32.The Prostration

  1. ALIF LAAM MEEM
  2. Isambulo sencwadi ekungenakungabaza kuyo ivela eNkosini yemihlaba
  3. Noma bathi wayiqamba qhabo! Yona iyiqiniso elivela eNkosini yakho ukuze uxwayise abantu ekungazange kufike kubona umxwayisi ngaphambilini kwakho, ukuze baholeleke (endleleni eqondile)
  4. UMvelinqangi nguyena owadala amazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili ngezinsuku eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi, aninaye omunye umvikela nomncengeli ngaphandle kwakhe anikhumbuli yini na
  5. Uhlela udaba kusuka ezulwini kuya emhlabeni bese elukhuphukisela kuyena ngosuku, isilinganiso sako esiyiminyaka eyinkulungwane njengoba nibala
  6. Leso yisazi sokungabonwayo kanye nokubonwayo esiphakeme ngamandla esinesihawu
  7. Okunguyena owenza zazinhle kakhulu izinto azidalayo wayesesungula indalo yomuntu ngothuli
  8. Wayesenza inzalo yakhe ngesidoda esiyamanzi anyanyekayo (akhululwa ngumuntu wesilisa nowesifazane uma besesimweni sokuhlangana)
  9. Wayesemenza ngendlela efanelekile waphefumulela kuyena ngomphefumulo wakhe futhi wanenzela ukuzwa (amadlebe) nokubona (amehlo) nezinhliziyo kuncane lokho enikubongayo
  10. Futhi bathi, “Uma sesidukile emhlabeni ngakube siyoba yindalo entsha yini na?” kepha bona bayakuphika ukuhlangana neNkosi yabo
  11. Ithi, “izokwenza ukuthi nife ingelosi yokufa okuyiyona ebekelwe ukuthi inigade bese nibuyiselwa eNkosini yenu”
  12. Futhi uma ungazibona izoni zigobise amakhanda azo ngaphambili kweNkosi yazo (zithi), “Nkosi yethu sibonile futhi sizwile ngakho-ke siphindisele emumva sizokwenza imisebenzi emihle elungileyo ngempela singamakholwa ngokuqinisekileyo
  13. Ukuba sasithanda sasizonikeza yonke imiphefumulo ukuholwa kwayo kepha izwi eliyiqiniso livela kuthina ukuthi siyogcwalisa isihogo ngamaJinn kanye nabantu ndawonye
  14. Ngakho-keyizwaningenxayokuthinakukhohlwaukuhlangana ngalolusuku lwenu ngempela (nathi) sinikhohliwe futhi yizwani isijeziso esingapheliyo ngenxa yalokho enanikwenza
  15. Kuphela abakholelwa emavesini ethu yilapho okuthi uma bekhunjuziswa ngawo bawe phansi bazithobe futhi badumise ukuphakama kweNkosi yabo kulapho bona bengazigabisi
  16. Izinhlangothi zabo zishiya imibhede (yabo) bememeza iNkosi yabo ngokwesaba nangethemba futhi basebenzisa (banikela) kulokhu esibabele kona
  17. Ngakho-ke awukho umphefumulo owaziyo ukuthi yini eyifihlelwe bona engumvuzo othokozisa ihlo ngenxa yalokho ababekwenza
  18. Ngakube lowo oyikholwa uyefana yini nalowo oyisaphulamthetho na? Cha abalingani
  19. Futhi labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo okwabo yizivande zokuhlala njengenjabulo ngenxa yalokho ababekwenza
  20. Futhi labo abephula umthetho indawo yabo yokuhlala kuyoba ngumlilo. Ngasosonke isikhathi uma befisa ukuphuma kuwona bayophindiselwa phakathi kuwona futhi kuyothiwa kubona yizwani isijeziso somlilo okuyisona nina enanisiphika
  21. Futhi ngempela siyobazwisa isijeziso esincane ngaphambi kwesijeziso esikhulu ukuze (bayeke ukona)
  22. Futhi ngubani ongalungile kakhulu kunalowo okhunjuziswa ngamavesi eNkosi yakhe bese eyawafulathela ngempela siyoziphindisela kwabayizoni
  23. Futhi ngempela samnikeza uMose incwadi ngakho-ke ningabi sekungabazeni ekuhlanganeni nayo futhi sayenza yaba ukuhola kubantwana bakwa Israyeli
  24. Futhi sabeka abaholi phakathi kwabo abahola ngempoqo yethu kulapho bebekezela futhi babeqinisekile ngamavesi ethu
  25. Ngempela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo ngalokho ababephikisana kukona
  26. Akusikona yini ukuholwa kubona ukuthi zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo abahamba ezindlini zazo, ngempela kulokho kunezimpawu, ngakube abezwa yini na
  27. Ababoniyiniukuthisathumelaamanziemhlabeniongugwadile sabe sesiveza ngawo izitshalo ezidliwa yimfuyo yabo kanye nabo, ngakube ababoni yini na
  28. Futhi bathi “luyofika nini usuku lokwahlulela uma kungukuthi nina niqinisile na
  29. Ithi, “usuku lokwahlulela angeke lube lusizo kulabo abangakholwa (noma ngabe) bekholwa futhi angeke banikwe ithuba”
  30. Ngakho-ke qhelelana nabo bese uyalinda ngempela bona bangalindileyo