28.The Stories

  1. Twa Seen Meem
  2. Lawa ngamavesi encwadi ecacile
  3. Siwafundela wena ngeqinso ezindabeni zikaMose kanye noFaro, ebantwini abakholwayo
  4. Ngempela uFaro waziphakamisa emhlabeni wenza abantu bawo amaqembu ecindezela iqembu (labantwana baka-Israel) phakathi kwabo ebulala amadodana abo eshiya abesifazane babo bephila, ngempela yena wayengomunye wabacindezeli
  5. Futhi sasifuna ukubeka umusa phezu kwalabo ababenziwe baba buthakathaka emhlabeni, futhi sibenze babengabaholi futhi sibenze izindlalifa
  6. Futhi sibazinzise emhlabeni futhi sikhombize ufaro, Haman kanye namabuthoabo bobabili avela phakathi kwabo lokho abakwesabayo
  7. Futhi sakwembula kunina kaMose ukuthi amncelise uma unokwesaba ngaye ngakho-ke mphonse emfuleni, ungesabi futhi ungaphatheki kabi ngempela thina sizomphindise la kuwena futhi sizomenza omunye wezithunywa
  8. Ngakho-ke abantu baFaro bamthatha ukuze abeyisitha nosizi kubona, ngempela uFaro noHaman kanye namabutho abo bobabili babeyizoni
  9. Futhi unkosikazi kaFaro wathi, “ungumduduzi wehlo lami nehlo lakho ungambulali angase abewusizo kuthina noma simthathe njengendodana” lapho bengazi
  10. Futhi inhliziyo kanina kaMose yaba igobongo, wacishe wamveza ukube sasingayiqinisanga inhliziyo yakhe ukuze ahlale engomunye wabakholwayo
  11. Futhi owesifazane (unina ka-Mose) wathi kudadewabo wesilisa “mlandele owesilisa” owesifazane (udade wabo) wayesembheka owesilisa ebuqamama kulapho bona bengaboni
  12. Futhi ngaphambilini samuqabela ukuthi angancela kwabanye abancelisi bese udade wabo wayesithi, “nginganikhombisa yini abantu bomndeni abazonikhulisela yena futhi abazomeluleka na?”
  13. Ngakho-ke samphindisela kunina ukuze amehlo akhe aduduzeke futhi angabi lusizi nokuthi azi ukuthi isethembiso sika Mvelinqangi siyiqiniso kepha iningi labo alazi
  14. Futhi kwathi lapho esekhulile ngokuphelele samupha ubuhlakani nolwazi, sibapha kanjalo umvuzo abenza okuhle
  15. Futhi (uMose) wangena edolobheni ngenkathi abantu balo benganakile wafica khona amadoda amaibili elwa omunye engoweqembu lakhe futhi omunye (engoweqembu) lezitha zakhe, ngakho-ke lowo ongoweqembu lakhe wacela usizo kuyena ukuze abhekane nesitha sakhe, ngakho-ke uMose wamshaya ngesibhakela wambulala wathi “lokhu kungomunye womsebenzi kasathane, ngempela yena uyisitha esicacile esidukisayo
  16. Wathi, “Nkosi yami ngempela mina ngiwonile umphefumulo wami ngakho-ke ngithethelele” yamthethelela ngempela yona iyathethelela inesihawu
  17. Wathi, “Nkosi yami, ngenxa yobubele ongenzele bona ngakho-ke angisoze ngaba ngumsizi wezoni”
  18. Ngakho-ke waphenduka owesabayo edolobheni ebheka emaceleni, kulapho lowo owayecele kuyena usizo ngayizolo ecela usizo kuyena uMose wathi kuyena “ngempela wena uhlale unochuku olugqamile”
  19. Ngakho-ke kwathi lapho efuna ukumbamba lowo oyisitha sabo bobabili wathi, “Oh Mose! Ngakube ufuna ukungibulala njengoba ubulale umuntu izolo na? awufuni lutho ngaphandle kokuba yisidlova ezweni futhi awufuni ukuba ngomunye wabalungileyo”
  20. Futhi kweza umuntu egijima eqhamuka endaweni eqhelelene kakhulu nedolobha wathi, “Oh Mose! Ngempela abaholi babopha uzungu ngawe ukuthi bakubulale ngakho-ke hamba ngempela mina ngingomunye wabeluleki
