24.The Light

  1. (Lesi) yisahluko esasehlisela phansi sasenza sabayisibopho futhi sembulile kusona amavesi acacile ukuze nikhumbule
  2. Isiphingi sesifazane nesiphingi sesilisa bhaxabulani ngamunye wabo bobabili imivimbo eyikhulu, ningavumeli ukuthi nibe nesihe mayelana nabo bobabili esijezisweni senkolo kaMvelinqangi uma nina nikholelwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, futhi iqembu labakholwayo mabasibone isijeziso sabo bobabili
  3. Isiphingi sesilisa asishadi ngaphandle kokuthi sishade nesiphingi sesifazane noma isikhonzi sesithombe sesifazane nesiphingi sesifazane akekho oyoshada nabo bobabili ngaphandle kwesiphingi sesilisa nesikhonzi sesithombe sesilisa futhi kwenqatshelwe lokho kwabakholwayo
  4. Futhi labo ababeka icala abesifazane abamsulwa bese bengabalethi ofakazi abane ngakho-ke bashayeni imivimbo engamashumi ayisishiyagalombili futhi ningabemukeli ubufakazi babo futhi labo bangabangahloniphi
  5. Ngaphandle kwalabo abazisolayo emva kwalokho futhi benze izenzo ezinhle ezilungileyo ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyathethelela unomusa
  6. Futhi labo ababeka icala amakhosikazi abo futhi bengenabo ofakazi ngaphandle kwemiphefumulo yabo ngakho-ke makafakaze kane ngoMvelinqangi ngempela yena ungowalabo abakhuluma iqiniso
  7. Futhi okwesihlanu ukuthi isiqalekiso sikaMvelinqangi sibe phezu kwakhe uma engomunye wabaqamba amanga
  8. Futhi siyoqhelelaniswa naye owesifazane isijeziso uma efakaza ngoMvelinqangi izikhathi ezine ukuthi ngempela owesilisa ungowabaqamba amanga
  9. Futhi okwesihlanu ukuthi intukuthelo kaMvelinqangi ibe phezu kwakhe owesifazane uma (owesilisa) engowabakhuluma iqiniso
  10. Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu kanye nomusa wakhe futhi uMvelinqangi wemukela ukuzisola unobuhlakani
  11. Ngempela labo abeze namanga bayiqembu eliphuma phakathi kwenu ningakuthathi ngokuthi kuyinto embi kunina, kepha kona kungcono kunina kubona bonke abantu phakathi kwabo yilokho akusebenzele okuyisono. Futhi lowo phakathi kwabo onengxenye enkulu kukona okwakhe isijeziso esikhulu
  12. Kungani uma senikuzwile lokho abakholwayo besilisa nabesifazane bangabacabangeli okuhle abantu babo futhi bathi, “lokhu kungamanga acacile yini na?”
