25.The Criterion

  1. Uyingcwele lowo owehlisela phansi isimo sokunquma phezu kwenceku yakhe ukuze ibe ngumxwayisi ezizweni
  2. Okunguyena okungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba futhi ongakaze abe nendodana futhi ongenaye umhlanganyeli embusweni futhi wadala zonke izinto wazilinganisa ngendlela ezifaneleke ngayo
  3. Futhi bazithathela abanye onkulunkulu esikhundleni sakhe abangakwazi ukudala lutho kulapho bona bedaliwe futhi bona uqobo lwabo abanalutho olulimazayo futhi abanalutho oluyinzuzo futhi abakwazi ukudala ukufa nokupha impilo nokuvusa (abafileyo)
  4. Futhi labo abangakholwanga bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle kwamanga awaqambile futhi abanye abantu bamelekelela kuwo ngakho-ke ngempela baveze okungenabulungiswa nokungaimanga”
  5. Futhi bathi, “yizinganekwane zasendulo azibhale phansi ngakho-ke uyabizelwa zona ekuseni nakusihlwa”
  6. Ithi, “uyehlisele phansi lowo owazi imfihlo emazulwini nasemhlabeni ngempela yena ngasosonke isikhathi uyathethelela unesihawu”
  7. Futhi bathi, “kungani lesisithunywa sidla ukudla futhi siyahamba siya ezitolo na? Kungani kungehliselwanga phansi kusona ingelosi ukuze ibe ngumxwayisi kanye naso”
  8. Noma anikezwe ingcebo noma abe nesivande adla kusona futhi abayizoni bathi “anilandeli lutho ngaphandle komuntu olunjiwe”
  9. Bheka ukuthi bakwenzela kanjani izibonelo base beyaduka bangakwazi ukuyifumana indlela
  10. Uyingcwele lowo othi uma ethanda akubekele okungcono kunalokho – izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula futhi uzokubekela izindlu ezinkulu zobukhosi
  11. Kepha bayaliphika ihora futhi noma ngabe nguba oliphikayo ihora simlungiselele umlilo ovuthayo
  12. Uma ubabona (umlilo) besendaweni ekude bayokuzwa ulaka olukhulu nokubhonga kwawo
  13. Futhi uma bephonswa endaweni encane ngobubanzi lapho phakathi beboshwe ngamaketango bayokhalela ukubhujiswa lapho
  14. Musani namhlanje ukukhalela ukubhujiswa okukodwa kepha khalelani ukubhujiswa okuningi
  15. Ithi, “ngakubelokhokungcononomaisivandesangunaphakade okuyisona esathenjiswa abagwema okubi na? Lokho ngumvuzo nesiphetho sabo”
  16. Okwabo lapho phakathi kuyoba yikona konke lokho abakufisayo, bayohlalakhonaingunaphakade, lesiyisethembiso ukugcwaliseka kwaso kuseNkosini yakho
  17. Futhi ngosuku lapho eyobaqoqa ngalo kanye nalokho abakukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi bese ethi, “ngakube nina naziphambukisa yini lezizinceku zami noma zona zaziphambukela ngokwazo endleleni na?”
  18. Bayothi, “udumo malube kuwe! Kwakungasifanele ukuthi sithathe abanye abavikeli esikhundleni sakho kepha wena wabenza ukuthi bazithokozise kanye noyise kwaze kwaba yilapho bekhohlwa isexwayiso base bebangabantu abalahlekileyo”
  19. Ngakho-ke bazokubiza ngamanga konke lokho enikushoyo bese ningabe nisakwazi ukuqhelelana (nesijeziso) futhi ningalutholi usizo futhi noma ngabe ngubani phakathi kwenu ongenabulungiswa simzwisa isijeziso esikhulu
  20. Futhi asizange sithumele ngaphambilini kwakho isithunywa ngaphandle kokuthi zona zazikudla ukudla futhi ziya ezitolo futhi sabenza abanye benu ukuba yizilingo kwabanye, ngakube nizobekezela yini na? futhi iNkosi yakho ngasosonke isikhathi ibhekile
  21. Futhi labo abangakulindele ukuhlangana nathi bathi “azithunyelwangangani phansi kuthina izingelosi noma sibone iNkosi yethu na? Ngempela bazibeke ezingeni eliphezulu futhi bayeyisa ngokukhulu ukuziqhenya lokhu”
  22. Ngosuku lapho beyozibona ngalo izingelosi akuyikubakhona izindaba ezinhle kwabayizoni ngalolosuku, futhi (izingelosi) ziyothi, “nenqatshelwe impumelelo”
  23. Futhi siyophendukela kuyona yonke imisebenzi abayenzile ngakho-ke siyoyenza (leyomisebenzi) ukuthi ibe njengothuli oluhlakazekile
  24. Abahlali basezulwini ngalolosuku bayokuba sendaweni yokuhlala engcono nendawo engcono yokuphumula
  25. Futhi ngosuku lapho isibhakabhaka siyobe siklayeka phakathi emafini futhi izingelosi ziyothunyelwa phansi ngokulandelana
  26. Umbuso ngalolosuku uyobe ungowoNomusa ngokweqiniso futhi kuyoba usuku olunzima kwabangakholwa
  27. Futhi ngosuku lapho isoni siyobe siluma izandla zaso bese sithi “Oh ngifisa! sengathi ngathatha indlela (eqondile) nesithunywa”
  28. Oh usizi kumina! Ngifisa sengathi angizange ngithathe umuntu othize njengomngane
  29. Ngempela wangidukisa esikhumbuzweni emva kokuba sesifikile kumina futhi ngasosonke isikhathi usathane akamphumelelisi umuntu
  30. Futhi isithunywa siyothi, “Oh Nkosi yami! Ngempela abantu bami bayithatha leQur’an njengento enganakiwe”
  31. Futhi kanjalo samenzela uMphrofethi ngamunye isitha phakathi kwabayizoni futhi yanele iNkosi yakho ukuba ngumholi nokuba ngumsizi
  32. Futhi labo abangakholwanga bathi, “ayehliselwanga ngani phansi kuyena iQur’an ngesikhathi esisodwa na?” Kanjalo-ke ukuze siqinise ngayo inhliziyo yakho futhi sayembula kancane kancane
  33. Futhi abakwazi ukukulethela isibonelo ngaphandle kokuthi sikulethela iqiniso nencazelo engcono kunayo
  34. Labo abayoqoqelwa ndawonye esihogweni ngobuso babo labo basendaweni embi futhi baphambuke kakhulu endleleni
  35. Futhi ngempela samnikeza uMose incwadi futhi sabeka umfowabo u-Aroni kanye naye njengomsizi
  36. Sabe sesithi, “nobabili hambani niye ebantwini labo ababephika amavesi ethu sabe sesibabhubhisa ngembubhiso ephelele”
  37. Nabantu baNowa ngenkathi bephika izithunywa sabaminzisa futhi sabenza ukuthi babe nguphawu ebantwini futhi izoni sazilungiselela isijeziso esibuhlungu
  38. No-A’d noThamud nezihlali zaseRass nezizukulwane eziningi maphakathi
  39. Futhi kuleso naleso sizwe sanikeza isibonelo futhi ngamunye wabo sambhubhisa ngembubhiso ephelele
  40. Futhi ngempela bahamba badlula edolobheni elalinethwe yimvula enzima, ngakube abaliboni yini na? Qha abakwethembi ukuvuswa (ngosuku lokuvuswa kwabafileyo)
  41. Futhi uma bekubona abakuthathi njengento yalutho ngaphandle kokukwenza inhlekisa (bathi) “ngakube nguyena lona uMvelinqangi amthuma njengesithunywa yini na?”
  42. Ucishe wasiphambukisa koNkulunkulu bethu, ukube asizange sibabekezelele, futhi bayokwazi ngenkathi besibona isijeziso ukuthi ngubani ophambuke ngokwedlulele endleleni
  43. Ngakube umbonile yini lowo othatha izifiso zakhe njengoNkulunkulu bakhe na? Ngakube wena uzoba ngumlondi wakhe na
  44. Noma ucabanga ukuthi iningi labo liyezwa noma linomqondo yini na? Abayilutho ngaphandle kokufana nezinkomo, Qhabo bona baphambuke endleleni ngokwedlulele
  45. Awuboni yini ukuthi iNkosi yakho iwelula kanjani umthunzi, ukube yayithanda yayizowenza ukuthi umendawonye sabe sesenza ilanga ukuthi libe yisibonakaliso kuwona
  46. Bese siwuletha kuthina siwuletha kancane kancane
  47. Futhi nguyena (uMvelinqangi) owanenzela ubusuku babayisembozo kanye nokulala kwaba ukuphumula futhi wenza imini kwaba ngeyokuvuka (kusetshenzwe)
  48. Futhi nguyena othumela imimoya njengezindaba ezinhle ngaphambi komusa wakhe futhi sawehlisela phansi amanzi (imvula) emsulwa ephuma esibhakabhakeni
  49. Ukuze siphilise ngawo izwe elifile futhi siwaphuzise lokho esakudalayo izinkomo kanye nabantu abaningi
  50. Futhi ngempela sayisabalalisa phakathi kwabo ukuze bakhumbule kepha iningi labantu alivumi lutho ngaphandle kwabangakholwayo
  51. Futhi ukube sasithanda sasizoveza umexwayisi kuwona wonke amadolobha
  52. Ngakho-ke ningabahloniphi (ningabalaleli) abangakholwa futhi zabalaza ubhekane nabo ngayo (iQur’an) ukuzabalaza kanzima
  53. Futhi nguyena owadedela izinhlobo ezimbili zolwandle lolu oluhlwabusile olumtoti kanye nalolu olusasawoti olubabayo futhi wabeka isehlukaniso phakathi kwazo zombili, isehlukaniso ekungavumelekile ukuba seqiwe
  54. Futhi nguyena owadala umuntu ngamanzi futhi wamenzela izinhlobonhlobo zegazi nomshado futhi ngasosonke isikhathi iNkosi yakho inamandla okwenza zonke izinto
  55. Futhi esikhundleni sikaMvelinqangi bakhonza lokho okungeke kubasize nokungeke kubalimaze futhi ngasosonke isikhathi ongakholwayo ungumsizi ekulweni neNkosi yakhe
  56. Futhi asizange sikuthumele ngaphandle kokuba ube ngumlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi
  57. Ithi, “awukho umvuzo engiwucela kunina ngakho ngaphandle kwanoma ngabe ngubani othanda ukuthatha indlela eya eNkosini yakhe”
  58. Futhi thembela kophilayo (u-Allah), ongafi futhi ugubhe indumiso yakhe futhi wanele njengowengamele izono zezinceku zakhe
  59. Yilowo owadala amazulu nomhlaba nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngezinsuku eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi onomusa (uMvelinqangi), ngakho-ke buza ngaye kowaziyo
  60. Futhi uma kuthiwa kubona, “khothamelani onomusa” bathi “ngubani (uMvelinqangi) onomusa na? Ngakube singakhothamela lokho osiphoqelela kukona na? Futhi kubanezelela ekungezwanini
  61. Ungcwele lowo owabeka izinkanyezi ezulwini wayesebeka ukukhanya lapho nenyanga eveza ukukhanya
  62. Futhi yena uyilowo owenza ukuthi ubusuku nemini kushitshane, kunoma ngabe ngubani ofisa ukukhumbula noma ofisa ukubonga
  63. Futhi izinceku zoNomusa yilabo abahamba emhlabeni ngokuzithoba futhi uma abangazi lutho bekhuluma nabo bathi, “ukuthula”
  64. Futhi nalabo abachitha ubusuku bebuchithela iNkosi yabo beguqile ngokuzithoba futhi bemile
  65. Futhi bayilabo abathi, “Nkosi yethu siqhelelanise nathi isijeziso sesihogo, ngempela isijeziso saso ngasosonke isikhathi sikhona.”
  66. Ngempela sona siyindawo embi yokuhlala neyokuphumula
  67. Futhi nalabo okuthi uma besebenzisa okuthize bangamoshi futhi bangancishani kepha babephakathi kwalokho
  68. Futhi nalabo abangambizi omunye uNkulunkulu ngaphandle kukaMvelinqangi futhi abangawubulali umphefumulo uMvelinqangi akwenza kwangavumeleki ukuba ubulawe ngokungeyilona iqiniso futhi abangaphingi, noma ngabe ngubani owenza lokho uyothola isijeziso
  69. Siyophindwa kabili isijeziso kuyena ngosuku lokuvuka kwabafileyo futhi uyohlala lapho ekujabhisweni ingunaphakade
  70. Ngaphandlekwalowoophendukayongokuzisolafuthiakholwe enze nemisebenzi emihle elungileyo, labo uMvelinqangi ushintsha imisebenzi yabo emibi ngemihle futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu
  71. Futhi noma ngabe ngubani ophendukela (kuMvelinqangi) ngokuzisola futhi enze imisebenzi elungileyo ngempela yena ungozisolayo kuMvelinqangi ukuzisola kweqiniso
  72. Nalabo abangabethuli bobufakazi ngamanga futhi okuthi uma bedlula ezinkulumweni eziyize badlula ngesizotha
  73. Kanye nalabo okuthi uma bekhunjuzwa ngamavesi eNkosi yabo abaweli phezu kwawo beyizithuli nezimpumputhe
  74. Kanye nalabo abathi, “Nkosi yethu siphe emakhosikazini ethu nasenzalweni yethu ukuthokoza kwamehlo futhi senza thina sibe abaholi balabo abagwema okubi”
  75. Labo bayonikwa umvuzo wendawo ephakeme ngenxa yokubekezela kwabo futhi lapho phakathi bayohlangatshezwa ngesibingelelo nangokuthula
  76. Bayohlala lapho phakathi ingunaphakade, indawo yokuhlala engcono neyokunethezeka
  77. Ithi, “iNkosi yami yayingeke ininakekele ukube kwakungesingenxa yemithandazo yenu kepha manje niyayiphika ngakho-ke isijeziso kuyoba ngesenu ingunaphakade”