  21. Ngakho-kewemukakulona(idolobha) esaba, ejeqezaemaceleni wathi “Nkosi yami ngisindise ebantwini abangalungile”
  22. Futhi kwathi lapho elibhekise eMadyan wathi, “Ngifisa ukuthi iNkosi yami ingiholele endleleni eqondile”
  23. Futhi kwathi lapho esefika emanzini aseMadyan wafica isixuku sabantu siphuzisa (imfuyo) amanzi futhi ngaphandle kwaso (isixuku sabantu) wafica abesifazane ababili ababemise (imihlambiyaboukubaingaphuziuMose) wathi,“kwenzenjani ngani nobabili” bobabili bathi, “angeke siyiphuzise (imihlambi yethu amanzi) kuze kube abelusi basusa (imihlambi yabo) futhi ubaba wethu usekhule kakhulu”
  24. Ngakho-ke wabaphuzisela bobabili (imihlambi yabo) wayesephenduka eya emthunzini wayesethi, “Nkosi yami ngempela mina nginesidingo sanoma ngabe yini enhle oyehlisele phezu kwami”
  25. Ngakho-ke oyedwa wabesifazane ababili weza kuyena ehamba ekhophoza wathi owesifazane, “ngempela ubaba wami uyakumema ukuze akunike umvuzo ngokusiphuzisela kwakho (imihlambi) ngakho-ke kwathi lapho esefika kuyena wamxoxela indaba wathi ungesabi uphephile ebantwini abangalungile
  26. Owesifazane oyedwa kubona bobabili wathi, “Oh baba wami! Mqashe ngempela ungumuntu ongcono kakhulu ukuba umqashe unamandla, wethembekile”
  27. Wathi (uyise wabesifazane ababili) “ngempela mina ngithanda ukuba ushade neyodwa yamadodakazi ami amabili ngesivumelwano sokuba ungisebenzele iminyaka eyisishiyagalombili kepha uma uqeda eyishumi kuyobe kungentando yakho futhi angithandi ukukubeka ebunzimeni uzongifumana ngingomunye wabalungileyo uma uMvelinqangi ethanda
  28. Wathi lokho kuphakathi kwami nawe noma ngabe yikuphi kwako kokubili engiyokufeza angeke kubekhona okungenabo ubulungiswa kumina futhi uMvelinqangi ungaphezu kwalokho esikushoyo
  29. Ngakho-ke kwathi lapho uMose esesiqedile isikhathi esimisiwe futhi esehamba nomndeni wakhe wabona umlilo eceleni kweTur wathi emndenini wakhe, “yimani ngempela mina ngibone umlilo ngingeza kunina nezindaba ezivela kuwona noma isikhuni somlilo ukuze nizifudumeze”
  30. Ngakho-ke kwathi lapho esefika kuwona wamenyezwa eceleni langakwe sokudla lesogodi endaweni ebusisiwe esihlahleni Oh Mose! Ngempela mina nginguMvelinqangi iNkosi yemihlaba
  31. Futhi phonsa induku yakho phansi, ngakho-ke kwathi lapho eseyibona inyakaza sengathi iyinyoka waphenduka wabaleka wangabe esabheka emumva Oh Mose! Sondela ungesabi ngempela wena ungomunye wabaphephile
  32. Faka isandla sakho ephaketheni lakho sizophuma simhlophe singenabo ububi futhi sondeza isandla sakho kuwena ukuze uqede ukwesaba lezi yizimpawu ezimbili ezivela eNkosini yakho ziya kuFaro nabaholi bakhe ngempela bona bangabantu abangahloniphi
  33. Wathi (uMose), “Nkosi yami ngempela mina ngabulala umuntu kubona ngakho-ke ngiyesaba ukuthi bazongibulala
  34. Kodwa umfowethu u-Aroni yena ukhuluma kangcono kunami ngakho-ke mthumele kanye nami njengomsizi angiqinise ngempela mina ngiyesaba ukuthi bazongiphika
  35. Wathi, “sizoqinisa ingalo yakho ngomfowenu futhi nobabili sizoninikeza igunya lokuthi bangafinyeleli kunina nobabili ngezimpawu zethu, nina nobabili kanye nanoma ngabe ngubani onilandelayo nobabili niyoba ngabanqobi”
