27.The Ant

  1. TA SEEN. Lawa ngamavesi eQur’an, futhi incwadi eyenza kucace
  2. Eholayo nenikeza abakholwayo izindaba ezimnandi
  3. Labo abenza umthandazo futhi abakhokha ingxenye yengcebo yabo kwabampofu kulapho bona beqinisekile ngempilo ezayo
  4. Ngempela labo abangakholelwa empilweni ezayo sibenzele ukuthi imisebenzi yabo ibukeke imihle kubona ukuze bazulazule bephuphutheka
  5. Labo-ke bayilabo okwabo okuyisijeziso esibi futhi bona empilweni ezayo bayoba ngabalahlekelwe kakhulu ukwedlula bonke
  6. Futhi ngempela wena wenziwe ukuthi wemukela iQur’an konobuhlakani owaziyo
  7. Khumbula ngenkathi uMose ethi emndenini wakhe, “ngempela mina ngibona umlilo ngizonilethela izindaba ezivela kuwona noma nginilethele amalahle ashisayo ukuze nizifudumeze”
  8. Ngenkathi efika kuwona (umlilo) wamenyezwa kwathiwa “ubusisiwe noma ngabe ngubani osemlilweni nanoma ngabe ngubani owuzungelezile” futhi udumo malube kuMvelinqangi iNkosi yemihlaba
  9. Oh Mose! Ngempela mina nginguMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani
  10. Futhi phonsa phansi induku yakho, ngakho-ke kwathi lapho eyibona inyakaza sengathi inyoka waphenduka wabaleka wangabheki emumva, “Oh Mose! Ungesabi ngempela azingesabi izithunywa ezikanye nami”
  11. Ngaphandle kwalowo owenza okungenabulungiswa bese eshintsha okuhle emva kokubi, ngakho-ke ngempela mina ngingothethelelayo onesihawu
  12. Futhi faka isandla sakho ephaketheni lakho sizophuma simhlophe singenabubi (lezi ngezinye) zezimpawu eziyisishiyagalolunye oyoziyisa kuFaro nabantu bakhe, ngempela bona bangabantu abangalungile abayizoni
  13. Ngakho-ke kwathi lapho sezifika kubona izimpawu zethu ezibonakalayo bathi, “lona ngumlingo ocacile”
  14. Futhi baziphika (lezo zimpawu) ngokungemthetho nangokuqhosha kulapho imiphefumulo yabo yenelisekile, ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sezoni
  15. Futhi ngempela samnikeza ulwazi uDavide noSolomoni bobabili base bathi, “Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena owasikhetha ngaphezu kwezinceku zakhe eziningi ezingamakholwa”
  16. USolomoni wadla ifa (ubuphrofethi) kuDavide wayesethi, “Oh Bantu! Sifundiswe ulimi lwezinyoni futhi siphiwe kuzona zonke izinto, ngempela lobu ngububele obugqamile”
  17. Futhi kwaqoqelwa ndawonye kuSolomoni amabutho akhe angamaJinn nabantu kanye nezinyoni wonke ayemiswe ngendlela yempi (belungele ukuhamba)
  18. Kwaze kwaba yilapho befinyelela khona esigodini sezintuthwane enye yezintuthwane yathi, “Oh Zintuthwane! ngenani ezindlini zenu hleze uSolomoni namabutho akhe anifihlize kulapho bona bengaboni”
  19. Ngakho-ke (uSolomoni) wamomotheka ehleka inkulumo yayo wayesethi, “Nkosi yami ngenze ukuthi ngibonge ububele bakho owangenzela bona kanye nabazali bami futhi ngenze umsebenzi olungileyo owuthokozelayo futhi ngingenise ngomusa wakho phakathi kwezinceku zakho ezilungileyo”
