33.The Clans

  1. Oh Mphrofethi! Yesaba uMvelinqangi futhi ungabahloniphi abangakholwa kanye nabazenzisi, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyisazi unobuhlakani
  2. Futhi landela lokho okwembuliwe kuwena okuvela eNkosini yakho ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyakwazi lokho enikwezayo
  3. Futhi thembela kuMvelinqangi futhi wanele uMvelinqangi njengomqaphi
  4. UMvelinqangi akekho umuntu amenzela izinhliziyo ezimbili ngaphakathi kuyena futhi akazange enze amakhosikazi enu lawoenenzaisehlukanisonawongokuthinithi(enithi) imihlane yawo injengeyomama benu ukuthi angomama benu futhi akazange enze amadodana enu eniwatholile (lawo angenabo abazali) ukuthi angamadodana enu, lokho yinkulumo yenu eniyisho ngemilomo yenu futhi uMvelinqangi ukhuluma iqiniso futhi yena uholela endleleni (eqondile)
  5. Babizeni ngaboyise lokhu kulungile kakhulu kuMvelinqangi kepha uma ningabazi oyise ngakho-ke bangabafowenu enkolweni nabangane benu futhi alikho icala kunina kulokho enenze kukona iphutha ngaphandle kwalokho izinhliziyo zenu ezikuqondile futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  6. Umphrofethi usondele kakhulu kwabakholwayo ngaphezu kwabo uqobo. Futhi amakhosikazi akhe angonina (babakholwayo) futhi izihlobo ngobudlelwano zisondelene ezinye zazo kwezinye ngokwesimemezelo sikaMvelinqangi kunabakholwayo nabafuduki ngaphandle kokuba uma nenze okuhle ebanganeni benu, lokhu kubhaliwe encwadini
  7. Futhi khumbula ngenkathi sithatha kubaprofethi isethembiso sabo nakuwena nakuNowa, uAbrahamu, uMose kanye nakuJesu indodana kaMariya futhi sasithatha kubona isethembiso esinqala
  8. Ukuze abuze abaneqiniso ngeqiniso labo futhi wabalungiselela abangakholwayo isijeziso esibuhlungu
  9. Oh Nina! EnikholwayokhumbulaniububelebukaMvelinqangi kunina ngenkathi kufika amabutho empi kunina. Ngakho- ke sathumela kuwona umoya namabutho empi eningazange niwabone futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyakubona lokho enikwenzayo
  10. Khumbula ngenkathi befika kunina beqhamuka ngaphezulu kwenu nangaphansi kwenu nangenkathi kunqundeka amehlo nezinhliziyo zilulekela emiphinjeni futhi nacabanga ngoMvelinqangi imicabango emibi
  11. Laphaya balingwa abakholwayo futhi banyakaziswa ukunyakaziswa okunzima
  12. Futhi khumbula ngenkathi abazenzisi kanye nalabo ezinhliziyweni zabo okunesifo bethi, ‘’akasethembisanga lutho uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngaphandle kwenkohliso.”