  36. Ngakho-ke kwathi lapho uMose esefika kubona nezimpawu zethu ezicacile bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle kokuba ngumlingo owenziwe futhi asikaze sizwe ngalokhu kobaba bethu basendulo”
  37. Futhi uMose wathi, “iNkosi yami yazi kangcono ngalowo owafika nokuhola okuvela kuyona kanye nalowo oyoba nesiphetho esihle empilweni ezayo, ngempela yona ayiziphumelelisi izoni”
  38. Futhi uFaro wathi “Oh baholi! Angazi ukuthi ninaye unkulunkulu ngaphandle kwami ngakho-ke ngibasele (umlilo) we Haman (ukuze wenze izitini) ngobumba bese ungenzela indlu ephakeme ukuze ngigibele ngibone uNkulunkulu kaMose futhi ngempela mina ngicabanga ukuthi yena ungomunye wabaqamba amanga
  39. Futhi wayeqhosha yena namabutho akhe ezweni ngokungesilona iqiniso futhi babecabanga ukuthi angeke babuyiselwe kuthina
  40. Ngakho-ke samthatha kanye namabutho akhe sabaphonsa olwandle ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sezoni
  41. Futhi sabenza ukuthi babengabaholi abamemela emlilweni futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo angeke balekelelwe
  42. Futhi sabalandelanisa ngesiqalekiso kulomhlaba futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo bona bayokuba ngabanye babavinjelwe emseni kaMvelinqangi
  43. Futhi ngempela samnikeza uMose incwadi emva kokuba sesibhubhise izinkulungwane zasemandulo, ukukhanyiselwa kwabantu nokuholwa kanye nomusa ukuze mhlawumbe bakhumbule
  44. Futhi wawungekho ngaseduzane nentshonalanga ngenkathi senza impoqo kuMose futhi wawungesiyena omunye wofakazi
  45. Kepha saziveza izizukulwane sazelulela izikhathi zempilo yazo futhi wawungahlali nabantu baseMidyani ubafundele amavesi ethu kepha yithina esingabathumeli (baleyomyalezo)
  46. Futhi wawungekho eduzane nentaba ngenkathi sasimemeza, kepha ngumusa ovela eNkosini yakho ukuze uxwayise abantu okungazange kufike kubona umxwayisi ngaphambilini kwakho ukuze bakhumbule
  47. Futhi uma bengase behlelwe okubi ngenxa yalokho okuthunyelwe yizandla zabo ngaphambili bathi, “Nkosi yethu kungani ungasithumelanga kuthina isithunywa ukuze silandele amavesi akho bese siba ngabanye babakholwayo na
  48. Ngakho-ke kwathi lapho sebefikelwa yiqiniso elivela kuthina bathi, “kungani enganikezwanga (izimpawu) ezifana nalezo ezanikezwa uMose na? Ngakube abakholelwa yini kulokho okwanikezwa uMose ngaphambilini” bathi “imilingo emibili omunye welekelela omunye futhi bathi ngempela asikholelwa kukona kokubili”
  49. Ithi “ngakho-ke lethani incwadi evela kuMvelinqangi okuyiyona ehola kangcono kunalezi zombili engizoyilanda uma kungukuthi nina nineqiniso
  50. Kepha uma bengakuphenduli ngakho-ke yazi ukuthi kuphela balandela izinkanuko zabo futhi ngubani ophambuke kakhulu kunalowo olandela izinkanuko zakhe ngaphandle kokuholwa okuvela kuMvelinqangi ngempela uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
  51. Futhi ngempela sabathumelela izwi ukuze bakhumbule
  52. Labo esabanikeza incwadi ngaphambilini kwayo, bona bakholelwa kuyona
  53. Futhi uma befundelwa yona bathi “siyakholelwa kuyona ngempela yona iyiqiniso elivela eNkosini yethu ngempela thina ngaphambilini kwayo, sasingabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