  13. Kungani bengalethanga kuyena ofakazi abane na? Ngakho-ke uma bengabalethi ofakazi kusho ukuthi bona kuMvelinqang bangabaqambi bamanga
  14. Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu nomusa wakhe kulomhlaba nasempilweni ezayo ngempela isijeziso esikhulu sasizonithinta ngenxa yalokho enikushilo
  15. Khumbula ngenkathi nikwemukela ngezilimi zenu futhi nikhuluma ngemilomo yenu lokho eningenalwazi ngakho nikuthatha njengento elula kulapho kuMvelinqangi kuyinto enkulu
  16. Futhi kwenziwa yini ngenkathi nikuzwa nithi “Akusifanele ukuthi singakhuluma ngalokhu, udumo lungolwakho (Mvelinqangi) lokhu kuyisihlebo esikhulu”
  17. UMvelinqangi uyaniyala ngokuthi ningaphindeli kokufana nako uma kungukuthi nina ningamakholwa
  18. FuthiuMvelinqangiuyanicaciselaamavesi, futhiuMvelinqangi uyazi unobuhlakani
  19. Ngempela labo abathanda ukudlulisela okubi kulabo abakholwayo okwabo yisijeziso esibuhlungu kulomhlaba nasempilweni ezayo futhi uMvelinqangi uyazi nina anazi
  20. Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu kanye nomusa wakhe, futhi uMvelinqangi umnene unesihawu
  21. Oh nina enikholwayo! ningazilandeli izinyathelo zikasathane futhi noma ngabe ngubani olandela izinyathelo zikasathane ngakho-ke ngempela yena wenza okubi nokungalungile futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu nomusa wakhe, akekho ngisho noyedwa wenu owayezobamsulwa, kepha uMvelinqangi wenza noma ngabe ngubani amthandayo ukuthi abemsulwa futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
  22. Futhi abangafungi labo abanikwe ububele phakathi kwenu nengcebo ukuthi bangabanika (usizo) abayizihlobo, abampofu kanye nabashiya amakhaya abo baye endleleni kaMvelinqangi kufanele bathethelele futhi bakhohlwe anithandi yini ukuthi uMvelinqangi anithethelele na? Futhi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  23. Abesifazane ababi bangabamadoda amabi, futhi amadoda amabi angabesifazane ababi, futhi abesifazane abahle bangabangamadoda amahle, futhi amadoda amahle angabesifazane abahle
  24. Ngosuku lapho izilimi zabo, izingalo zabo kanye nezinyawo zaboziyobezifakazamaqondananabomayelananababekwenza
  25. Ngosuku lapho uMvelinqangi eyobakhokhela umvuzo wabo oyiqiniso ngokugcwele futhi bayokwazi ukuthi uMvelinqangi uyiqiniso elicacile
  26. Amagama amabi angawamadoda (noma angawabantu ababi) nabantu ababi bangabamagama amabi, namagama amahle angawabantu abahle nabantu abahle bangabamagama amahle, labo bamsulwa kulokho abakushoyo okwabo yintethelelo nesabelo esihloniphekile
  27. Oh nina enikholwayo! ningabongena ezindlini ekungeyizona izindlu zenu kuze kube nicela imvume yokungeni futhi nibingelele izihlali zazo, lokho kungcono kunina ukuze mhlawumbe nikhumbule
  28. Uma ningafici ngisho noyedwa phakathi (ezindlini) ngakho- ke ningangeni kuzona kuze kube ninikezwa imvume (yokungena) futhi uma kuthiwa kunina phindelani emumva phindelani emumva phindelani lokho kumsulwa kakhulu kunina futhi uMvelinqangi uyazi ngalokho enikwenzayo
  29. Akusilona icala kunina ukungena ezindlini ekungahlalwa kuzona ekunezinto zenu khona, futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikuvezayo kanye nalokho enikufihlayo
  30. Batshele abakholwayo besilisa ukuthi abazothise amehlo abo futhi bagcine izitho zabo zomzimba zangasese, lokho kumsulwa kakhulu kubona, ngempela uMvelinqangi uyazi ngalokho abakwenzayo