  13. Futhi khumbula nangenkathi iqembu labo lithi, “Oh Bantu baseYathrib! Aninayo indawo yokuma ngakho-ke phindelani emumva” futhi iqembu lacela imvume kumphrofethi lathi, “ngempela izindlu zethu zisobala” futhi (izindlu zabo) zazingavele obala kuphela babefisa ukubaleka
  14. Futhi ukube babengene kubona beqhamuka kuzona zonke izinhlangothi (zedolobha) bese becelwa ukuba bahlasele ngempela babezokwenza lokho futhi babengeke bangabaze ngako ngaphandle nje kokungabaza okuncane
  15. Futhi ngempela basenza isethembiso kuMvelinqangi ngaphambilini ukuthi angeke bayiphendule imihlane (yabo) ngasosonke isikhathi isethembiso sikaMvelinqangi siyabuzwa
  16. Ithi akusoze kwanisiza ukubaleka uma nibalekela ukufa noma ukubulawa futhi angeke nijatshuliswe ngaphandle kwesikhashana
  17. Ithi ngubani lowo onganivikela kuMvelinqangi uma eqonde ukunenza okubi noma eqonde ukuba nomusa kunina na? futhi angeke babatholele umvikeli nomsizi ngaphandle kukaMvelinqangi
  18. UMvelinqangi uyabazi phakathi kwenu labo abavimbela abanye kanye nalabo abathi kubafowabo, “wozani kuthina” futhi abayi empini ngaphandle kokuya kancane
  19. Balusizi kunina kepha uma kufika ukwesaba ubabona bekubukile amehlo abo ephenduka njengalowo owesaba ukufa, kepha uma ukwesaba sekuphelile banintinyela ngezilimi ezihlabayo belangazelela izinto ezinhle labo abakholwa ngakho-ke uMvelinqanga wenza imisebenzi yabo yaba yize leze, futhi ngasosonke isikhathi lokho kulula kuMvelinqangi
  20. Bacabanga ukuthi izinhlangano zempi azihambanga, futhi uma izinhlangano zempi zingase zibuye bangafisa ukuthi bona babesogwadule kanye nezihlali zasogwadule (ama-Arabhu) bebuza mayelana nezindaba zenu futhi ukube babephakathi kwenu babengeke balwe ngaphandle kokulwa okuncane
  21. Ngempela esithunyweni sikaMvelinqangi ninesibonelo sekhethelo (ekufanele nisilandele) kulowo owethembela kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi lowo okhumbula uMvelinqangi kaningi
  22. Futhi kwathi lapho amakholwa ezibona izinhlangano athi, “lokhu yilokhu esathenjiswa kona nguMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi uMvelinqangi nesithunywa sakhe bakhuluma iqiniso, futhi akuzange kubanezelele ngalutho ngaphandle kokukholwa nokuzinikela
  23. Phakathi kwabakholwayo kunamadoda akuqinisekisayo lokho avumelene noMvelinqangi ngako, ngakho-ke phakathi kwabo kunalowo osifezayo isivumelwano sakhe futhi phakathi kwabo kunalowo olindile futhi abazange baguqule (lutho)
  24. Ukuze uMvelinqangi abanikeze umvuzo abaneqiniso ngeqiniso labo bese ebajezisa abazenzisi uma ethanda noma abathethelele, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyathethelela unesihawu
  25. Futhi labo abangakholwanga uMvelinqangi wabaphindisela emumva entukuthelweni yabo, abazange bakuthole okuhle futhi uMvelinqangi wabanela abakholwayo ekulweni futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi unamandla, uphakeme ngamandla
  26. Futhi wabehlisela phansi labo ababeseka phakathi kwabantu bencwadi besezinqabeni zabo futhi wafaka uvalo ezinhliziyweni zabo, iqembu nalibulala elinye iqembu nalithumba
  27. Futhi wanenza izindlalifa zezwe, labo nezindlu zabo nengcebo yabo kanye nomhlaba eningakaze niwunyathele futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi unamndla ngaphezu kwezinto zonke
  28. Oh Mphrofethi! Ithi emakhosikazini akho,”uma nina nifisa impilo yalomhlaba nobuhle bayo ngako-ke wozani ngizoninika isabelo futhi ngizonikhulula ukunikhulula okuhle.”
