23.The Believers

  1. Aphumelele ngempela amakholwa
  2. Lawo okuyiwona azithobayo emthandazweni yawo
  3. Kanye nalawo aqhelelana nenkulumo eyize
  4. Kanye nalawo akhokha izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu)
  5. Kanye nalawo agcina izitho zawo zangasese
  6. Ngaphandle kwamakhosikazi awo noma labo abasezandleni zabo zangakwesokudla (izigqila) ngakho-ke ngempela bona abayibona abasolwa
  7. Ngakho-ke noma ngabe ngobani abafuna ngale kwalokho labo bayizaphula mthetho
  8. Kanye nalabo abathembekile kulokho abagciniswe kona nabagcina izethembiso zabo
  9. Kanye nalabo abagcina imithandazo yabo
  10. Yibona labo abayizindlalifa
  11. Labo abayoba yizindlalifa zezulu bona bayohlala khona ingunaphakade
  12. Futhi ngempela samdala umuntu ngengxenye ethize yomhlabathi
  13. Sabe sesimenza ngeconsi lesidoda (ngokuhlangana komuntu wesilisa nowesifazane) sambeka endaweni evikelekile
  14. Sabe sesidala iconsi lesidoda ukuthi libe yihlule sabe sesidala isigaxa senyama sabe sesidala amathambo ngesicubu senyama sabe sesiwamboza amathambo ngenyama sabe sesikukhulisa kungesinye isidalwa ngakho-ke uMvelinqangi ubusisekile ungongcono ukubedlula bonke abadalayo
  15. Besekuthi ngempela nina emva kwalokho niyafa
  16. Bese ngempela nina ngosuku lokuvuka kwabafileyo niyavuswa
  17. Futhi ngempela ngaphezu kwenu sazidala izindlela eziyisikhombisa (amazulu ayisikhombisa) futhi akuyikhona ukuthi indalo asiyinakile
  18. Futhi sehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni ngendlela efanele sabe sesiyizinzisa emhlabathini futhi ngempela sinawo amandla okuyiqeda (imvula)
  19. Ngakho-ke sanikhulisela ngayo izivande zamasundu nezamagilebhisi, okwenu lapho phakathi yizithelo eziningi futhi enizidlelayo kuzona
  20. Kanye nesihlahla esimila entabeni isinayi esiveza amafutha nesinongo kwabadlayo
  21. Futhi ngempela kunesifundo kunina ezinkomweni siniphuzisa kulokho okuseziswini zazo futhi okwenu kuzona inzuzo eningi kakhulu futhi nidle inyama yazo
  22. Futhi phezu kwazo naphezu kwemikhumbi niyathwalwa
  23. Futhi ngempela samthumela uNowa ebantwini bakhe wayesethi “Oh bantu bami! Khonzani uMvelinqangi aninaye omunye uMvelinqangi ngaphandle kwakhe, ngakube aninako yini ukwesaba na?”
  24. Kepha abaholi balabo abangazange bakholwe phakathi kwabantu bakhe bathi, “akayilutho ngaphandle kokuba ngumuntu ofana njengani nje ufisa ukuba ngaphezu kwenu, futhi ukube uMvelinqangi wayethanda wayezohlisela phansi izingelosi, asikaze sizwe ngalokhu ngisho nakobaba bethu basendulo”
  25. Yena akayilutho ngaphandle kokuba ngumuntu onokuhlanya nje ngakho-ke mbekezeleleni okwesikhashana
  26. (uNowa) wathi, “Nkosi yami ngelekelele ngenxa yokungiphika kwabo”
  27. Ngakho-ke sembula kuyena “akha umkhumbi ngaphambi kwamehlo ethu nangaphansi kwesambulo sethu ngakho- ke uma kufika impoqo (umyalelo) wethu amanzi aphuma kuhavini ngenisa kuwona (umkhumbi) zonke izinhlobonhlobo (zezilwane) ezingambili kanye nomndeni wakho ngaphandle kwalabo phakathi kwabo osekudlule izwi futhi ungakhulumi nami ngalabo abenza ukona ngempela bona bangabaminziswa”
