26.The Poets

  1. Twa Seen Meem
  2. Lawa ngamavesi encwadi ecacile
  3. Siyazi ukuthi wena uphatheka kabi emphefumulweni ngenxa yokuthi abakholwa
  4. Uma sithanda singehlisela phezu kwabo uphawu oluvela ezulwini oluzokwenza ukuthi kugobe izintamo zabo ngokuzithoba
  5. Futhi angeke kufike kubona isikhumbuzo esisha esivela (kuMvelinqangi)onomusangaphandlekokubabayasifulathela
  6. Ngakho-ke ngempela bayenqaba (incwadi) ziyofika kubona izindaba zalokho ababenza inhlekisa ngako
  7. Ababheki yini emhlabeni ukuthi zingaki izinhlobo zezinto esenza ukuthi zimile kuwona na
  8. Ngempela kulokho kunophawu futhi iningi labo aliyibona abakholwayo
  9. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  10. Futhi (khumbula) ngenkathi iNkosi yakho ibiza uMose ukuthi akahambe aye kubantu abayizoni”
  11. Abantu baFaro, ngakube abamesabi yini uMvelinqangi na
  12. Wathi, “Nkosi yami ngempela mina ngiyesaba ukuthi bazongiphika.”
  13. Futhi isifuba sami siyacinana nolimi lwami alukhulumi kahle ngakho-ke thumela ukuthi kulandwe u-Aroni
  14. Futhi mina nginecala kubona, ngakho-ke ngiyesaba ukuthi bazongibulala
  15. Wathi, “Qha hambani nobabili nezimpawu zethu ngempela thina sikanye nani, siyezwa”
  16. Ngakho-ke hambani nobabili uma senifikile kuFaro nithi “thina siyizithunywa zeNkosi yemihlaba”
  17. Ngakho-ke bavumele abantwana bakwa-Israyeli bahambe kanye nathi
  18. (UFaro) wathi (kuMose), “asizange yini sikukhulise phakathi kwethu njengomntwana futhi wahlala kanye nathi iminyaka eminingi yempilo yakho na?”
  19. Futhi wenza isenzo sakho owasenza kulapho wena wawungomunye wabangabongi
  20. Wathi (uMose) “ngakwenza lokho ngenkathi mina ngangingomunye wabasephutheni”
  21. Ngakho-ke ngabaleka kunina ngenkathi nginesaba kepha iNkosi yami yangipha isehlulelo futhi yangenza ngaba ngomunye wezithunywa
  22. Futhi ngakube (iwona lowo) umusa ongikhumbuzisa wona ukuthi wagqilaza abantwana bakwa Israyeli na?”
  23. UFaro (Wabuza) wathi “futhi iyini iNkosi yemihlaba na?”
  24. (UMose waphendula) ngokuthi “iNkosi yamazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili uma kungukuthi nifuna ukuqiniseka”
  25. (UFaro) wathi “kulabo ababemzungezile “ngakube anikuzwa yini (lokho akushoyo) na?”
  26. Wathi, “iNkosi yenu neNkosi yoyihlo basendulo”
  27. (UFaro) wathi, “ngempela isithunywa senu lesi esithunywe kunina siyahlanya”
  28. (UMose) wathi, “iNkosi yeMpumalanga neNtshonalanga kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili uma kungukuthi nina ninayo ingqondo”
  29. (UFaro) wathi, “uma ukhetha omunye uNkulunkulu esikhundleni sami ngempela ngizokwenza ukuthi ube ngomunye weziboshwa”
  30. UMose wathi, “yize noma ngingakulethela into esobala na?”
  31. (UFaro) wathi, “ilethe uma wena ungomunye wabaneqiniso”
  32. Ngakho-ke (uMose) waphonsa phansi induku yakhe kwaba yilapho iphenduka inyoka egqamile
  33. Futhi wakhipha isandla sakhe kwaba yilapho simhlophe kwabasibonayo
  34. (UFaro) wathi, ebaholini abamzungelezile ngempela lona ngumlumbi onolwazi olunzulu
  35. Ufuna ukunigxosha ezweni lenu ngomlingo wakhe nicabanga ukuthi kwenziwe njani
  36. Bathi, “mnike ithuba yena nomfowabo bese uthumela izigijimi emadolobheni”
  37. Ukuze zikulethele bonke abalumbi abanolwazi olunzulu
  38. Ngakho-ke abalumbi baqoqelwa ndawonye ukuze kuqokwe isikhathi ngosuku olwaziwayo
  39. Futhi kwathiwa kubantu ngakube nina niyohlangana ndawonye na
  40. Ukuze sibalandele abelumbi uma bona bengabanqobayo
  41. Ngakho-ke kwathi lapho sebefika abalumbi bathi kuFaro, “ngakube sizowuthola yini umvuzo uma thina singabanqobayo na?”