  29. Futhi uma nina nifuna uMvelinqangi nesithunywa sakhe nendawo yokuhlala yempilo ezayo ngakho-ke ngempela 2 uMvelinqangi wabalungiselela abenzi bokuhle phakathi kwenu umvuzo omkhulu
  30. Oh Makhosikazikamphrofethi! Nomangabengubaniphakathi kwenu owenza isono esicacile uyophindelwa kabili isijeziso futhi ngasosonke isikhathi lokho kulula kuMvelinqangi
  31. Futhi noma ngabe ngubani phakathi kwenu nina abesifazane (amakhosikazi kamphrofethi) aqotho kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe futhi lowo owenza izenzo ezilungileyo sizomupha umvuzo wakhe ophindwe kabili futhi owesifazane simlungiselele isabelo esisezingeni eliphezulu
  32. Oh Makhosikazi kamphrofethi! anifani ngisho noyedwa wamanye amakhosikazi uma nimesaba uMvelinqangi ningathambi enkulumweni, hleze lowo okunesifo enhliziyweni yakhe abanethemba kepha khulumani inkulumo ngendlela ehloniphekile
  33. Futhi hlalani ezindlini zenu, futhi ningazivezi njengokuziveza kwezikhathi zokungazi zasendulo futhi yenzani umthandazo nikhokhe izakaah (ingxenye yemali ekhokhwa kwabampofu) futhi nihloniphe uMvelinqangi nesithunywa sakhe, kuphela uMvelinqangi uthanda ukususa izenzo ezimbi kunina Bantu bomndeni futhi anihlanze ngokuhlanzwa okuphelele
  34. Futhi khumbulani lokho okufundwa ezindlini zenu okungamavesi kaMvelinqangi nobuhlakani, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi umnene uyazi
  35. Ngempela abesilisa abazinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi nabesifazane abazinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi, nabakholwayo besilisa, nabakholwayo besifazane, nabesilisa abaqotho (kuMvelinqangi) nabesifazane abaqotho(kuMvelinqangi) nabesilisa abaneqinisonabesifazane abaneqiniso, nabesilisa ababekezelayo nabesifazane ababekezelayo, nabesilisa abazithobile nabesifazane abazithobile, nabesilisa abaphanayo nabesifazane abaphanayo, nabesilisa abazilayo nabesifazane abazilayo, nabesifazane abazigcinayo izitho zabo zomzimba zangasese, nabesilisa abamkhumbulayo uMvelinqangi kaningi nabesifazane abamkhumbulayo uMvelinqangi kaningi, uMvelnqangi wabalungiselela intethelelo kanye nomvuzo omkhulu
  36. Futhi akusikona okowesilisa okholwayo nowesifazane okholwayo ukuthi uma uMvelinqangi nesithunywa sakhe benquma udaba babenokukhetha odabeni lwabo futhi noma ngabe ngubani ongamhloniphi uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngempela uduke ukuduka okucacile
  37. Futhi (khumbula) ngenkathi uthi kulowo uMvelinqangi ayemethwese umusa nawe wamethwesa umusa, “gcina unkosikazi wakho kuwena futhi yesaba uMvelinqangi futhi ukufihle kuwena lokho uMvelinqangi akuveza obala futhi wesaba abantu, uMvelinqangi ufaneleke kakhulu ukuba umesabe” ngakho-ke kwathi lapho uZaid eseqedile ngaye owesifazane engasamdingi sakushadisa naye owesifazane ukuze kungabikhona ubunzima kwabakholwayo mayelana (nemishado) yamakhosikazi amadoda abo uma engawadingi (amakhosikazi awo) futhi ngasosonke isikhathi umthetho kaMvelinqangi awugcwaliseke
  38. Abukho ubunzima kumphrofethi kulokho uMvelinqangi amnqumela kona, yindlela kaMvelinqangi kulabo asebadlula ngaphambilini futhi ngasosoke isikhathi impoqo kaMvelinqangi udaba olumisiwe
  39. Labo abadlulisela imiyalezo kaMvelinqangi futhi bamesabe bangesabi ngisho namunye ngaphandle kukaMvelinqangi futhi uMvelinqangi wanele ekwahluleleni