  20. Futhi wazihlola izinyoni wayesethi, “kwenziwa yini ukuthi ngingamboni uHud Hud noma ungomunye walabo abangekho na?”
  21. Ngempela ngizomjezisa ngesijeziso esinzima noma ngempela ngimbulale ngaphandle uma engitshela isizathu esicacile
  22. Akazange ahlale isikhathi eside wayesethi, “ngithole lokho ongazange ukuthole futhi ngikulethele izindaba eziyiqiniso ezivela kuSaba”
  23. Ngempela mina ngifice owesifazane ebabusa futhi uphiwe kuzona zonke izinto futhi unesihlalo sobukhosi esikhulu
  24. Ngimfumane ekanye nabantu bakhe bekhonza ilanga esikhundleni sikaMvelinqangi futhi uSathane wabenzela yabukeka imihle imisebenzi yabo kubona wayesebavimbela endleleni (eqondile) ngakho-ke bona abaholekanga
  25. Abamkhonzi uMvelinqangi okunguyena oveza okufihlekile emazulwini nasemhlabeni futhi owazi konke lokho enikufihlayo nakho konke lokho enikuvezayo
  26. UMvelinqangi akekho omunye uMvelinqangi ngaphandle kwakhe uyiNkosi yesihlalo sobukhosi esikhulu
  27. Wathi, “sizobona ukuthi ukhuluma iqiniso noma ungomunye walabo abaqamba amanga”
  28. Hamba nalencwadi yami bese uyijikijela kubona bese uyabafulathela bese uyabheka ukuthi yini abayibuyisayo
  29. Owesifazane wathi, “Oh Baphathi! Ngempela kujikijelwe kumina incwadi engcwele”
  30. Ngempela yona ivela kuSolomoni futhi ngempela yona ingegama likaMvelinqangi onomusa onesihawu
  31. Ningaziphakamisi kumina futhi yizani kumina ngokuzinikela
  32. Wathi owesifazane, “Oh Baphathi! ngelulekeni odabeni lwami, angeke ngikhiphe isinqumo odabeni kuze kube yilapho nikhona kanye nami.”
  33. Bathi, “thina singabanamandla amakhulu futhi singabanempi enkulu, impoqo ingeyakho, ngakho-ke cabanga ukuthi uzophoqa ukuba kwenziweni”
  34. Yathi indlovukazi, “ngempela amakhosi uma engena edolobheni enza ukona kulona bese enza abantu balo abahloniphekile ukuthi babesezingeni eliphansi futhi enza kanjalo”
  35. Futhi ngempela mina ngizothumela kubona isipho bese ngibheka ukuthi yini izithunywa ezizobuya nayo
  36. Ngakho-ke kwathi lapho sezifika (izithunywa) kuSolomoni nesipho wathi “ngakube ningelekelela ngengcebo na? Lokho uMvelinqangi angipha kona kungcono kunalokho anipha kona kepha nina nithokozile ngesipho senu”
  37. Phindelani kubona ngempela thina sizoza kubona namabutho empi abangeke bakwazi ukuwavimba futhi ngempela sizobakhipha lapho ngechilo, futhi bayobe bethotshisiwe”
  38. Wathi, “Oh Baphathi! Ngubani phakathi kwenu ozongilethela isihlalo sobukhosi sakhe owesifazane ngaphambi kokuba bafike kumina bezinikele ngokuzithoba”
  39. Elinye lamaJinn lathi, “Mina ngizosiletha kuwena ngaphambi kokuba usukume endaweni yakho futhi ngempela mina nginamandla ngethembekile”
  40. Lowo onolwazi lencwadi wathi, “ngizosiletha kuwena ngaphambi kokuphazima kweso lakho” Mina ngizosiletha kuwena ngaphambi kokuphazima kweso lakho” ngakho- ke kwathi lapho esibona sibekwe eduzane naye wathi “lokhu kungomusa weNkosi yami ukuze ingivivinye ukuthi ngiyabonga noma angibongi futhi noma ngabe ngubani obongayo kuphela ubongela umphefumulo wakhe f u t h i noma ngabe ngubani ongabongi ngakho-ke ngempela iNkosi yami ayidingi lutho ihloniphekile”
  41. Wathi, “sisithezeleni owesifazane isihlalo sakhe sobukhosi (ukuze angasiboni ukuthi yisona noma akusiyona) ukuze sibone ukuthi owesifazane ungoholiweyo noma ungomunye walabo abangaholiwe”
  42. Ngakho-ke kwathi lapho esefika owesifazane kwathiwa “ngakube sinjena yini na isihlalo sakho sobukhosi?” Owesifazane wathi,“ungathi yisona” (uSolomoni wathi) “futhi sinikeziwe ulwazi ngaphambilini kwakhe owesifazane futhi sasizinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi”
  43. Futhi kwamvimba lokho ayekukhonza esikhundleni sikaMvelinqangi ngempela yena owesifazane wayengomunye walabobantu abangakholwa
  44. Kwathiwa kuyena owesifazane, “ngena endlini yobukhosi edephile” kwathi lapho owesifazane eseyibona wacabanga ukuthi indawo yayo yaphansi yakhiwe ngamanzi (noma kunedamu lamanzi ngaphansi kwendlu enkulu yobukhosi waphakamisa izingubo zakhe) kwavela imilenze yakhe (uSolomoni) wathi “ngempela yindlu yobukhosi eyenziwe ngengilazi” owesifazane wathi “Nkosi yami ngempela mina ngenze okungalungile emphefumulweni wami futhi ngiyazinikela kanye noSolomoni kuMvelinqangi iNkosi yemihlaba”
  45. Futhi ngempela sathumela kuThamud umfowabo uSalih ukuthi khonzani uMvelinqangi kulapho bona bengamaqembu amabili angaboni ngasolinye
  46. Wathi, “Oh Bantu bami! kungani nijaha ebubini ngaphambi kokuhle na? Aniyiceli ngani intethelelo kaMvelinqangi ukuze mhlawumbe ninikwe umusa na?”
