31.Luqman

  1. ALIF LAM MEEM
  2. Lawa ngamavesi encwadi enobuhlakani
  3. Ukuholwa nomusa kwabenzi bokuhle
  4. Labo abenza umthandazo futhi abakhokha izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) futhi bona baqinisekile ngokukholelwa empilweni ezayo
  5. Labo-ke basekuholweni okuvela eNkosini yabo futhi labo bangabaphumeleleyo
  6. Futhi phakathi kwabantu kunalowo othenga inkulumo eyize ukuze adukise (ngayo abantu) endleleni kaMvelinqangi ngaphandle kolwazi futhi ayenze inhlekisa, labo-ke okwabo yisijeziso esidumazayo
  7. Futhi uma efundelwa amavesi ethu uyafulathela ngokuzigqaja kube sengathi angakwenza kube sengathi ezindlebeni zakhe zombili kunobuthuli ngakho-ke mtshele ngesijeziso esibuhlungu
  8. Ngempela labo abakholwayo futhi abenza imisebenzi emihle okwabo yizivande zenjabulo
  9. Bahlale khona ingunaphakade, isethembiso sikamvelinqangi siyiqiniso futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
  10. Wadala amazulu angenazo izisekelo enizibonayo futhi wabeka izintaba emhlabeni hleze uzamazame nani futhi wasakaza kuwona zonke izihlobo zezilwane futhi sehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni sabe sesikhulisa kuwona zonke izihlobo (zezithombo) ezingambili ezinhle
  11. Lena yindalo kaMvelinqangi ngakho-ke ngikhombiseni ukuthi badalani labo ngaphandle (kwendalo) yakhe, qhabo izoni zisekudukeni okugqamile
  12. Futhi ngempela samupha ubuhlakani uLuqman ukhuthi makabonge uMvelinqangi futhi noma ngabe ngubani obangayo kuphela ubongela umphefumulo wakhe futhi noma ngabe ngubani ongabongi ngakho-ke ngempela uMvelinqangi akadingi lutho ufanelwe ukudunyiswa
  13. Futhi (khumbula) ngenkathi uLuqman ethi endodaneni yakhe ngenkathi eyeluleka “Oh ndodana yami! Ungamenzeli uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni ngempela ukwenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni kungukona okukhulu ngempela”
  14. Futhi samyala umuntu ukuthi enze okuhle kubona bobabili abazali bakhe, unina wayemkhulelwa ngobuthakathaka nangobunzima phezu kobuthakathaka nobunzima, ukukhumulwa kwakhe (ebeleni) kuseminyakeni emibili, bonga mina (Mvelinqangi) kanye nabazali bakho bobabili kukumina ukufinyelela kokugcina
  15. Futhiumabezabalazakanyenaweukukwenzaukuthiungenzele abahlanganyeli ekungikhonzeni lokho ongenalo ulwazi ngako ngakho-ke bobabili ungabahloniphi futhi gcina ubudlelwano obumnene nabo bobabili kulomhlaba futhi landela indlela yalowo ozisolayo kumina ngakho-ke kukumina ukuphindela kwenu bese nginitshela ngalokhu ananikwenza
  16. Oh ndodana yami! Noma ngabe yini engangesisindo sohlamvu lwemastad noma ngabe kusedwalweni noma kusemazulwini noma kusemhlabeni uMvelinqangi uyoza nako, ngempela uMvelinqangi umnene uyazi
  17. Oh Ndodana yami! Yenza umthandazo futhi wenze okuhle okulungileyo wenqabele okubi futhi ubekezelele noma ngabe yini ekuvelelayo ngempela lokho ngeminye yemiyalezo (yezeluleko) ezibalulekile
  18. Futhi ungabuphenduleli ubuso bakho kubantu ngokwedelela Futhi ungahambi ezweni ngokuqholosha ngempela uMvelinqangi akabathandi bonke abaqholoshayo abazidlayo
  19. Futhi zithobe ekuhambeni kwakho futhi wehlise izwi lakho (uma ukhuluma) ngempela ukubhonga okubi kakhulu ukubhonga kwembongolo
