30.The Romans

  1. ALIF LAM MEEM
  2. AbaseRoma banqontshwa
  3. Ezweni eliseduzane futhi bona emva kokuhlulwa kwabo bayonqoba
  4. Eminyakeni emibalwa, isinqumo singesikaMvelingangi ngemuva nangaphambili futhi ngalolosuku amakholwa ayojabula
  5. Ngenxa yosizo lukaMvelinqangi usiza noma ngabe ngubani amthandayo futhi yena uphakeme ngamandla unesihawu
  6. Isethembiso sika Mvelinqangi, uMvelinqangi akasephuli isethembiso sakhe kepha iningi labantu alazi
  7. Bazi okubonakalayo kwempilo yalomhlaba, futhi bona abayinakile impilo ezayo
  8. Abacabangi yini uqobo lwabo ukuthi uMvelinqangi akawadalanga amazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili. Ngaphandle kweqiniso nangokwesikhathi esimisiweyo na? futhi ngempela iningi labantu liyiziphiki ngokuhlangana neNkosi yabo
  9. Abahambanga yini emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphethosalaboababengaphambilinikwabona?Babenamandla ngaphezu kwabo futhi babewulima umhlabathi futhi bahlala kuwona isikhathi eside ngokwedlulele kunokuhlala kwalaba, futhi zafika kubona izithunywa zabo nezimpawu ezicacile, ngakho-ke kwangungesiyena uMvelinqangi owenza okungalungile kubona kepha yimiphefumulo yabo eyenza okungalungile
  10. Khona manjalo isiphetho salabo ababenza okubi sasisibi ngokuba babewaphika amavesi kaMvelinqangi futhi babewenza inhlekisa
  11. UMvelinqangi usungula indalo bese eyiphinda bese nibuyiselwa kuyena
  12. Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora izoni ziyopheleliswa ngethemba
  13. Futhi angeke babenabo abakhulumeli phakathi kwezithixo zabo futhi bayoziphika izithixo zabo
  14. Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora, ngalolosuku bayohlukaniswa
  15. Ngakho-ke labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo bayokuba sengadini yentokozo
  16. Futhi labo abangakholwanga abaphika amavesi ethu kanye nokuhlangana kwempilo ezayo labo bayolethwa esijezisweni
  17. Ngakho-ke udumo malube kuMvelinqangi ngenkathi ningena kusihlwa nangenkathi ningena ekuseni
  18. Futhi udumo lungolwakho emazulwini nasemhlabeni nasebusuku nasemini
  19. Uveza ophilayo kofileyo futhi uveza ofile kophilayo futhi uphilisa umhlaba emva kokufa kwawo futhi niyovezwa kanjalo
  20. Futhi olunye lwezimpawu zakhe (uMvelinqangi) ukuthi wanidala ngothuli kwase kuthi uma nina seningabantu nahlakazeka
  21. Futhi olunye lwezimpawu zakhe ukuthi wanidalela amakhosikazi phakathi kwenu ukuze niphumule kuwona futhi phakathi kwenu wabeka uthando nomusa, ngempela kulokho kunezimpawu (nezifundo) ebantwini abacabangayo
  22. Futhi olunye lwezimpawu zakhe yindalo yamazulu nomhlaba nokwehlukahlukana kwezilimi zenu kanye nemibala yenu, ngempela kulokho kunezimpawu kwabafundile
  23. Futhi olunye lwezimpawu zakhe ukulala kwenu ebusuku nasemini nokufuna kwenu ububele bakhe, ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abezwayo
  24. Futhi oluye lwezimpawu zakhe ukuthi unikhombisa umbani wokwesaba nowokunika ithemba futhi wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni bese ephilisa ngayo umhlaba emva kokufa kwawo, ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abanomqondo