  28. Ngakho-ke uma sewugibelile emkhunjini wena kanye nalabo abakanye nawe uze uthi, “udumo lungolukaMvelinqangi okunguyena owasisindisa abantwini abayizoni”
  29. Futhi uthi, “Nkosi yami ngehlisele endaweni yokwehlela ebusisekile futhi wena ungongcono kunabo bonke abehlisi”
  30. Ngempela kulokho kunezimpawu futhi ngasosonke isikhathi siyabavivinya (abantu)
  31. Sabe sesidala isizukulwane esisha emva kwabo
  32. Ngakho-ke sathumela phakathi kwabo isithunywa esiphuma phakathi kwabo ukuthi khonzani uMvelinqangi, aninaye omunye uMvelinqangi ngaphandle kwakhe, ngakube aninako yini ukwesaba na
  33. Futhi abaholi babantu bakhe labo abengakholwa futhi ababephika ukuhlangana empilweni ezayo futhi esabanika ubuntofontofo empilweni yalomhlaba bathi, “lona akayilutho ngaphandle kokuba ngumuntu nje ofana njengani odla kulokho nani enidla kukona futhi ophuza kulokho nani eniphuza kukona”
  34. Futhi uma nihlonipha umuntu ofana njengani ngempela nina ningabalahlekelweyo
  35. Ngakube uyanethembisa yini ukuthi nina uma nifa futhi niba nguthuli namathambo niyovuswa (kabusha) na
  36. Kukude, kude le! Lokho enethenjiswa kona
  37. Akuyilutho ngaphandle kwempilo yethu yalomhlaba siyafa siphile futhi thina angeke sivuswe
  38. Akayilutho ngaphandle kokuba yindoda eqambela uMvelinqangi amanga futhi thina angeke simkholwe
  39. Wathi “Nkosi yami ngelekelele ngenxa yokuphika kwabo”
  40. Wathi “esikhathini esincane nje ngempela bazobe sebezisola”
  41. Ngakho-ke bathathwa ngumsindo ewesabekayo (isijeziso) sangempela sabe sesibenza ize leze ngakho-ke mabaqhele abantu abayizoni
  42. Sabe sesivusa ezinye izizukulwane emva kwabo
  43. Asikho isizwe esingasisheshisa isikhathi saso noma sisihlehlise
  44. Sabe sesithumela izithunywa zethu esinye emva kwesinye ngasosonke isikhathi uma isizwe sifikelwa isithunywa saso sasisiphika ngakho-ke salandelanisa abanye babo ngabanye futhi sabenza ukuthi babe ngumlando nesifunda ngakho-ke mabaqhele (mabaphele) abantu abangakholwa
  45. Sabe sesithumela uMose kanye nomfowabo u-Aroni nezimpawu zethu negunya elicacile
  46. KuFaro nabaholi bakhe ngakho-ke bazigqaja futhi babengabantu abaziphakamisileyo
  47. Base bethi “singakholelwa ebantwini ababili abafana njengathi kulapho abantu babo bobabili bethobela intando yethu na?”
  48. Ngakho-ke babaphika bobabili base bebangabanye balabo ababhujiswa
  49. Futhi ngempela samnikeza uMose incwadi ukuze baholeke
  50. Futhi sayenza indodana kaMariya kanye nonina ukuthi babenguphawu futhi bobabili sabanika indawo yokuhlala ephakeme yokuphumula eyigeleza amanzi
  51. Oh nina zithunywa! dlanini ezintweni ezinhle futhi nenze okuhle okulungileyo ngempela mina ngiyisazi salokho enikwenzayo
  52. Futhi ngempela lesizwe senu yisizwe esisodwa futhi mina ngiyiNkosi yenu ngakho-ke ngesabeni
  53. Kepha balehlukanisa udaba lwabo phakathi kwabo (kwaba noqhekeko) babangamaqembu, wonke amaqembu akuthokozela lokho ayekukona
  54. Ngakho-ke bayeke besephutheni ekudukeni kuze kube yisikhathi (esinqunyiweyo)
  55. Ngakube bacabanga ukuthi sibandisela ingcebo nabantwana
  56. Sibasheshisela ezintweni ezinhle?, kepha ababoni
  57. Ngempela labo abahlala besovalweni ngenxa yokwesaba iNkosi yabo
  58. Kanye nalabo abakholelwa emavesini eNkosi yabo