  20. Aniboni yini ukuthi uMvelinqangi wenza noma yini esemazulwini yanithobela nanoma yini esemhlabeni futhi waphelelisa umusa wakhe phezu kwenu ngokugqamile nangokufihlekile futhi phakathi kwabantu kunalowo owenza impikiswano ngoMvelinqangi Ngaphandle kolwazi noma ngokuholwa noma ngencwadi ekhanyayo
  21. Futhi uma kuthiwa kubona landelani lokho okwembulwa nguMvelinqangi bathi qha silandela lokho esafica obaba bethu bekukona yize noma ngabe usathane ebamemela esijezisweni somlilo nizobalandela na
  22. Futhi noma ngabe ngubani othobisa ubuso bakhe kuMvelinqangi futhi yena engumenzi wokuhle ngempela ubambelele esibambelelweni esiqinile futhi sikuMvelinqangi isiphetho sezindaba
  23. Futhi noma ngabe ngubani ongakholwa akungakuphakathi kabi ukungakholwa kwakhe, kukuthina ukubuyela kwabo bese sibatshela ngalokho abebekwenza ngempela uMvelinqangi uyisazi salokho okusezifubeni
  24. Sibathokozisa okwesikhashane bese sibaphoqelela esijezisweni esinzima
  25. Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owadala amazulu nomhlaba? Ngempela bayothi “nguMvelinqangi” ithi udumo malube kuMvelinqangi kepha iningi labo alazi
  26. IngelikaMvelinqangi noma ngabe yini esemazulwini nasemhlabeni ngempela uMvelinqangi akadingi lutho ufanelwe ukudunyiswa
  27. Futhi ukube zonke izihlahla emhlabeni zazingamapeni, nolwandle nezinye izilwandle eziyisikhombisa ezenezeleliwe emva kwalo (njengoyinki wokubhala amazwi kaMvelinqangi) amazwi ka Mvelinqangi ayengeke aphelele. Ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  28. Ukudalwa kwenu nokuvuswa kwenu kwabafileyo akuyilutho kepha kunjengomphefumulo owodwa, ngempela uMvelinqangi uyezwa uyabona
  29. Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wenza ukuthi ubusuku bungene osukwini futhi wenza ukuthi usuku lungene ebusukwini futhi wenza ilanga nenyanga ngakunye kuhamba kuze kube yisikhathi esinqunyiwe nokuthi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikwenzayo na
  30. Lokhu kungenxa yokuthi uMvelinqangi uyiqiiso nokuthi konke lokho abakumemezayo esikhundleni sakhe kungamanga nokuthi yena uphakeme, mkhulu
  31. Awuboni yini ukuthi imikhumbi ihamba olwandle ngomusa kaMvelinqangi ukuze anikhombise okunye kwezimpawu zakhe na? Ngempela kulokho kunezimpawu kubona bonke ababekezelayo, ababongayo
  32. Futhi uma bembozwa yigagasi libanjengomthunzi bamemeza uMvelinqangi beqotho kuye ngokholo, kepha uma esebasindisile wababeka emhlabathini, ngakho-ke phakathi kwabo kunalabo abamaphakathi (abanqikazayo ukuthi iyiphi indlela ekufanele bayilandele) futhi abekho abawaphikayo amavesi ethu ngaphandle kwabo bonke abasalela ngemumva abangabongi
  33. (Oh Bantu! Yesabani iNkosi yenu futhi nesabe usuku lapho engekho ubaba oyokwezuzela indodana yakhe futhi ayikho indodana eyokwezuzela uyise utho, ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso ngakho-ke ningayivumeli impilo yalomhlaba inikhohlise futhi ningamvumeli umkhohlisi omkhulu usathane) anikhohlise ngoMvelinqangi
  34. Ngempela uMvelinqangi unolwazi lwehora futhi wehlisela phansi imvula futhi uyakwazi lokho okusezizalweni futhi akekho noma munye owaziyo ukuthi uzotholani kusasa. Futhi akekho owaziyo ukuthi uyofela komuphi umhlaba. Ngempela uMvelinqangi uyazi, welumukile