29.The Spider

  1. ALIF LAM MEEM
  2. Ngakube abantu bacabanga ukuthi bayekwe bathi, “siyakholwa futhi bona angeke balingwe yini?”
  3. Futhi ngempela sabalinga labo ababengaphambilini kwabo ngakho-ke uMvelinqangi uyabazi labo abaneqiniso futhi uyabazi abaqamba amanga
  4. Noma labo abenza izenzo ezimbi bacabanga ukuthi bangasidlula na? okubi yilokho abakwehlulelayo
  5. NomangabengubaniowethembaukuhlangananoMvelinqangi ngakho-ke ngempela isikhathi sikaMvelinqangi siyeza futhi yena ungozwayo owaziyo
  6. Futhi noma ngabe ngubani ozabalazayo kuphela uzabalazela umphefumulo wakhe ngempela uMvelinqangi akadingi lutho emhlabeni
  7. Futhi labo abakholwayo benze imisebenzi elungileyo ngempela siyobasula ububi babo bese sibanika umvuzo omuhle kakhulu kwaloko ababekwenza
  8. Futhi siyale umntu ukuthi enze okuhle kubazali bakhe kepha uma bezabalaza ukukwenza ukuthi ungenzele abahlanganyeli ekungikhonzeni lokho ongenalo ulwazi ngako ungabahloniphi bobabili kukumina ukuphindela kwenu bese nginitshela ngalokho enanikwenza
  9. Futhi labo abakholwayo bese benza izenzo ezilungileyo ngempela siyobangenisa phakathi kwabalungileyo
  10. Futhi phakathi kwabantu kunalabo abathi, “siyakholwa kuMvelinqangi” kepha uma behlushwa ngenxa kaMvelinqangi bathatha ukulingwa kwabantu njengesijeziso sikaMvelinqangi uma sekufika usizo oluvela eNkosini yakho bathi, “ngempela thina sasikanye nani” akusiyena yini uMvelinqangi owazi kangcono ngalokho okusezifubeni zemihlaba (zabantu namajinn) na
  11. Futhi ngempela uMvelinqangi uyabazi labo abakholwayo futhi ngempela uyabazi abazenzisi (emva kokubalinga)
  12. Futhi labo abangakholwa bathi kulabo abakholwayo “landelani indlela yethu ukuze sithwale izono zenu kulapho bona bengeke bathwale lutho lwezono zabo ngempela bona baqamba amanga
  13. Futhi ngempela bayoyithwala imithwalo yabo neminye imithwalo kanye nemithwalo yabo futhi ngempela bayobuzwa ngosuku lokuvuka kwabafileyo mayelana nalokho ababekuqamba
  14. Futhi ngampela samthumela uNowa ebantwini bakhe wayesehlala phakathi kwabo iminyaka eyinkulungwane ngaphandle kweminyaka engamashumi amahlanu ngakho-ke uzamcolo wabathatha kulapho bona beyizoni
  15. Ngakho-ke samsindisa kanye nalabo ababesemkhunjini futhi sakwenza lokho kwaba yisifundo emihlabeni
  16. No-Abraham khumbula ngenkathi ethi kubantu bakhe, “khonzani uMvelinqangi futhi nimesabe lokho kungcono kunina ukube benazi”
  17. Kuphela nikhonza izithombe esikhundleni sikaMvelinqangi futhi niqamba amanga ngempela labo enibakhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi abanawo amandla okunika isabelo, ngakho-ke sifuneni kuMvelinqangi isabelo futhi mkhonzeni, futhi nimbonge niyophindiselwa kuyena
  18. Futhi uma niwuphika (umyalezo) ngempela izizwe zawuphika ngaphambilini kwenu futhi awukho umsebenzi ophezu kwesithunywa ngaphandle kokudlulisela umyalezo ocacile
  19. Aniboni yini ukuthi uMvelinqangi uyisungula kanjani indalo bese eyiveza kabusha ngempela lokho kulula kuMvelinqangi
  20. Ithi, “hambani ezweni nibone ukuthi wayisungula kanjani indalo bese uMvelinqangi eveza indalo yempilo ezayo, ngempela uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto
  21. Ujezisa noma ngabe ngubani omthandayo futhi abenomusa kunoma ngabe ngubani omthandayo futhi niyophindiselwa kuyena
  22. Futhi nina aniphunyukile lapha emhlabeni nasezulwini futhi ngaphandle kukaMvelinqangi aninaye omunye umvikeli nomsizi
  23. Futhi labo abangakholelwa emavesini kaMvelinqangi nasekuhlanganeni naye labo-ke abanalo ithemba emseni wami futhi labo okwabo yisijeziso esibuhlungu
  24. Ngakho-ke ayibangalutho impendulo yabantu bakhe ngaphandle kokuthi bathi “mbulaleni noma nimshise”, kepha uMvelinqangi wamsindisa emlilweni ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abakholwayo