  40. UMuhammad akasiyena uyise wamadoda enu, kepha uyisithunywa sikaMvelinqangi nesisicilelo sabaphrofethi futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyisazi sazozonke izinto
  41. Oh Nina enikholwayo! khumbulani uMvelinqangi ngenkumbulo eningi
  42. Futhi mdumiseni ekuseni nakusihlwa
  43. Nguyena owethumela izibusiso kunina kanye nezingelosi zakhe ukuze anikhiphe ebumnyameni anilethe ekukhanyeni futhi ngasosonke isikhathi unesihawu kwabakholwayo
  44. Isibingelelo sabo ngosuku abayohlangana ngalo naye kuyoba ukuthi ukuthula futhi ubalungiselele umvuzo osezingeni eliphezulu
  45. Oh mphrofethi! ngempela thina sakuthumela njengofakazi nomlethi wezindaba ezimmnandi nomxwayisi
  46. Nanjengommemeli kuMvelinqangi ngemvume yakhe nanjengelambu elikhanyayo
  47. Futhi tshela abakholwayo izindaba ezimnandi ukuthi okwabo okuvela kuMvelinqangi ngumusa omkhulu
  48. Futhi ungabahloniphi abangakholwa kanye nabazenzisi futhi ungabanaki futhi yethembela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi wanele njengomhleli wezindaba
  49. Oh Ninaenakholwayo! umanishadanabesifazaneabakholwayo bese nenza isehlukaniso nabo ngaphambi kokuba nibathinte ngakho-ke aninaso isikhathi ekufanele nisibale mayelana nabo abesifazane ngakho-ke banikezeni okubathokozisayo bese niyabakhulula ukubakhulula okuhle
  50. Oh mphrofethi! ngempela thina sawenza avumeleka kuwena amakhosikazi akho lawo owawanika izipho zawo zomshado kanye nalawo asesandleni sakho sokudla kulawo uMvelinqangi akunike wona kanye namadodakazi abafowaboyihlo namadodakazi obabekazi bakho namadodakazi kamalume wakho namadodakazi kadadewabo kamama wakho, lawo afuduka kanye nawe nonkosikazi okholwayo uma owesifazane ezinikela kumphrofethi uma umphrofethi efisa ukushada naye ngokwakho kuphela ngaphandle kwabakholwayo ngempela siyakwazi esibanqumela kona mayelana namakhosikazi abo kanye nalabo abasezandleni zabo zokudla (izigqila) ukuze kungabibikho ubunzima kuwena futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ungothethelelayo, onesihawu
  51. Ungambuyisela eceleni noma ngabe ngubani omthandayo kubona abesifazane futhi ungazithathela wena noma ngabe ngubani omthandayo kanye nalowo omfisayo phakathi kwalabo obabuyisele eceleni ngakho-ke alikho icala kuwena, lokho kungcono kakhulu ukuze baduduzeke futhi bangaphatheki kabi bonke bathokoze ngalokho obanika kona futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho okusenhliziyweni zenu futhi uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyazi uyabekezela
  52. Akavumelekile kuwena amakhosikazi emva kwalokho noma ukuwashintsha ngamanye amakhosikazi yize noma ngabe bukuheha ubuhle bawo ngaphandle kwalabo abasesandleni sakho sokudla (izigqila) futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ungumqapheli phezu kwezinto zonke
  53. Oh nina enikholwayo! ningangeni ezindlini zomphrofethi ngaphandle kokuba uma ninikiwe imvume yokuzodla (akungafikwa ngokushesha ukuze) kungalindwa ukulungiswa kwako, kepha uma nimenywa ngakho-ke ngenani, uma senidlile hlakazekani (hambani) futhi ningabi ngabahlalayo abalindainkulumongempelalokhokuyamhluphaumphrofethi unamahloni (ukunitshela ukuthi nihambe) ngakho-ke uMvelinqangi akanawo amahloni ngeqiniso futhi uma nicela okuthize emakhosikazini (kamphrofethi) ngakho-ke waceleni ningemumva kwesahlukaniso lokho kumsulwa kakhulu ezinhliziyweni zenu nasezinhliziyweni zawo (amakhosikazi kamphrofethi) futhi akufanele ukuthi nisihluphe isithunywa sikaMvelinqangi futhi ningashadi namakhosikazi aso emva kwaso nanini ngempela lokho kuMvelinqangi kukhulu
