ngempela uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo, futhi uholela (endleleni eqondile) lowo amthandayo, ngakho-ke awungaphatheki kabi umphefumulo wakho ngabo, ngempela uMvelinqangi uyisazi ngalokho abakwenzayo
- Futhi nguMvelinqangi othumela imimoya bese iphakamisa amafu bese siwathumela ezweni elifile sivuse ngawo umhlaba emva kokufa kwawo, kunjalo ukuvuswa kokufileyo
- Noma ngabe ngubani ofisa ukuhlonipheka ngakho-ke ukuhlonipheka konke kungokukaMvelinqangi, kuyena kukhuphukelaizwielihlekanyenomsebenziomuhleolungileyo uyalenyusa futhi labo abenza amacebo ngezinto ezimbi okwabo yisijeziso esinzima futhi icebo labo liyashabalala
- Futhi uMvelinqangi wanidala ngothuli kwasekuba ingeconsi lesidoda wayesenenza nabangambili, futhi akekho owesifazane okhulelwe otetayo ngaphandle kolwazi lwakhe futhi akusikona ukuthi umuntu omdala welulelwa iminyaka noma incishiswe iminyaka yakhe kepha kusencwadini ngempela lokho kulula kuMvelinqangi
- Futhi ulwandle olubili alufani lolu luhlwabusile lusashukela luyaphuzeka, loluya lusasawoti luyababa, kulona (lolubili) nidla inyama emnandi (izinhlanzi) futhi nikhipha imihlobiso eniyigqokayo futhi ubona imikhumbi ihamba kulona (ulwandle) ukuze nifune umusa wakhe futhi ukuze mhlawumbe nibonge
- Wenza ukuthi ubusuku bungenele emini futhi wenza ukuthi imini ingenele ebusukwini futhi wenza ukuthi ilanga nenyanga ngakunye kuhambe isikhathi esinqunyiwe, lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu, ubukhosi bungobakhe futhi labo enibamemezayo esikhundleni sakhe abanawo ngisho umucwana wohlamvu lwesundu
- Uma nibamemeza abawuzwa umthandazo wenu futhi noma ngabe bayezwa abakwazi ukuniphendula futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo bayophika ukuzibandakanya kanye nani futhi akekho ongakutshela (lokhu) onjengonolwazi
- Oh Bantu! Nina ningabadinga uMvelinqangi kepha yena uMvelinqangi akadingi lutho ungodunyiswayo
- Uma ethanda anganisusa bese enza indalo entsha
- Futhi lokho kuMvelinqangi akunzima
- Futhi akekho umthwali wemithwalo oyothwala umthwalo womunye futhi uma omunye ethwele okusindayo ubiza omunye ukuthwala umthwalo wakhe, akekho oyothwala ingxenye kuwona ngisho noma ngabe yisihlobo esisondele, kuphela ungabaxwayisa labo abesaba iNkosi yabo engabonwayo futhi abenza umthandazo futhi noma ngabe ngubani ozihlanzayo kuphela uzihlanzela umphefumulo wakhe futhi sikuMvelinqangi isiphetho
- Futhi akefani ongaboni nobonayo
- Ngisho nobumnyama nokukhanya (akufani)
- Ngisho nomthunzi nokushisa kwelanga (akufani)
- Futhi abefani abaphilayo nabafileyo, ngempela uMvelinqangi wenza ukuthi ezwe lowo amthandayo futhi wena awusiyena owenza ukuthi bezwe labo abasemangcwabeni
- Wena awuyilutho ngaphandle kokuba ngumxwayisi
- Ngempela sakuthumela neqiniso njengomlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi, futhi asikho isizwe ekungazange kudlule kusona umxwayisi
- Futhi uma bekuphika ngempela labo ababengaphambilini kwabo baphikwa, zafika kubona izithunywa zabo nezimpawu ezicacile nemibhalo kanye nencwadi ekhanyisayo
- Ngabe sengiyababamba labo ababengakholwa (bheka) ukuthi kwakunjani ukubaphika kwami
- Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni esiveza ngawo izithelo ezinemibala eyizinhlobonhlobo futhi ezintabeni kunezindlela ezimhlophe nezibomvu ezemibala eyehlukehlukene (ezinye) zimnyama kakhulu
- Futhi phakathi kwabantu nasezilwaneni kanye nasezinkomeni kunemibala eyehlukehlukene, kuphela abesaba uMvelinqangi ezincekwini zakhe abanolwazi, ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla ungothethelelayo
- Ngempela labo abayifundayo incwadi kaMvelinqangi benze umthandazo futhi basebenzise (banikele) kulokho esababela kukona esithe nasobala bethembele ohwebweni olungasoze lwashabalala