  31. Futhi batshele abakholwayo besifazane ukuthi abazothise amehlo abo futhi bagcine izitho zabo zomzimba zangasese futhi bangabuvezi ubuhle babo ngaphandle kwalokho okuvelayo kubona futhi mabamboze imiqala yabo kuze kufinyelele ezifubeni zabo futhi mabangabuvezi ubuhle babo ngaphandle kokubuveza kubayeni babo noma koyise noma koyise babayeni babo noma emadodaneni abo noma emadodaneni abayeni babo noma kubafowabo noma emadodaneni abafowabo noma emadodaneni o d a d e w a b o noma kwabesifazane babo noma kulabo abasezandleni zabo abesifazane ezingakwezokudla noma abalandeli abantu besilisa abangenayo imizwa ngomuntu wesifazane noma ezinganeni ezingazi lutho ngezitho zomzimba zangasese zabesifazane futhi mabangahambi ngezinyawo zabo ngendlela ezokwenza ukuthi kuzwakale lokho abakufihlile ebuhleni babo futhi nonke nina makholwa phendukelani kuMvelinqangi ukuze niphumelele
  32. Futhi shadani nalabo phakathi kwenu abangashadile nabalungileyo ezincekwini zenu kanye nezisebenzi zenu zesifazane, uma bempofu uzobanothisa uMvelinqangi ngomusa wakhe futhi uMvelinqangi ungamele konke uyisazi
  33. Futhi labo abangazitholi izindlela zokushada mabazigcine bemsulwa kuze kube uMvelinqangi uyabanothisa ngomusa wakhe futhi labo phakathi kwalabo abasezandleni zenu zangakwezokudla (izigqila) uma zifuna umbhalo (wokukhululeka kwazo) zibhaleleni futhi uma nibubona ubuhle kuzona zipheni engcebweni okuyiyona uMvelinqangi anipha kuyona futhi ningaziphoqeleli izigqila zenu ezingamantombazane ebufebeni, uma zifisa ukuhlala zimsulwa ukuze zizuze izinto zempilo yalomhlaba futhi noma ngabe ngubani oziphoqelelayo izigqila eziyisifazane ngakho- ke ngempela uMvelinqangi emva kokuphoqelelwa kwazo izigqila zabesifazane uyathethelela unesihawu
  34. Futhi ngempela sawehlisela phansi kunina amavesi acacile kanye nesibonelo kulabo asebadlula ngaphambilini kwenu kanye nokukhuzwa kwalabo abesaba uMvelinqangi
  35. UMvelinqangi ungukukhanya kwamazulu nomhlaba umfanekiso wokukhanya kwakhe kunjengengosi ekukhanya kuyo isibani (isibani esisengilazini), ingilazi efana nenkanyezi ecwazimulayo ngokugqamile sokhelwe esihlahleni esibusiswe, somhlwathi (som uOlivi) kungesisona saseMpumalanga futhi kungesisona saseNtshonalanga amafutha aso acishe akhanye futhi nakuba umlilo ungawathinti ukukhanya phezu kokukhanya, uMvelinqangi uholela ekukhanyeni kwakhe noma ngabe ngubani amthandayo futhi uMvelinqangi wenzela abantu izibonelo futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto
  36. Ezindlini uMvelinqangi anikeza igunya ukuba ziphakanyiswe futhi kukhunjulwe igama lakhe kuzona, bamdumisa ekuseni nakusihlwa
  37. Abantu abangaphanjukiswa ukuhweba nokuthengisa enkumbulweni kaMvelinqangi nasekwenzeni umthandazo nasekukhokheni izakaah (ebantwini abampofu) basaba usuku okuyophendulwa ngalo izinhliziyo namehlo
  38. Ukuze uMvelinqangi abanike umvuzo omuhle kakhulu wakona konke lokho ababekwenza futhi abandisele emseni wakhe futhi uMvelinqangi wabela noma ngabe ngubani amthandayo ngaphandle kwesilinganiso
  39. Futhi labo abangakholwanga, imisebenzi yabo injengenkohliso yasogwadule lapho kuvela emehlweni omuntu ohambayo okungathi amachibi amanzi kube kungekho lutho, onxaniwe ucabanga ukuthi ngamanzi kuze kube yilapho uma efika eduze kwayo (inkohliso) angatholi lutho kepha athole uMvelinqangi ekanye naye bese emkhokhela okungokwakhe futhi uMvelinqangi uyashesha ekwahluleleni