  59. Kanye nalabo abangayenzeli iNkosi yabo abahlanganyeli ekuyikhonzeni
  60. Kanye nalabo abaphanayo ngalokho abaphana ngakho kulapho izinhliziyo zabo zigcwele ukwesaba ukuthi bona baqinisekile ukubuyela eNkosini yabo
  61. Bayilabo abaphuthuma emisebenzini emihle futhi bona bayancintisana ngayo
  62. Futhi umphefumulo asiwethwesi umthwalo ongaphezu kwamandla awo ngaphandle kokuwulingene futhi kuthina kunencwadi ekhuluma iqiniso futhi bona abenziwa okungenabulungiswa
  63. Kepha izinhliziyo zabo zimboziwe mayelana nalokhu futhi okwabo izenzo ezingale kwalokho bona abakwenzayo
  64. Kuze kube yilapho sibabamba ngesijeziso labo abaphila impilo entofontofo phakathi kwabo bheka! Bona bayazehlisa bayakhala bacela usizo
  65. Musani ukukhala namhlanje ngempela nina aninasizo oluvela kuthina
  66. Ngaphambilini nanifundelwa amavesi ami kepha nanijwayele ukuwafulathela ngezithende zenu
  67. Ngokuziqhenya nichitha ubusuku nikhuluma okubi ngawo
  68. Ngakube abadlinzi yini ngezwi na? Noma ngakube kwabafikela lokho okungazange kufike kobaba babo basendulo yini na
  69. Noma ngakube abazange basazi yini isithunywa sabo ukuthi bangaze basiphike na
  70. Noma bakhuluma ngaso bathi siyahlanya na? Kepha sabafikela neqiniso futhi iningi labo liyalizonda iqiniso
  71. Futhi uma iqiniso (u-Allah) lingalandela izifiso zabo, amazulu nomhlaba kwakuzokonakala, nanoma ngabe ngubani okhona kuwona. Kepha sabanika isikhumbuzo sabo babe sebeyasifulathela isikhumbuzo sabo
  72. Noma ngakube ubacela umvuzo yini na? Kepha umvuzo weNkosi yakho muhle ungcono futhi yona ingcono kakhulu kunabo bonke abondli
  73. Futhi ngempela wena ubamemela endleleni eqondile
  74. Futhi ngempela labo abangakholelwa empilweni ezayo ngempela basekuphambukeni endleleni
  75. Futhi noma ngabe sasibe nomusa kubona futhi sayisusa inhlupheko abanayo ngempela babezoqhubeka nokona bephuphutheka
  76. Futhi ngempela sababamba ngesijeziso kepha abazange bazehlise eNkosini yabo futhi abazange bazithobe
  77. Kwaze kwaba yilapho sesibavulela isango lesijeziso esinzima kulapho bona bephelelwe yithemba lapho
  78. Futhi nguyena owanenzela amadlebe namehlo kanye nezinhliziyo, kuncane enikubongayo
  79. Futhi nguyena owanidalayo emhlabeni futhi niyoqoqelwa kuye
  80. Futhi nguyena ophilisayo nodala ukufa futhi kungokwakhe ukushintshana kobusuku nemini ngakube aninamqondo yini na
  81. Kepha bakusho okufana nalokho okwashiwo abasendulo
  82. Bathi, “uma sifile siwuthuli namathambo ngakube ngempela siyovuswa yini na?”
  83. Ngempela sethenjiswa lokhu thina kanye nabobaba bethu ngaphambilini lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuyizinganekwane zasendulo
  84. Ithi, “ungokabani umhlaba kanye nalabo abakuwo uma kungukuthi nina niyazi na?”
  85. Bayothi “ungokaMvelinqangi” ithi, “ngakube anikhumbuli yini na?”
  86. Ithi, “ngubani iNkosi yamazulu ayisikhombisa neNkosi yesihlalo sobukhosi esikhulu na?”
  87. Bayothi, “kungokukaMvelinqangi” ithi “ngakube animesabi yini uMvelinqangi na?”
  88. Ithi, “lowo esandleni sakhe okunombuso wezinto zonke futhi yena uyavikela akekho ongazivikela kuyena, uma kungukuthi nina niyazi”