- Ukuze abakhokhele imivuzo yabo ngokugcwele futhi abanezelele emseni wakhe, ngempela yena uyathethelela uyabonga
- Futhi loko esikwambulile kuwena kwencwadi kuyiqiniso eligcwalisela lokho okungaphambilini kwayo, ngempela uMvelinqangi uyazi uyazibona izinceku zakhe
- Sabe sesibanikeza incwadi njengendlalifa labo esabakhethayo ezincekwini zethu, ngakho-ke phakathi kwabo kunalowo owona umphefumulo wakhe futhi phakathi kwabo kunalowo omaphakathi nendawo futhi phakathi kwabo kunalowo ophambili kunabo bonke ezenzweni ezinhle ngemvume kaMvelinqangi lokho kungumusa omkhulu
- Izivande zangunaphakade abayongena kuzona, lapho phakathi bayohlotshiswa ngezigqizo zegolide nangobuhlalo futhi izingubo zabo lapho phakathi kuyoba ngezikasilika
- Futhi bayothi, “udumo malube kuMvelinqangi okunguyena owasusa usizi kuthina! ngempela iNkosi yethu iyathethelela iyabonga”
- (Inkosi) esihlalise endaweni yokuhlala yangunaphakade, ngomusa wayo futhi lapho phakathi angeke kusithinte ukusebenza futhi lapho phakathi angeke kusithinte ukukhathala
- Futhi labo abangakholwanga okwabo ngumlilo wesihogo, asikho isikhathi esinqunyiwe kubona ukuthi bafe futhi angeke bancishiselwe esijezisweni sawo, sibanika umvuzo kanjalo bonke abangabongi
- Futhi lapho phakathi bayokhalela (usizo) “Nkosi yethu sikhiphe sizokwenza izenzo ezinhle ezilungileyo hhayi lezo esasizenza” asizange yini sininike impilo ende ngokwanele ukuze noma ngabe ngubani owayengayaleka ayaleke na? Futhi wafika kunina umxwayisi, ngakho-ke yizwani abayizoni angeke babenaye umsizi
- Ngempela uMvelinqangi uyisazi sokungabonwayo samazulu nomhlaba ngempela yena uyakwazi lokho okusezifubeni
- Nguyena owanenza ukuba ngabalandelayo ngokuhlala emhlabeni. Ngakho-ke noma ngabe ngubani ongakholwa kukuyena ukungakholwa kwakhe futhi akubanezezeli abangakholwa ukungakholwa kwabo eNkosini yabo ngaphandle kokunengeka futhi akubanezeleli (ngalutho) abangakholwa ukungakholwa kwabo ngaphandle kokulahlekelwa
- Ithi, “ngakube nibabonile yini abahlanganyeli benu labo enibabizayo esikhundleni sikaMvelinqangi na?, Ngikhombiseni ukuthi yini abayidalayo emhlabeni noma ngakube banomhlanganyeli emazulwini na? Noma ngakube sabanikeza incwadi bona basebufakazini obucacile kuyona na? Qhabo! izoni azithembisani lutho ngaphandle kwenkohliso”
- Ngempela uMvelinqangi uyawabamba amazulu nomhlaba ukuthi angasuki endaweni yawo futhi uma esuka endaweni yawo akekho ngisho noyedwa ongawabamba womabili emva kwakhe ngempela yena ngasosonke isikhathi uyabekezela uyathethelela
- Futhi bafunga ngoMvelinqangi izifungo zabo ezinqala ukuthi uma kungase kufike umxwayisi kubona bangaba ngabaholwe kakhulu ngaphezu kwanoma yiziphi izizwe kepha kwathi lapho sekufika umxwayisi kubona abazange banezelelwe yilutho ngaphandle kokukugwema lokho
- Beqhosha emhlabeni futhi benza icebo elibi futhi icebo elibi alimsingathi omunye umuntu ngaphandle kwabantu balo ngakho-ke ngakube kukhona yini abakulindele ngaphandle kwendlela yasemandulo na? Kepha awusoze uyifumane inguquko endleleni kaMvelinqangi futhi awusoze ukufumane ukuchezuka endleleni kaMvelinqangi
- Abazange yini bahambe ezweni babone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababengaphambilini kwabo futhi babeqatha ngamandla kunabo futhi uMvelinqangi akukho lutho elimphunyukayo emazulwini nasemhlabeni futhi yena ngasosonke isikhathi uyazi unamandla okwenza
- Futhi ukube uMvelinqangi wayengase abajezise abantu ngenxa yalokho abakusebenzele wayengeke azishiye izidalwa ezinyakazayo (izilwane) phezu kwawo (umhlaba) kepha ubayekela isikhathi esinqunyiwe ngakho-ke uma kufika isikhathi sabo ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi ungumboni wezinceku zakhe