  54. Uma nikuveza obala okuthize noma nikufihla ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyisazi sazo zonke izinto
  55. Alikho icala kuwona (amakhosikazi kamphrofethi) kobaba bawo nasemadodaneni awo nakubafowabo nasemadodaneni abafowabo nasemadodaneni odadewabo nabesifazane babo nakulabo abasezandleni zawo zokudla (izigqila) futhi yesabani uMvelinqangi makhosikazi kamphrofethi, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi ungufakazi phezu kwezinto zonke
  56. Ngempela uMvelinqangi kanye nezingelosi bathumela izibusiso kumphrofethi, Oh Nina enikholwayo! mceleleni izibusiso (kuMvelinqangi) futhi nimbingelele ngesibingelelo esifanelekileyo
  57. Ngempela labo abahlupha uMvelinqangi nesithunywa sakhe uMvelinqangi ubaqalekisile kulomhlaba nasempilweni ezayo futhi wabalungiselela isijeziso esijabhisayo
  58. Futhi labo abahlupha abakholwayo besilisa nabesifazane ngokungafanelekile bathwele icala elinga mahloni nesono esicacile
  59. Oh mphrofethi! yithi emakhosikazini akho nasemadodakazini akho nasemakhosikazini amakholwa mabazemboze ngezembatho zabo (kusukela ekhanda kuya ezinyaweni), lokho kugcono kakhulu ukuze abesifazane (abakholwayo) baziwe bangahlushwa futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyathethelela, unesihawu
  60. Uma abazenzisi kanye nalabo ezinhliziyweni zabo ekunesifo nabasakazi bezindaba eziyamanga eMadina bengaphezi sizokwenza ukuthi ubanqobe bese bengabe besaba ngomakhelwane bakho khona (eMadina) ngaphandle kwabambalwa
  61. Baqalekisiwe noma ngabe yikuphi lapho befunyanwa khona mababanjwe futhi babulawe ngokubulawa okuphelele
  62. Yinqubomgomo kaMvelinqangi kulabo asebadlula ngaphambilini futhi awusoze wayithola inguquko kwinqubomgomo kaMvelinqangi
  63. Abantu bayakubuza mayelana nehora ithi, “ulwazi lwalo lukuMvelinqangi kuphela” futhi yini ekwenza wazi ukuthi ngempela iHora lisondele na
  64. Ngempela uMvelinqangi wabaqalekisa abangakholwa futhi wabalungiselela umlilo ovuthayo
  65. Bayohlala kuwona ingunaphakade, angeke bamthole umvikeli nomelekeleli
  66. Ngosuku lapho ubuso babo buyobe buguqulwe emlilweni bayothi, “Oh sifisa sengathi samhlonipha uMvelinqangi futhi sasihlonipha isithunywa!”
  67. Futhi bayothi, “Nkosi yethu ngempela sazihlonipha iziphathimandla zethu kanye nabadala bethu ngakho-ke basidukisa endleleni”
  68. Nkosi yethu banikeze isijeziso esiphindiwe kabili futhi ubaqalekise ngesiqalekiso esikhulu
  69. Oh Nina enikholwayo! ningabi njengalabo ababehlupha uMose ngakho-ke wayesemkhipha uMvelinqangi kulokho ababekusho futhi wayehloniphekile kuMvelinqangi
  70. Oh Nina enikholwayo! yesabani uMvelinqangi futhi nikhulume inkulumo eqondile
  71. Uyonilungiselela imisebenzi yenu futhi anithethelele izono zenu futhi noma ngabe ngubani ohlonipha uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngempela uzuze impumelelo enkulu
  72. Ngempela sanikela ukwethembela emazulwini nasemhlabeni nasezintabeni kepha (konke) kwenqaba ukukuthwala futhi kwakwesaba, kepha umuntu wakuthwala ngempela yena (umuntu) ngasosonke isikhathi akanabo ubulungiswa, akanalo ulwazi
  73. Ukuze uMvelinqangi ajezise abazenzisi besilisa nabesifazane nabakhonza izithombe besilisa nabesifazane futhi uMvelinqangi uyophendukela kwabakholwayo besilisa nabesifazane ngentethelelo futhi uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyathethelela, unesihawu