  47. Bathi, “sihlahla umhlola kuwena kanye nalabo abakanye nawe” wathi, “umhlola wenu ukuMvelinqangi kepha nina ningabantu abavivinywayo”
  48. Futhi edolobheni kwakukhona abantu abayisishiyagalolunye ababenza ukona ezweni futhi bangalungisi
  49. Bathi, “makafunge omunye komunye ngoMvelinqangi ukuthi ngempela sizomhlasela ebusuku kanye nomndeni wakhe bese ngempela sithi esihlotsheni sakhe “asikubonanga okubhubhise abantu bakhe futhi ngempela thina sikhuluma iqiniso”
  50. Futhi benza icebo nathi senza icebo kulapho bona bengaboni
  51. Ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho secebo labo, ngempela sababhubhisa kanye nabantu babo ndawonye
  52. Ngakho-ke lezozindlu zabo zadilika ngenxa yokuthi babonile ngempela kulokho kunophawu (nesifundo) kubantu abaziyo
  53. Futhi sabasindisa labo ababekholwa futhi ababemesaba uMvelinqangi
  54. Kanye noLothi khumbula ngenkathi ethi kubantu bakhe, “ngakube nenza izenzo ezingalungile kulapho nina nibona na?”
  55. Ngakube ngempela nina nikhanukela amadoda esikhundleni sabesifazane na? Qhabo! Nina ningabantu abangenalo ulwazi
  56. Ayibanga yilutho impendulo yabantu bakhe ngaphandle kokuthi bathi “asiwukhipheni umndeni kaLothi edolobheni lenu ngempela bona bayibantu abahlanzekile abamsulwa”
  57. Ngakho-ke samsindisa kanye nomdeni wakhe ngaphandle konkosikazi wakhe samenza ukuba abe ngomunye wabasalela ngemumva
  58. Futhi sayinethisa phezu kwabo imvula kangangoba kwakuyimvula embi yalabo ababexwayisiwe
  59. Ithi, “udumo lungolukaMvelinqangi futhi ukuthula makube ezincekwini zakhe lezo azikhetha, ngakuba uMvelinqangi ungcono noma yilokho abamenzela ngakho abahlanganyeli ekumkhonzeni na?”
  60. Ubani owadala amazulu nomhlaba futhi wanehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni sabe sesikhulisa ngayo izivande ezinhle ezijabulile? Angeke nibe nawo amandla okukhulisa izihlahla zawo, ngakube ukhona yini unkulunkulu okanye noMvelinqangi na? Kepha bona bangabantu abenza abalingani
  61. Akusiyena yini owenza umhlaba waba yindawo yokuhlala wayesebeka imifula kuwona futhi wabeka izintaba kuwona futhi wabeka isehlukaniso phakathi kwezilwandle ezimbili, ngakube ukhona yini unkulunkulu okanye noMvelinqangi na? Kepha iningi labo alazi
  62. Ubani ophendula lowo ophelelwe yithemba uma emmemeza futhi asuse okubi bese enenza nibe yisizukulwane esilandelayo emhlabeni na? Ngakube ukhona yini unkululnkulu okanye noMvelinqangi na? Kuncane enikukhumbulayo
  63. Ubani oniholayo ebumnyameni bezwe nolwandle futhi othumela imimoya njengezindaba ezimnandi ngaphambi komusa wakhe na? Uphakeme uMvelinqangi ngaphezu kwalokho abamenzela ngako abahlanganyeli ekumkhonzeni
  64. Ubani osungula indalo bese eyiphinda futhi anabele ngokuvela ezulwini nasemhlabeni ngakube ukhona yini unkulunkulu okanye noMvelinqangi na? Ithi “lethani ubufakazi benu uma kungukuthi nina nineqiniso”
  65. Ithi, “akekho ngisho noyedwa osemazulwini nasemhlabeni owazi okungabonwayo ngaphandle kukaMvelinqangi futhi abazi ukuthi bayovuswa nini kwabafileyo”
  66. Qhabo! abanalo ulwazi ngempilo ezayo qhabo bona basekungabazeni ngayo Kepha bona bayizimpumputhe ngayo
  67. Futhi labo abangakholwanga bathi ngakube uma sesiwuthuli kanye nobaba bethu ngempela siyovezwa (sibe yizidalwa ezintsha yini na)
  68. Ngempela sathenjiswa lokhu thina kanye nabobaba bethu ngaphambilini lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuyizinganekwane zabantu basendulo