  54. Labo bayonikezwa umvuzo wabo amahlandla amabili ngenxa yokuthi babebekezela besusa okubi ngokuhle futhi bayephana ngaloko esababela kona
  55. Futhi uma bezwa inkulumo embi bayaqhelelana nayo futhi bathi, “okwethu yimisebenzi yethu nokwenu yimisebenzi yenu, ukuthula makube kunina asibathandi abangazi lutho
  56. Ngempela wena awumholi lowo omthandayo kepha nguMvelinqangi ohola lowo amthandayo futhi yena wazi kangcono ngabaholiweyo
  57. Futhi bathi, “uma silandela ukuholwa kanye nawe sizosuswa ezweni lethu” asizange yini sibabekele indawo engcwele ephephile ekulethwa kuyona izithelo eziyizinhlobonhlobo okuyisabelo esivela kuthina kepha iningi labo alazi
  58. Futhi mangaki amadolobha esawabhubhisa ayengazibongi izindlela zawo zokuphila na? Ngakho-ke lezo yizindawo zabo zokuhlala ekungazange kuhlalwe kuzona ngemva kwabo ngaphandle kwesikhashana futhi thina sasiyizindlalifa
  59. Futhi iNkosi yakho ayizange iwabhubhise amadolobha kuze kube yilapho ithumela isithunywa kumama wedolobha sibafundela amavesi ethu futhi sasingawabhubhisi amadolobha ngaphandle kokuba uma abantu bawo bonile
  60. Futhi noma ngabe yini enanikezwa yona yinjabulo yempilo yakulomhlaba nomhlobiso wayo futhi noma ngabe yini ekuMvelinqangi ingcono futhi ngasosonke isikhathi ikhona, ngakube aninamqondo yini na
  61. Ngakube lowo esamethembisa isethembiso esihle yena uzohlangana naso njengalowo esamupha injabulo yempilo yalomhlaba besekuthi yena ngosuku lokuvuka kwabafileyo abengomunye walabo abayokujeziswa
  62. Futhi ngosuku ayobabiza ngalo athi, “baphi abahlanganyeli bami labo enaningenzela bona na?”
  63. Labo izwi elafinyelela kubona liyiqiniso bayothi, “Nkosi yethu naba laba esabaphambukisa, sabaphambukisa njengoba saphambuka uqobo lwethu siveza ukubamsulwa kwethu kuwena akuyithina ababesikhonza”
  64. Futhi kuyothiwa, “bizani abahlanganyeli benu ngakho-ke bayobamemeza kepha angeke babaphendule futhi bayosibona isijeziso, ukube nje babeholeleke (endleleni eqondile)”
  65. Futhi ngosuku ayobabiza ngalo bese ethi, “naziphendula kanjani izithunywa na?”
  66. Ngakho-ke izindaba ziyofiphala kubona ngalolosuku angeke bakwazi ukubuzana bodwa
  67. Kepha lowo ophendukayo azisole futhi akholwe enze izenzo ezinhle ezilungileyo uyokuba ngomunye wabaphumeleleyo
  68. Futhi iNkosi yakho idala noma ngabe yini eyithandayo futhi iyakhetha, akusikona okwabo ukukhetha udumo malube kuMvelinqangi futhi uphakeme ngaphezu kwako konke lokho abamenzela ngako abahlanganyeli ekumkhonzeni
  69. Futhi iNkosi yakho iyakwazi lokho izifuba zabo ezikufihlayo nalokho ezikuvezayo
  70. Futhi yona inguMvelinqangi akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwayo udumo lungolwayo ngokokuqala nangokokugcina futhi ukwehlulela kungokwayo futhi niyophindiselwa kuyona
  71. Ithi ngakube nibonile yini ukuthi uma uMvelinqangi wayenganenzela ubusuku buqhubeke kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo yimuphi uNkulunkulu ngaphandle kukaMvelinqangi onganilethela ukukhanya na? Ngakube anizwa yini na
  72. Ithi ngakube nibonile yini ukuthi uMvelinqangi wayenganenzela imini iqhubeke kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo yimuphi uNkulunkulu ngaphandle kukaMvelinqangi onganilethela ubusuku eniphumula kubona na? Ngakube aniboni yini na