  25. Futhi olunye lwezimpawu zakhe wukuthi izulu nomhlaba kumile ngomyalelo wakhe kuyothi uma enibiza ubizo olulodwa emhlabeni bheka! Nina niyoza
  26. Futhi ungowakhe noma ngabe ngubani osemazulwini nasemhlabeni bonke bayamhlonipha
  27. Futhi nguyena osungula indalo bese eyiphinda, futhi lokho kulula kakhulu kuyena, futhi umfanekiso wakhe uphakeme kakhulu emazulwini nasemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla anobuhlakani
  28. Wanenzela isibonele emiphefumulweni yenu. Ngakube ninabo yini kulabo abasezandleni zenu zangakwezokudla abahlanganyeli kulokhu esabela kona ngakho-ke nina niyalingana kukona niyabesaba njengoba nesabana nina uqobo lwenu, siwachaza kanjalo ngokucacile amavesi kubantu abanomqondo
  29. Kepha labo abangalungile balandela izifiso zabo ngaphandle kolwazi, ngakho-ke ngubani ongahola lowo uMvelinqangi amshiye ekudukeni na? futhi angeke babenabo abelekeleli
  30. Ngakho-ke bhekisa ubuso bakho enkolweni ngobuqotho, indalo kaMvelinqangi okuyiyona adalela abantu kuyona ayingashintshwa indalo kaMvelinqangi, leyo yinkolo eqondile kepha iningi labantu alazi
  31. Wanidala ngendlela yokuthi njalo niphendukele kuye ngokuzisola, futhi nimesabe futhi nenze umthandazo futhi ningabi ngabanye balabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
  32. Owalabo abahlukanisa inkolo yabo babe ngamaqembu, iqembu neqembu lijabulela loko elinako
  33. Futhi uma inhlupheko ibathinta abantu babiza iNkosi yabo bephendukela kuyona ngokuzisola besekuthi uma ibazwisa umusa wayo kubeyilapho iqembu phakathi kwabo lenzela iNkosi yalo abahlanganyeli ekuyikhonzeni
  34. Ukuze bangabongi ngalokho esabapha kona, ngakho-ke zithokoziseni (okwesikhashana) kepha nizokwazi
  35. Noma ngabe selehlisela phansi kubona igunya (incwadi) ekhuluma ngalokho ababenzela ngakho uMvelinqangi abahlanganyeli na
  36. Futhi kwathi lapho sesibazwisa abantu umusa bawuthokozela futhi uma behlelwa okubi ngenxa yalokho okulethwe ngaphambili yizandla zabo bheka! baphelelwa yithemba
  37. Ababoni yini ukuthi uMvelinqangi isabelo uselulela noma ngabe ngubani amthandayo futhi asinciphise (kunoma ngabe ngubani amthandayo) ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abakholwayo
  38. Ngakho-ke nikeza isihlobo okusifanele noswele kanye nesihambilokhokuhlekulaboabafunaubusobukaMvelinqangi futhi bayilabo abayophumelela
  39. Futhi noma ngabe yini eniphisana ngayo njengesipho ukuze kwandeengcebweniyabantungakho-keayandikuMvelinqangi futhi noma ngabe yini eniyinikelayo njengeZakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) nifisa ubuso bukaMvelinqangi, ngakho-ke labo bayophindaphindelwa kaningi
  40. Umvelinqangi nguyena owanidala wayeseninika isabelo futhi uyokwenza ukuthi nife bese eniphilisa, ngakube ukhona yini phakathi kwabahlanganyeli (izithombeni) zenu ongenza okuthize okufana nalokhu na? Udumo malube kuye futhi uphakeme ngaphezu kwalokho abakuhlanganisa naye
  41. Ububi bavela ezweni nasolwandle ngenxa yalokho okwavunwa yizandla zabantu, ukuze abenze ukuthi bezwe ingxenye yalokho ababekwenza ukuze babuye
  42. Yithi, “hambani ezweni bese niyabona ukuthi sasinjani isiphethosalaboababengaphambilini, iningilabolaliyizikhonzi zezithombe”