  69. Ithi hambani ezweni bese niyabona ukuthi sabayini isiphetho sezoni
  70. Futhi ungaphatheki kabi ngabo futhi ungabi lusizi ngalokho abenza ngako icebo
  71. Futhi bathi, “siyogcwaliseka nini lesisithembiso uma kungukuthi nina nineqeniso na?”
  72. Ithi, “mhlawumbe kuseduzane emumva kwenu okunye kwalokho enifuna ukuba kusheshe”
  73. Futhi ngempela iNkosi yakho ingumnikazi womusa ebantwini kepha iningi labo alibongi
  74. Futhi ngempela iNkosi yakho iyakwazi lokho izifuba zabo ezikufihlayo kanye nalokho ezikuvezayo
  75. Futhi akukho lutho olufihlekile ezulwini nasemhlabeni ngaphandle kokuthi kusencwadini ecacile
  76. Ngempela leQur’an izekela abantwana bakwa-Israyeli labo abaningi babo abaphikisanayo ngako
  77. Futhi ngempela ukuholwa nomusa kungokwabakholwayo
  78. Ngempela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngesehlulelo sayo futhi yona iphakeme ngamandla inolwazi
  79. Ngakho-ke yethembela kuMvelinqangi ngempela wena useqinisweni eligqamile
  80. Ngempela wena angeke wenze abafile ukuthi bezwe futhi angeke wenze izithuli ukuba zizwe ukumenyezwa uma sezifulathele zibaleka
  81. Futhi wena angeke uzihole izimpumputhe ekudukeni kwazo, ungenza ukuthi bezwe labo abakholelwa emavesini ethu ngakho-ke labo bangabazinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
  82. Futhi uma behlelwa yizwi sizobavezela isidalwa esinyakazayo esiphuma emhlabeni ukuthi sikhulume nabo ngoba abantu abazange baqiniseke ngamavesi ethu
  83. Futhi ngosuku lapho siyoqoqa kuleso nalesosizwe iqembu phakathi kwalabo ababephika amavesi ethu bese beyiswa (endaweni yokwahlulelwa)
  84. Kuzekuthi uma befika athi ngakube naniwaphika yini amavesi ami kulapho naningenalo ulwazi ngawo, kwakuyini lena enayiyenza na
  85. Futhi izwi liyogcwaliseka kubona ngenxa yokuthi bebenza okungenabo ubulungiswa ngakho-ke bona angeke bakhulume
  86. Ababoni yini ukuthi sabenza ubusuku ukuthi baphumule kubona nemini ukuze ibanike ukukhanya na? ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abakholwayo
  87. Futhi ngosuku lapho kuyobe kushawa ngalo icilongo, noma ngabe ngubani osemazulwini noma ngabe ngubani osemhlabeni uyokwesaba ngaphandle kwalabo ngokuthanda kukaMvelinqangi, futhi bonke bayoza kuyena bezithobile
  88. Futhi uyobona izintaba ucabange ukuthi zisimeme kulapho zona ziyobe zidlula njengokudlula kwamafu, okwenziwe nguMvelinqangi okunguyena owenzisisa kahle zonke izinto, ngempela yena unolwazi olunzulu ngalokho enikwenzayo
  89. Noma ngabe ngubani ofike nokuhle ngakho-ke okwakhe okungcono kunako futhi bona bayophepha ekwesabeni kwangalolosuku
  90. Futhi noma ngabe ngubani oyofika nokubi buyophonswa emlilweni ubuso babo, ngakube niyonikezwa omunye umvuzo ngaphandle kwalokho enanikwenza na
  91. Kuphela ngiphoqiwe ukuba ngikhonze iNkosi yalelidolobha (Makkag) elenze labangcwele futhi kungokwakhe, futhi ngiphoqiwe ukuthi ngibe ngomunye wabazinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
  92. Futhi (ngiphoqiwe) ukuba ngifunde iQur’an ngakho-ke noma ngabe ngubani oholiwe kuphela uholelwe umphefumulo wakhe futhi noma ngabe ngubani odukayo ngakho-ke ithi, “kuphela mina ngingomunye wabaxwayisi”
  93. Futhi ithi, “Udumo lungolukaMvelinqangi uzonikhombisa amavesi akhe ukuze niwazi futhi akusikona ukuthi iNkosi yakho ayikunakile lokho enikwenzayo”