  73. Futhi kusemseni wakhe ukuthi wanenzela ubusuku nemini ukuze niphumule kubona nokuthi nifune umusa wakhe nokuthi nibonge
  74. Nangosuku lapho eyobe ebabiza bese ethi, “baphi abahlanganyeli bami labo enanibenza na”
  75. Futhi siyokhipha ufakazi kuzona zonke izizwe bese sithi, “lethani ubufakazi benu ngakho-ke bayokwazi ukuthi iqiniso ngelikaMvelinqangi futhi kuyobalahlekela konke lokho ababekuqamba”
  76. Ngempela uQarun wayengomunye wabantu bakaMose kepha wabahlupha futhi samupha emnothweni izikhiye zawo zingaba ngumthwalo wamadoda aqatha, khumbula ngenkathi abantu bakhe bethi kuyena “ungesasi ngempela uMvelinqangi akabathandi abesasayo
  77. Kepha funa indawo yokuhlala yempilo ezayo ngalokho uMvelinqangi akunika kona futhi ungayikhohlwa ingxenye yakho kulomhlaba wenze okuhle njengoba uMvelinqangi wenza okuhle kuwena futhi ungafuni ukwenza ukona emhlabeni, ngempela uMvelinqangi akazithandi izoni
  78. Wathi, “kuphela nginikiwe lokhu ngenxa yolwazi enginalo, wayengazi yini ukuthi uMvelinqangi wazibhubhisa izizukulwane ngaphambilini kwakhe ezazinamandla kunaye futhi zaziziningi kakhulu ngenani futhi angeke zibuzwe izoni ngezono zazo
  79. Ngakho-ke waphuma waya kubantu bakhe ewubukhazikhazi wathi, “labo abafisa impilo yalomhlaba, Oh! Sifisa sengathi singaba nako konke lokho okwanikwa uQarun ngempela yena unenhlanhla enkulu
  80. Kepha labo ababenikezwe ulwazi bathi “usizi kunina! umvuzo kaMvelinqangi ungcono kunoma ngabe ngubana okholwayo futhi owenza izenzo ezinhle ezilungileyo abekho abemukeliswa lokho ngaphandle kwababekezelayo
  81. Ngakho-ke sawenza umhlaba ukuthi umgwinye kanye nendlu yakhefuthiwayengenaloiqembuelalizomelekelelaukubhekana noMvelinqangi futhi wayengeke akwazi ukuzivikela
  82. Futhi labo ababefisa isikhundla sakhe ngayizolo baqala bathi, “Oh ngempela! NguMvelinqangi owandisa isabelo kunoma ngabe ngubani amthandayo ezincekwini zakhe noma asinciphise (isabelo), ukube uMvelinqangi wayengenawo umusa kuthina wayezokwenza ukuthi umhlaba usigwinye, Oh labo abangakholwa! angeke baphunyeleliswe
  83. Leyondawo yokuhlala yempilo ezayo siyoyibekela labo abangathandi ukuziphakamisa nokona emhlabeni futhi isiphetho (esihle) esalabo abenza okulungileyo
  84. Noma ngabe ngubani oletha okuhle ngakho-ke okwakhe kuyoba okuhle kunako, futhi noma ngabe ngubani oletha izenzo ezimbi, ngakho-ke angeke abanike umvuzo labo abenza izenzo ezimbi ngaphandle kwalokho ababekwenza
  85. Ngempela (u-Allah) lowo owenza iQur’an yaba yisibopho kuwena uzokwenza ukuthi uphindele endaweni yokuphindela ithi, “iNkosi yami yazi kabanzi ukuthi ngubani oletha ukuholwa nokuthi ngubani osekudukeni okucacile
  86. Futhi wawungalindele ukuthi incwadi iyokwembulwa kuwena kepha kungumusa ovela eNkosini yakho, ngakhoke ungabi ngumelekeleli wabangakholwa
  87. Futhi abangakuvimbeli emavesini ekushumayeleni ngezimpawu kaMvelinqangi emva kokuba esembuliwe kuwena, futhi memela eNkosini yakho futhi ungabi ngomunye wabakhonza izithombe
  88. Futhi ungambizi omunye unkulunkulu kanye noMvelinqangi akekho onelungelo lokukhonzwa ngaphandle kwakhe, zonke izinto ziyobhubha ngaphandle kobuso bakhe kungokwakhe ukwehlulela futhi niyophindiselwa kuyena