  25. Futhi wathi, “kuphela nizithathele izithombe esikhundleni sikaMvelinqangi ngenxa yobungane phakathi kwenu empilweni yalomhlaba besekuthi ngosuku lokuvula kwabafikeleyo abanye benu baphike abanye futhi abanye benu bayoqalekisa abanye futhi indawo yenu yokuhlala kuyoba ngumlilo futhi angeke nibe nabo abasizi”
  26. Wakholwa kuye uLothi wayesethi, “ngempela mina ngizoba ngoshiya ikhaya lami ngiye eNkosini yami ngempela yona iphakeme ngamandla inobuhlakani”
  27. Futhi (u-Abraham) samupha u-Isaka noJakobe futhi enzalweni yakhe sabeka ubuphrofethi kanye nencwadi futhi samnikeza umvuzo wakhe kulomhlaba futhi ngempela yena empilweni ezayo uyokuba ngomunye wabalungileyo
  28. NoLothi khumbula ngenkathi ethi ebantwini bakhe, “ngempela nina nenza ukukhohlakala eningakaze nedlulwe ngisho noma umuntu oyedwa kukona emihlabeni
  29. Ngakube nina niza emadodeni futhi niphazamisa emgaqweni (niphanga izihambi) futhi emhlanganweni wenu nenza izenzo ezimbi ngakho-ke yayingelutho impendulo yabantu bakhe ngaphandle kokuthi bathi “silethele isijeziso sikaMvelinqangi uma kungukuthi wena ungomunye wabaneqiniso
  30. Wathi, “Nkosi yami ngelekelele ebantwini abayizoni”
  31. Futhi kwathi lapho sezifika izithunywa zethu ku-Abraham nezindaba ezinhle zathi “ngempela thina sizobabhubhisa abantu baledolobha ngempela abantu balo babeyizoni”
  32. Wathi, “ngempela kulona kunoLothi” zathi “thina sazi kangcono ukuthi ngubani okulona ngempela sizomsindisa kanye nomndeni wakhe ngaphandle konkosikazi wakhe wayengomunye wabasalela ngemumva”
  33. Futhi kwathi lapho izithunywa zethu sezifika waba lusizi ngenxa yazo wahamba elusizi ngenxa yazo zathi “ungesabi futhi ungaphatheki kabi ngempela thina sizokusindisa kanye nomndeni wakho ngaphandle konkosikazi wakho ungomunye wabasalela ngemumva”
  34. Ngempela thina siyokwehlisela phezu kwabantu balelidolobha isijeziso esivela ezulwini ngenxa yokuthi bebephula umthetho
  35. Futhi ngempela salushiya kulona uphawu olucacile kubantu abaqondayo
  36. NaseMidyanisathumelaumfowabo uShuaybwathi,“Oh bantu bami! khonzani uMvelinqangi nithembe (umvuzo) wosuku lokugcina futhi ningenzi ububi ezweni njengezikhohlakali”
  37. Ngakho-ke bamphika basebethathwa ukuzamazama komhlaba basala bedindilizile ezindlini zabo
  38. No-A’D noThamund (ukubuyiswa kwabo) kwacaca kunina ezindlini zabo futhi uSathane wayenza yabukeka imihle kubona imisebenzi yabo wayesebavimbela endleleni (eqondile) kulapho bebhekile
  39. NoQarun noFaro noHaman futhi ngempela uMose wafika kubona nezimpawu ezicacile kepha bazikhukhumeza emhlabeni futhi babengeke baphunyuke (esijezisweni)
  40. Ngakho-ke ngamunye sambamba ngesono sakhe phakathi kwabo kunalabo esabathumelela ngesichotho futhi phakathi kwabo kunalabo abathathwa ngumsindo owesabekayo futhi phakathi kwabo kunalabo esabagwinyisa ngomhlabathi futhi phakathi kwabo kunalabo esabaminzisa futhi akusiyena uMvelinqangi owenza okungalungile kubona kepha imiphefumulo yabo eyenza okungalungile
  41. Isibonelo salabo abathatha (onkulunkulu bamanga) njengabavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi sifana nesicabucabu esakha indlu futhi ngempela ezindlini eziyizintengentenge kakhulu yindlu yesicabucabu ukube nje babazi
  42. Ngempela uMvelinqangi wazi noma ngabe yini abayimemezayo esikhundleni sakhe futhi yena uphakekeme ngamandla unobuhlakani
  43. Futhi lezo yizibonelo esizenzela abantu futhi akekho oziqondayo ngaphandle kwabafundile
  44. UMvelinqangi wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso, ngempela kulokho kunophawu kwabakholwayo
  45. Funda lokho okwembulwa kuwena okusencwadini futhi wenze umthandazo, ngempela umthandazo wenqabela ezonweni nasezenzweni ezimbi futhi ngempela inkumbulo kaMvelinqangi yinkulu kakhulu, futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikwenzayo
  46. Futhi ningaphikisani nabantu bencwadi ngaphandle kwaleyo (ndlela) engcono kakhulu, ngaphandle kwalabo abenza okungalungile phakathi kwabo futhi yithini, “siyakholwa kulokho okwambulwa kuthina nokwambulwa kunina futhi uNkulunkulu wethu noNkulunkulu wenu munye futhi thina siyazithoba ngaphansi kwentando yakhe
  47. Futhi sayembula kanjalo kuwena incwadi ngakho-ke labo esabanika incwadi bayakhokhelwa kuyona futhi phakathi kwalaba kunalabo abakholelwa kuyona, abekho abawaphikayo amavesi ethu ngaphandle kwabangakholwa
  48. Futhi awuzange uyifunde enye incwadi ngaphambilini kwayo lencwadi noma uyibhale ngesandla sakho sokudla, kepha abaqambi bamanga basekungabazeni
  49. Qhabo! Wona angamavesi acacile ezinhliziyweni zalabo abesekwa ngolwazi, futhi abekho abawaphikayo amavesi ethu ngaphandle kwabayizoni
  50. Futhi bathi, “kungani zingahliselwanga phansi kuyena izimpawu ezivela eNkosini yakhe na?” ithi “kuphela izimpawu zikuMvelinqangi futhi kuphela mina ngingumxwayisi ogqamile”
  51. Akwanele yini kubona ukuthi thina sembule kuwena incwadi abafundelwa yona, ngempela kulokho kunomusa nesikhumbuzo kubantu abakholwayo
  52. Ithi, “Wanele uMvelinqangi ukuba ngufakazi phakathi kwami nani wazi noma ngabe yini esemazulwini nasemhlabeni futhi labo abakholelwa emangeni futhi abangakholelwa kuMvelinqangi labo – ke bona bangabalahlekelweyo
  53. Futhi bayakucela ukuthi usheshisa isijeziso, Ukuba kwakungesingenxa yesikhathi esinqunyiwe sasiyofika kubona isijeziso, futhi sasiyofika kubona bengazelele ngokuphazima kweso kulapho bona bengaboni
  54. Bayakucela ukuthi usheshise isijeziso futhi ngempela isihogo siyobazungeza abangakholwa
  55. Ngosuku lapho isijeziso siyokubamboza siqhamuka ngaphezulu kwabo nangaphansi kwezinyawo zabo futhi uyothi”yizwani enanivamise ukukwenza
  56. Oh zinceku zami! Ezikholwayo ngempela umhlaba wami ubanzi Ngakho-ke khonzani mina ngedwa
  57. Yonke imiphefumulo iyozwa ukufa bese nibuyiselwa kuthina
  58. Futhi labo abakholwayo futhi abenza imisebenzi elungileyo ngempela siyobanika izindawo zokuhlala ezulwini (esivandeni) okugeleza ngaphansi kwaso imifula bayohlala lapho phakathi ingunaphakade, umvuzo omuhle kakhulu wabasebenzayo
  59. Labo ababekezelayo futhi abathembela eNkosini yabo
  60. Futhi zingaki izidalwa ezingaziphethe izabelo zazo na? NguMvelinqangi ozipha isabelo kanye nani futhi yena ungozwayo owaziyo
  61. Futhi ukuba ubuzobabuza ukuthi ngubani owadala amazulu nomhlaba futhi wabeka ilanga nenyanga na? Bayothi ngempela “nguMvelinqangi kwenzeka kanjani ukuthi bachezuke (endleleni eqondile) na?”
  62. UMvelinqangi welulela isipho kunoma ngabe ngubani amthandayo ezincekwini zakhe futhi ambeke esimweni sobuphofu, ngempela uMvelinqangi uyisazi sazozonke izinto
  63. Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owehlisela phansi amanzi (imvula) avela esibhakabhakeni bese evusa ngawo umhlaba emva kokufa kwawo na? ngempela bayothi, “nguMvelinqangi”yithi, “udumo malube kuMvelinqangi” kepha iningi labo alinawo umqondo
  64. Futhi impilo yalomhlaba ayiyilutho ngaphandle kokuthi iyinjabulo nomdlalo, futhi ngempela ikhaya lempilo ezayo lingelempilo (yangunaphakade) ukube nje bebazi
  65. Ngakho-ke uma sebegibela emkhujini babiza uMvelinqangi ngobuqotho inkolo ingeyakhe (kuphela) kepha kwathi lapho ebasindisa ebafikisa emhlabeni kwaba yilapho bona bemenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni
  66. Ukuze bangakubongi lokho esabapha kona futhi bazithokozise, kepha bayokwazi
  67. Ababoni yini ukuthi sayenza indawo engcwele yaphepha kulapho bethathwa ngenkani abantu emaceleni abo ngakube bakholelwa enkohlakalweni bangakholelwa emseni ka Mvelinqangi na
  68. Futhi ngubani ongenabulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga noma ophika iqiniso kulapho selifikile kuyena na? Akusona yini isihogo indawo yokuhlala abangakholwayo na
  69. Futhi labo abazabalaza kanzima (endleleni) yethu ngempela siyobaholela endleleni yethu futhi ngempela uMveleinqangi ukanye nabenzi bokuhle