  40. Noma njengobumnyama olwandle olujulile lapho embozwa khona ngamagagasi ngaphezulu kwamagagasi kunamafu amnyama amanye awo angaphezu kwamanye uma elula isandla sakhe kusala kancane angasiboni futhi noma ngabe ngubani uMvelinqangi angamenzeli ukukhanya angeke aze abenako ukukhanya
  41. Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi udunyiswa yibona bonke abasemazulwini nabasemhlabeni kanye nezinyoni ezinamaphiko alulekile na? Konke kuyawazi umthandazo wakhe nendumiso yakhe futhi uMvelinqangi uyisazi saloko abakwenzayo
  42. Futhi ungokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba futhi ikuMvelinqangi lapho kuyophindelwa khona
  43. Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi uyawahambisa amafu bese eyawaqoqaawanqwabelendawonyebeseubonaimvulaiphuma phakathi kuwona na? Futhi wehlisela phansi okuphuma esibhakabhakeni okuyizintaba (zamafu) okuphuma kuzona isichotho ashaya ngaso noma ngabe ngubani amthandayo futhi asiqhelelanise kunanoma ngabe ngubani amthandayo. Ukushaya kombani kucishe kuthathe ukubona
  44. UMvelinqangi wenza ukuthi ubusuku nemini buguquguquke ngempela kuloko kunesifundo ebantwini ababonayo
  45. Futhi uMvelinqangi wadala zonke izidalwa ezinyakazayo ngamanzi ezinye zazo yilezo ezikhasa ngezisu zazo futhi ezinye zazo yilezo ezihamba ngezinyawo ezimbili, ezinye zazo yilezo ezihamba ngezine. UMvelinqangi udala lokho akuthandayo, ngempela uMvelinqangi uyakwazi ukwenza zonke izinto
  46. Ngempela sawembula amavesi acacile futhi uMvelinqangi uholela endleleni eqondile noma ngabe ngubani amthandayo
  47. Futhi bathi, “sakholwa kuMvelinqangi nasesithunyweni futhi sahlonipha” ingxenye phakathi kwabo yabe seyiyafulathela emva kwalokho futhi labo abayibona abakholwayo
  48. Futhi uma bemenyelwa kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe ukuze ehlulele phakathi kwabo bheka! Ingxenye yabo iphendukela emumva
  49. Uma iqiniso lingasohlangothini lwabo bazoza kuyena ngokuzinikela
  50. Ngakube ezinhliziyweni zabo kunesifo na? Noma ngakube basekungabazeni yini na? Noma besaba ukuthi uMvelinqangi nesithunywa sakhe bangase bangabi nobulungiswa kubona, Qha yibona uqobo abayizoni
  51. Kuphela okwakushiwo abakholwayo uma bemenyelwa kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe ukuze ehlulele phakathi kwabo ukuthi bathi, “sizwile futhi salalela futhi labo bayilabo abaphumelelayo”
  52. Futhi noma ngabe ngubani ohlonipha uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi esaba uMvelinqangi futhi egwema okubi kuyena ngakho-ke labo bayilabo abaphumeleleyo
  53. Futhi bafunga ngoMvelinqangi izifungo zabo ezinzima, bathi uma ubaphoqa bazophuma ithi, “musani ukufunga inhlonipho yenu iyaziwa ngempela uMvelinqangi wazi kabanzi ngalokho enikwenzayo”
  54. Ithi, “hloniphani uMvelinqangi futhi nihloniphe isithunywa kepha uma nifulathela kuphela okwaso ngumthwalo obekwe kusona futhi okwenu ngumthwalo obekwe phezu kwenu futhi uma nisihlonipha (isithunywa) niyobe niholeke ngendlela eqondile futhi awukho umsebenzi ophezu kwesithunywa ngaphandle kokudlulisela umyalezo ngendlela ecacile