  42. UFarowathi,“yebofuthingempelaninanizobangabasondelayo (kumina)”
  43. UMose wathi kubona, “phonsani lokho enizokuphonsa”
  44. Ngakho-ke baziphonsa izintambo zabo kanye nezinduku zabo base bethi, “ngamandla kaFaro ngempela thina sizonqoba”
  45. Ngakho-ke uMose wayiphonsa phansi induku yakhe kwaba yilapho – yona ikugwinya konke lokho okungamanga ababekuveza
  46. Ngakho-ke bawa abelumbi bajabalala
  47. Bathi, “sikholiwe eNkosini yemihlaba”
  48. In kosi kaMose no-Aroni”
  49. (UFaro) wathi, “senikholiwe kuyona ngaphambi kokuba ngininike imvume ngempela yena (uMose) iyiNkosi yenu okuyiyona eyanifundisa umlingo ngakho-ke nizokwazi, ngempela ngizonquma izandla zenu kanye nezinyawo zenu ezinhlangothini ezehlukene futhi ngempela ngizoninqamuleza nonke”
  50. Bathi, “abukho ubungozi (asesabi lutho) ngempela thina siyophindela eNkosini yethu”
  51. Siyethemba ukuthi iNkosi yethu izosithethelala ukona kwethu ngokuba singamakholwa okuqala”
  52. Futhi sembula kuMose ukuthi akahambe ebusuku kanye nezinceku zami ngempela nina nizolandelwa
  53. Ngakho-ke uFaro wathumela izigijimi emadolobheni
  54. Ngempela laba bayiqembu elincane
  55. Futhi ngempela bona bayasithukuthelisa
  56. Futhi ngempela thina saqaphelisa wonke umphakathi
  57. Ngakho-ke sabakhipha ezivandeni nasemithonjeni
  58. Nasemicebweni nakuzona zonke izinhlobo zezindawo ezihloniphekile
  59. Kanjalo sakunikeza lokho njengefa kubantwana bakwa- Israyeli
  60. Ngakho-ke babalandela ngasekuphumeni kwelanga
  61. Kwathi lapho amaqembu amabili esebonana abalandeli baMose bathi, “ngempela sesificiwe”
  62. (UMose) wathi, “lutho! Ngempela iNkosi yami ikanye nami izongihola”
  63. Ngakho-ke sembula kuMose ukuthi, “shaya ulwande ngenduku yakho” lwaqhekeka phakathi ingxenye nengxenye yaphenduka yaba yigquma elikhulu elinjengentaba
  64. Futhi sabasondeza abanye lapho
  65. Futhi samsindisa uMose kanye nababekanye naye bonke
  66. Sabe sesiyabaminzisa abanye
  67. Ngempela kulokho kunophawu futhi iningi labo alisibona abakholwayo
  68. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  69. Futhi bafundele indaba ka-Abrahamu
  70. Khumbula ngenkathi ethi kuyise nakubantu bakhe, “nikhonzani na?”
  71. Bathi, “sikhonza izithombe, sizinikele kuzona.”
  72. (U-Abrahamu) wathi, “ngakube ziyanizwa yini uma nizibiza na?”
  73. Noma ziwusizo kunina noma zinobungozi na
  74. Bathi, “Qhabo! Safica obaba bethu benzenjalo (bezikhonza izithixo).”
  75. U-Abrahamu wathi, “Ngakube nikubonile yini lokho nina enanikukhonza”
  76. Nina kanye naboyihlo basendulo na
  77. Ngakho-ke ngempela bona bayizitha kumina ngaphandle kweNkosi yemihlaba
  78. Okuyiyona eyangidalayo, yona iyangihola
  79. Futhi iyona engipha ukudla nengiphuzisayo
  80. Futhi uma ngigula yona iyangelapha
  81. Futhi iyona eyokwenza ukuthi ngife bese ingipha ukuphila
  82. Futhi iyona engethemba ukuthi iyongithethelela amaphutha ami ngosuku lwenkokhelo
  83. Nkosi yami ngiphe ukwehlulela (ukuhola okuyiqiniso) futhi ungihlanganise nabalungileyo
  84. Futhi ngiphe udumo ezizukulwaneni ezilandelayo
  85. Futhi ngenze ngibe ngomunye wezindlalifa zesivande senjabulo
  86. Futhi thethelela ubaba ngempela yena ungomunye wabadukileyo
  87. Futhi ungangiphathi kabi ngosuku lapho beyobe bevuswa
  88. Ngosuku lapho umnotho nezingane kungeke kusize ngalutho
  89. Ngaphandle kwalowo oyoza kuMvelinqangi nenhliziyo emsulwa
  90. Futhi izulu liyosondezelwa abesaba uMvelinqangi
  91. Futhi isihogo siyovezelwa obala labo abaphambukileyo
  92. Futhi kuyothiwa kubona, “kuphi lokho enanikukhonza na?”
  93. Esikhundleni sikaMvelinqangi na? Ngakube kuyanisiza noma kuyazisiza na
  94. Ngakho-ke bayophonswa kusona (isihogo) bona kanye nabaphambukileyo
  95. Kanye namabutho kasathane wonke
  96. Lapho phakathi bona bayoxabana bathi
  97. Sifunga ngoMvelinqangi! Ngempela sasisekudukeni okucacile
  98. Ngenkathi sinilinganisa neNkosi yemihlaba
  99. Futhi akekho owasidukisa ngaphandle kwezoni
  100. Ngakho-ke asinaye ongomunye wabancengeli
  101. Noma umngane omnene
  102. Ngakho-ke ukube besingaphindela (emhlabeni) besizokuba ngabanye babakholwayo
  103. Ngempela kulokho kunophawu futhi iningi labo alikholwa
  104. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  105. Abantu baNowa baziphika izithunywa
  106. Khumbula ngenkathi umfowabo uNowa ethi kubona, “animesabi yini na uMvelinqangi?”
  107. Ngempela mina ngiyisithunywa esethembekile kunina
  108. Ngakho-ke mesabeni uMvelinqangi futhi ningihloniphe
  109. Futhi angiwuceli kunina umvuzo ngako, umvuzo wami angiwutholi (komunye umuntu) ngaphandle kokuwucela eNkosini yemihlaba
  110. Ngakho-ke yesabani uMvelinqangi futhi ningihloniphe
  111. Bathi, “singakholelwa yini kuwena kulapho ulandelwa ngabantu abasezingeni eliphansi kakhulu na?”
  112. Wathi. “Futhi yiluphi ulwazi enginalo ngalokho ababekwenza na?”
  113. Ukwahlulelwa kwabo kuseNkosini yami ukube nje benazi
  114. Futhi angeke ngiwagxoshe amakholwa
  115. Mina angiyilutho ngaphandle kokuba ngumxwayisi ocacile
  116. Bathi, “uma ungaphezi Oh Nowa! Ngempela uzokuba ngomunye walabo abakhandwa ngamatshe”
  117. (UNowa) wathi, “Nkosi yami ngempela abantu bami bangiphika.”
  118. Ngakho-ke yehlulela phakathi kwami nabo futhi ungisindise kanye nanoma ngabe ngobani abakanye nami abangamakholwa
  119. Ngakho-ke samsindisa kanye nalabo abakanye naye emkhunjini othweleyo
  120. Sabe sesibaminzisa abanye emva kwalokho
  121. Ngempela kulokho kunophawu futhi iningi labo lalingesiwona amakholwa
  122. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  123. Abantu base A’d baziphika izithunywa
  124. Khumbula ngenkathi umfowabo uHud ethi kubona “animesabi yini na uMvelinqangi?”
  125. Ngempela mina ngiyisithunywa esethembekile kunina
  126. Ngakho-ke yesabani uMvelinqangi futhi ningihloniphile
  127. Futhi angiwufuni umvuzo kunina ngako, umvuzo wami angiwutholi komunye umuntu ngaphandle kokuwuthola eNkosini yemihlaba
  128. Ngakube nenza uphawu phezu kwazo zonke izindawo eziphakeme? Niyazithokozisa
  129. Futhi nizithathele izindlu ezinkulu ezidephile ezinohlonze ukuze nihlale kuzona ingunaphakade
  130. Futhi uma nishaya, nishaya ngobudlova
  131. Ngakho-ke yesabani uMvelinqangi futhi ningihloniphe
  132. Futhi mesabeni lowo owanilekelela ngalokho enikwaziyo
  133. Wanilekelela ngezinkomo nangezingane
  134. Nangezivande nangemithombo
  135. Ngempela mina ngiyanesabela isijeziso sosuku olukhulu
  136. Bathi, “kuyefana kuthina noma uyashumayela noma awusiyena omunye wabashumayelayo”
  137. Lokhu akuyilutho ngaphandle kokuba kube yinkolo yasendulo
  138. Futhi thina angeke sijeziswe
  139. Ngakho-ke bamphika sabe sesibabhubhisa, ngempela kulokho kunophawu futhi iningi labo lalingesiwona amakholwa
  140. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  141. Abantu baThamud baziphika izithunywa
  142. Khumbula ngenkathi umfowabo uSwalih ethi kubona “animesabi yini na uMvelinqangi.”
  143. Ngempela mina ngiyisithunywa esethembekile kunina
  144. Ngakho-ke yesabani uMvelinqangi futhi ningihloniphe
  145. Futhi angiwufuni kunina umvuzo ngako, umvuzo wami awukho komunye umuntu ngaphandle kokuba useNkosini yemihlaba
  146. Ngakube nizoyekwa niphephile kulokhu enikukona lapha
  147. Ezivandeni nasemithonjeni
  148. Nasemasimini nasezihlahleni zesundu isixha sazo sithambile
  149. Futhi nimba izintaba ngobiciko ukuze nakhe izindlu
  150. Ngakho-ke mesabeni uMvelinqangi futhi ningihloniphe
  151. Futhi ningayihloniphi impoqo yezaphulamthetho
  152. Labo abenza ukona ezweni, abangalungisi
  153. Bathi, “kuphela wena ungomunye wabalunjiwe”
  154. Awuyilutho ngaphandle kokuba ngumuntu onjengathi ngakho-ke makunjalo veza uphawu uma kungukuthi wena ungomunye wabaqinisile
  155. Wathi, “leli yikameli lensikazi linelungelo lokuphuza, nani ninelungelo lokuphuza ngosuku olwaziwayo”
  156. Futhi ningalithinti ngobubi hleze nithathwe yisijeziso sosuku olukhulu
  157. Kepha balibulala (ikameli) base bephenduka abazisolayo
  158. Ngakho-ke bathathwa yisijeziso, ngempela kulokho kunesifundo futhi iningi labo lalingeyibona abakholwayo
  159. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  160. Abantu baLothi baziphika izithunywa
  161. Khumbula ngenkathi umfowabo uLothi ethi kubona “animesabi yini na uMvelinqangi?”
  162. Ngempela mina ngiyisithunywa esethembekile kunina
  163. Ngakho-ke mesabeni uMvelinqangi futhi ningihloniphe
  164. Futhi angiwufuni kunina umvuzo ngako, umvuzo wami awukho komunye umuntu ngaphandle kokuthi useNkosini yemihlaba
  165. Ngakube phakathi kwezidalwa (nikhetha) ukuya kwabesilisa na
  166. Futhi niyeka labo iNkosi yenu eyanidalela bona ukuba babe ngamakhosikazi enu, Qhabo! Nina ningabantu abephula umthetho
  167. Bathi, “Oh Lothi! uma ungaphezi ngempela uzokuba ngomunye wabagxoshiwe”
  168. Wathi, “Ngempela mina lesisenzo senu angisithandi”
  169. Nkosi yami ngisindise kanye nomndeni wami kulokhu abakwenzayo
  170. Ngakho-ke samsindisa kanye nomndeni wakhe wonke
  171. Ngaphandle konkosikazi omdala phakathi kwalabo ababesalele ngemumva
  172. Sabe sesibabhubhisa abanye
  173. Futhi sayinethisa imvula phezu kwabo, imvula eyayiyimbi kulabo ababexwayisiwe
  174. Ngempelakulokhukunesifundofuthiiningilabolalingesiwona amakholwa
  175. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  176. Izihlali zase-Aykah zaziziphika izithunywa
  177. Khumbula ngenkathi uShuaib ethi kuzona “animesabi yini na uMvelinqangi?”
  178. Ngempela mina ngiyisithunywa esethembekile kunina
  179. Ngakho-ke mesabeni uMvelinqangi futhi ningihloniphe
  180. Futhi angiwufuni kunina umvuzo ngako, umvuzo wami angiwutholi komunye umuntu ngaphandle kokuwuthola eNkosini yemihlaba
  181. Nikezani isilinganiso esigcwele futhi ningabi ngabanye balabo abayimbangela yokulahleka
  182. Futhi linganisani ngesikalo esiyiqiniso nesiqondile
  183. Futhi ningayidli impahla yabantu ngamacebo ngokuyehlisa futhi ningenzi ukona emhlabeni
  184. Futhi mesabeni lowo owanidala kanye nezizukulwane zasendulo
  185. Bathi, “kuphela wena ungomunye walabo abalunjiwe”
  186. Futhi wena awuyilutho ngaphandle kokuba ngumuntu ofananathi futhi sicabanga ukuthi ungomunye wabaqamba amanga
  187. Ngakho-ke makunjalo yehlisela phezu kwethu ingxenye yezulu uma kungukuthi ungomunye wabaqinisileyo
  188. Wathi, “iNkosi yami eyazi kangcono ngaloko enikwenzayo”
  189. Kepha bamphika, ngakho-ke yisijeziso sosuku lwethunzi, ngempela leso kwakuyisijeziso sosuku olukhulu
  190. Ngempela kulokho kunesifundo futhi iningi labo lalingeyiwona amakholwa
  191. Futhi ngempela iNkosi yakho yona iphakeme ngamandla inesihawu
  192. Futhi ngempela lesi yisambulo seNkosi yemihlaba
  193. Esehliselwe phansi ngumoya ongcwele (uGabriyeli) owethembekile
  194. Enhliziyweni yakho ukuze ube ngomunye wabaxwayisi
  195. Ngolimi lwesi-Arabhu olucacile
  196. Futhi ngempela yona (iQur’an) kwakubikezelwe ngayo emibhalweni yasemandulo
  197. Akusilona yini uphawu kubona ukuthi izifundiswa zabantwana bakwa-Israyeli ziyayazi (iQur’an) na
  198. Ngisho noma ngabe sasiyembule kwabanye bakwelinye izwe
  199. Bese eyabafundela babengeke babe ngabakholelwa kuyona
  200. Kanjalo sayenza ukuthi ingene igxile ezinhliziyweni zezoni
  201. Abakholelwa kuyona kuze kube yilapho bebona khona isijeziso esibuhlungu
  202. Ngakho-ke siyobafikela masinyane kulapho bona benganakile
  203. Bayothi, “ngakube thina sizonikwa yini na ithuba?”
  204. Ngakube basafuna yini ukusisheshisa isijeziso sethu na
  205. Ngakube ubonile yini ukuthi sabathokozisa iminyaka eminingi na
  206. Kwabe sekufika kubona lokho ababethenjiswe kona na
  207. Akuzange kubasize lokho ababezijabulisa ngako
  208. Futhi alikho idolobha esalibhubhisa elalingenabo abexwayisi balo
  209. Ngendlela eyisikhumbuzo, futhi asikaze senze okungenabulungiswa
  210. Futhi akuyibona osathane abayiletha phansi(iQuran)
  211. Futhi akubafanele (osathane ukwenza lokho) futhi abanawo amandla
  212. Ngempela bona baqhelelanisiwe nokuzwa
  213. Ngakho-ke ungambizi uMvelinqangi kanye nomunye uNkulunkulu ngokuba uzoba ngomunye wabajeziswayo
  214. Futhi zixwayise izihlobo zakho ezisondele kakhulu
  215. Futhi yiba mnene kunoma ngabe ngubani okulandelayo kwabakholwayo
  216. Kepha uma bengakuhloniphi ngakho-ke ithi, “ngempela mina ngimsulwa kulokho enikwenzayo”
  217. Futhi thembela kophakeme ngamandla onesihawu
  218. Lowo okubonayo uma usukuma emthandazweni
  219. Nokuhamba phakathi kwalabo abaguqile bezithobile
  220. Ngempela yena ungozwayo, owaziyo
  221. Ngakube nginitshelile yini ukuthi osathane behlela phezu kukabani na
  222. Behlela phezu kwabona bonke abaqamba amanga abanezono
  223. Bayamlalela (usathane) futhi iningi labo lingabaqambimanga
  224. Kanye nezimbongi, abaphambukayo bayazilandela
  225. Awuboni yini ukuthi bona bayazulazula kuzona zonke izigodi
  226. Nokuthi bona basho lokho abangakwenzi
  227. Ngaphandle kwalabo abakholwayo abenza izenzo ezilungileyo futhi abakhumbula uMvelinqangi kaningi futhi abavikelayo emva kokuba benziwe okungenabulungiswa futhi bayokwazi labo abenza okungenabo ubulungiswa ukuthi iyiphi indawo yokuphenduka abayophendukela kuyona