  43. Ngakho-ke bhekisa ubuso bakho enkolweni eqondile ngaphambi kokuba kufike usuku oluvela kuMvelinqangi akekho ongalugwema, ngalolosuku bayohlukaniswa
  44. Noma ngabe ngubani ongakholwa uyohlukumezeka ngokungakholwa kwakhe futhi noma ngabe ngubani owenza imisebenzi emihle elungileyo ngakho-ke balungiselela imiphefumulo yabo indawo enhle
  45. Ukuze abanike umvuzo emseni wakhe labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungeleyo, ngempela yena akabathandi abangakholwa
  46. Futhi olunye lwezimpawu zakhe ukuthi uthumela imimoya ithwele izindaba ezinhle futhi anizwise emseni wakhe nokuthi imikhumbi ihambe ngemponqo yakhe nokuthi nifune umusa wakhe ukuze nibe nokubonga
  47. Futhi ngempela sazithumela ngaphambilini kwakho izithunywa ebantwini bazo zafika kubona neziqinisekiso ezicacile sabe sesiyaziphindisela kulabo abayizoni futhi kufanelekile kuthina ukulekelela abakholwayo
  48. UMvelinqangi nguyena othumela imimoya ukuze iphakamise amafu bese ewandlala esibhakabhakeni ngokuthanda kwakhe futhi uwenza izicucu bese ubona imvula iphuma phakathi kwawo, ngakho-ke uma eseyehlisele phezu kwalowo amthandayo ezincekwini zakhe bheka! zona ziyajabula
  49. Futhi ngaphambi kokuba yehliselwe phezu kwabo ngaphambilini kwayo ngempela babephelelwe yithemba
  50. Ngakho-ke bheka izimpawu zomusa kaMvelinqangi ukuthi uwuvusa kanjani umhlaba emva kokufa kwawo, ngempela lowo uyokuba ngumvusi wabafileyo futhi yena unamandla ngaphezu kwezinto zonke
  51. Futhi uma sithumela umoya bese bewubona uphuzi ngempela bazoduka emva kwalokho bangakholwa
  52. Ngakho-ke ngempela wena awukwazi ukwenza abafile bezwe futhi awukwazi ukwenza izithuli zizwe ukumenyezwa kulapho ziphenduka zibheka emuva
  53. Futhi wena awusiyena umholi wezimpumputhe ekudukeni kwazo, awenzi ukuthi bezwe ngaphandlle kwalabo abakholelwa amavesini ethu kulapho bona bezithobile ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
  54. NguMvelinqangi owanidala (esimweni) sobuntekenteke emuva kobuntekenteke wenza amandla emva kwamandla wayesenza ubuntekenteke nezinwele ezimpunga. Udala noma ngabe yini ayithandayo futhi yena uyisazi ungusomandla
  55. Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora izoni ziyofunga ukuthi azihlalanga ngaphandle kwesikhathi esiyihora. Kanjalo zididisiwe ngasosonke isikhathi
  56. Futhi labo abanikwa ulwazi nokholo bayothi, “ngempela nahlala ngokunqunywe nguMvelinqangi kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo ngakho-ke yilo lolusuku lokuvuka kwabafileyo, kepha nina naningazi
  57. Ngakho-ke ngalolosuku labo ababeyizoni izaba labo angeke lisize ngalutho angeke banikwe ithuba (lokwenza okulungileyo)
  58. Futhi ngempela sabenzela abantu zonke izibonelo kuleQur’an futhi uma ubalethela uphawu noma isiqiniseko ngempela labo abangakholwanga bangathi “nina aniyilutho ngaphandle kwabalandeli benkohliso”
  59. Ngakho ke uzivala kanjalo uMvelinqangi izinhliziyo zalabo abangazi
  60. Ngakho-ke bekezela ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso futhi abangakudumazi inhliziyo labo abangenako ukuqiniseka enkolweni