  89. Bayothi, “kungokukaMvelinqangi” ithi, “ngakho-ke ngakube nididekile yini na?”
  90. Kepha sibalethele iqiniso futhi ngempela bona bangabaqambi bamanga
  91. UMvelinqangi akazange abe nendodana futhi akekho omunye uMvelinqangi okanye naye (ukube babebaningi oMvelinqangi) lowo nalowo Mvelinqangi ngempela wayezothatha akudalile futhi abanye babo babezozama ukunqoba abanye, odunyiswayo nguMvelinqangi ngaphezu kwako konke lokho abakuchazayo
  92. Uyisazi sokungabonwayo nokubonwayo uphakeme ngaphezu kwako konke lokho abamenzela ngako abahlanganyeli ekumkhonzeni (izithixo)
  93. Ithi, “Nkosi yami uma ungangikhombisa lokho abathenjiswe kona”
  94. Nkosi yami ungangibeki ebantwini abangalungile
  95. Futhi ngempela thina sinawo amandla okukukhombisa lokho esathembisa kona
  96. Vimba okubi ngalokho okuhle kakhulu, thina siyakwazi ukubedlula bonke lokho abakuchazayo
  97. Futhi ithi, “Nkosi yami ngifuna isiphephelo kuwena ekubalekeleni ububi bukasathane”
  98. Futhi ngifuna isiphephelo kuwena Nkosi yami hleze beze kumina
  99. Kuze kube yilapho oyedwa wabo efikelwa ukufa athi “Nkosi yami ngiphindisele emumva”
  100. Ukuze ngikwazi ukwenza okuhle kulokho engakushiya ngemumva, lutho! Igama nje kuphela alishoyo futhi ngemumva kwabo kunothango kuze kube usuku abayovuswa ngalo
  101. Kuyothi uma sekushawa icilongo akuyikuba khona ubuhlobo phakathi kwabo ngalolosuku futhi angeke babuzwe omunye ngomunye
  102. Ngakho-ke noma ngabe ngubani eziyosinda izikalo zakhe (zezenzo ezinhle) ngakho-ke labo bayilabo abaphumeleleyo
  103. Futhi noma ngabe ngubani eziyobalula izikalo zakhe (zezenzo ezinhle) ngakho-ke labo bayilabo abalahlekelwa imiphefumulo yabo bayohlala esihogweni ingunaphakade
  104. Umlilo uyoshisa ubuso babo futhi bona lapho phakathi bayokoniwa ubuhle
  105. Anizange yini nifundelwe amavesi ami kulapho nina naniwaphika na
  106. Bayothi, “Nkosi yethu kwasinqoba okubi (ukuhlupheka) kwethu futhi sasingabantu abadukile”
  107. Nkosi yethu sikhiphe kukona ngakho-ke uma siphindela kuyobe ngempela singabangalungile
  108. Uyothi (uMvelinqangi) salelani kusona futhi ningakhulumi nami
  109. Ngempela kwakuneqembu ezincekwini zami elathi, “Nkosi yethu sakholwa ngakho-ke sithethelele futhi yiba nomusa kuthina futhi wena ungongcono kunabo bonke abanomusa”
  110. Kepha nina nabenza inhlekisa kwaze kwaba yilapho benenza ukuthi nikhohlwe isikhumbuzo sami futhi nina nanibahleka
  111. Ngempela mina ngibanike umvuzo kulolusuku ngokubekezela kwabo ngempela bona bangabaphumeleleyo
  112. Uyothi, “Nahlala iminyaka emingaki emhlabeni na?”
  113. Bayothi, “sahlala usuku noma ingxenye yosuku ngakho-ke buza labo ababalayo”
  114. Uyothi, “anihlalanga ngaphandle kwesikhathi esincane ukube nje nina benazi”
  115. Ngakube nicabanga ukuthi sanidalela ubala nokuthi nina angeke nibuyiselwe kuthina na
  116. Ngakho-ke makaphakanyiswe uMvelinqangi iNkosi yeqiniso akekho omelwe ukukhonzwa ngaphandle kwakhe, iNkosi yesihlalo sobukhosi esihloniphekile
  117. Futhi noma ngabe ngubani omemeza omunye uNkulunkulu esikhundleni sikaMvelinqangi akanabufakazi ngalokho, ngakho-ke kuphela ukwehlulelwa kwakhe kuseNkosini yakhe ngempela izoni angeke ziphumelele
  118. Futhi ithi “Nkosi yami thethelela, yiba nomusa futhi wena ungongcono kunabo bonke abanomusa”