  55. UMvelinqangi wathembisa labo phakathi kwenu abakholwa futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ukuthi uzobenza babengabaholi emhlabeni njengoba wabenza babangabaholi laboababengaphambilinikwabofuthingempelaabasimamisele inkolo yabo okuyiyona abakhethela yona futhi ngempela uyobashintshela ngokuphepha emva kokwesaba kwabo mabangikhonze bangangenzeli ngalutho abahlanganyeli ekungikhonzeni futhi noma ngabe ngubani ongakholwa emva kwalokho ngakho-ke labo bayizephula mthetho
  56. Futhi yenzani umthandazo nikhokhe izakaah kwabampofu futhi nihloniphe isithunywa ukuze nithole umusa
  57. Ningacabangi ukuthi labo abangakholwa bangaphunyula emhlabeni futhi indawo yabo yokuhlala ngumlilo futhi sibi leso siphetho
  58. Oh nina enikholwayo! Labo abasezandleni zenu zangakwezokudla (izigqila) kanye nalabo abangakathombi mabacele imvume kunina ezikhathi ezintathu ngaphambi komthandazo wasekuseni nangesikhathi nikhumula izingubo zenu ntambama nangemumva komthandazo wakusihlwa (lezi) yizikhathi ezintathu zenu zokuba nibe nodwa, ngezinye izikhathi ngaphandle kwalezi alikho icala kunina nakubona uma behamba phakathi kwenu abanye benu besiza abanye, kanjalo-ke uMvelinqangi uyanicacisela amavesi futhi uMvelinqangi ungowaziyo onobuhlakani
  59. Futhi uma izingane phakathi kwenu sezithomba mazicele imvume njengoba bacela imvume labo ababengaphambilini kwabo, kanjalo uMvelinqangi unenzela acace amavesi akhe futhi uMvelinqangi ungowaziyo onobuhlakani
  60. Futhi abesifazane asebaphelelwa yisikhathi sokuthola abantwana labo abangasathembi ukuthi bangashada ngakho- ke alikho icala kubona abesifazane uma bekhumula izingubo zabo hhayi ngendlela eveza ubuhle babo kepha uma beyeka (ukukhumula izingubo zabo) kungcono kubona futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
  61. Alikho icala phezu komuntu oyimpumputhe naphezu komuntu oxhugayo futhi alikho icala phezu komuntu ogulayo naphezu kwenu uma nidla ezindlini zenu noma ezindlini zoyihlo noma ezindlini zabomama benu noma ezindlini zabafowenu noma ezindlini zabodadewenu noma ezindlini zabafowabo kayihlo noma ezindlini zabodadewabo koyihlo noma ezindlini zabomalume benu noma ezindlini zabodadewabo kamama wakho noma lezo eninezihluthulelo zazo noma zabangane benu. Asikho kunina isono uma nidla ndawonye noma ngokwehlukana ngakho-ke uma ningena ezindlini bingelelani ngesibingelelo esivela kuMvelinqangi esibusisekile esihle kanjalo uMvelinqangi unenzela acace amavesi ukuze mhlawumbe nibe nomqondo
  62. Abangamakholwa yilabo kuphela abakholwa kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi okuthi uma bekanye naso odabeni oluthize bangahambi kuze kube yilapho becela imvume kusona. Ngempela labo abacela imvume kuwena labo bangabakholwayo kuMvelinqangi nesithunywa sakhe ngakho- ke uma becela imvume kuwena mayelana nolunye lwezindaba zabo ngakho-ke nikeza imvume noma ngabe ngubani omthandayo phakathi kwabo futhi ubacelele intethelelo kuMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu
  63. Ningenzi ukumemeza kwesithunywa phakathi kwenu njengokumemeza kwabanye benu abanye, ngempela uMvelinqangi uyabazi labo abaphumayo phakathi kwenu bezifihla. Ngakho-ke mabaqaphele labo abaphambana nomthetho waso hleze behlelwe okubi noma behlelwe yisijeziso esibuhlungu
  64. Ngempela kungokukaMvelinqangi noma ngabe yini esemazulwini nasemhlabeni ngempela uyasazi isimo senu nosuku abayobuyiselwa ngalo kuyena bese ebatshela ngalokho ababekwenza futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto