22.The Pilgrimage

  1. Oh Bantu! Yesabani iNkosi yenu ngempela ukuzamazama kwehora kuyinto enkulu
  2. Ngosuku lapho niyokubona lokho, bonke abancelisayo bayokhohlwa ilezo zingane abazincelisayo, futhi bonke abesifazane abakhulelwe bayobeletha lokho kwabo abakukhulelwe futhi uyobabona abantu sengathi badakiwe kulapho bona bengadakiwe, kepha isijeziso sikaMvelinqangi sinzima
  3. Futhi phakathi kwabantu kunalowo owenza impikiswano ngoMvelinqangi engenalo ulwazi futhi elandela bonke osathane abangahloniphi
  4. Kunqunyiwe ngaye (usathane) ukuthi noma ngabe ngubani ongumngane wakhe uzomdukisa futhi amholele esijezisweni somlilo
  5. Oh Bantu! uma nisekungabazeni ngokuvuka kwabafileyo ngakho-ke ngempela thina sanidala ngothuli kwase kuba ukuhlangana koketshezi lowesilisa nelowesifazane kwasekuba ingehlule kwasekuba ingesigaxa senyama eyakhekile kanye nengakhekile ukuze sinenzele kucace futhi senza ukuthi lokho esikuthandayo kuhlale ezizalweni kuze kube yisikhathi esinqunyiwe bese sinikhipha niyizingane ukuze nifinyelele esigabeni senu sobudala futhi phakathi kwenu kunabanye abenziwa ukuthi bafe (besebancane) futhi phakathi kwenu kunalabo abaphindiselwa ezingene lokukhula elikhulu kakhulu ukuze angazi emva kokuba wayenolwazi oluthize futhi ubone umhlaba ungugwadule kepha uma sehlisela phansi kuwona amanzi (imvula) uyavuka ubuyele empilweni futhi ukhukhumale bese uveza zonke izinhlobo ezithandekayo (zokumilayo okungutshani nezihlahla)
  6. Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi uyiqiniso futhi yena uphilisa abafileyo futhi yena ungamele zonke izinto
  7. Futhi ihora liyeza akukho kungabaza ngalo nokuthi uMvelinqangi uyobavusa labo abasemangcwabeni
  8. Futhi phakathi kwabantu kunalowo owenza impikiswano ngoMvelinqangi ngaphandle kolwazi futhi engaholiwe futhi engenayo incwadi ekhanyisayo
  9. Eqhelelana neqiniso ukuze adukise abantu endleleni kaMvelinqangi okwakhe emhlabeni yihlazo futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo siyomenza ukuthi ezwe isijeziso somlilo
  10. Lokho kungenxa yalokho okulethwe yizandla zakho zombili ngaphambili futhi uMvelinqangi akasiyena ongenabulungiswa ezincekwini
  11. Futhi phakathi kwabantu kunalowo okhonza uMvelinqangi ecophelweni ngakho-ke uma ehlelwe okuhle ulapho kanye nako kepha uma isilingo simehlela uyashintsha ebusweni bakhe ulahlekelwe yilomhlaba nempilo ezayo lokho kungukulahlekelwa okusobala
  12. Umemeza (ukhonza) esikhundleni sikaMvelinqangi lokho okungamlimazi kanye nalokho okungamzuzisi lokho kungukuduka okukude le
  13. Umemeza lowo ukulimala kwakhe okuseduzane kakhulu kuyena kunenzuzo yakhe ngempela ngumvikeli omubi futhi ngempela ngumhlanganyeli omubi
  14. Ngempela uMvelinqangi uyobangenisa ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ngempela uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo
  15. Noma ngabe ngubani ocabanga ukuthi akasoze uMvelinqangi amlekelele emhlabeni nasempilweni ezayo akadonse intambo eya ezulwini bese eyinqamula bese eyalibona icebo lakhe ukuthi lizokususa yini lokho akuthukuthelelayo na
  16. Futhi kanjalo sawehlisela phansi amavesi acacile futhi ngempela uMvelinqangi uholela (endleleni eqondile) lowo amthandayo
  17. Ngempela labo abakholwayo kanye nalabo abangamaJuda namaSabayi namaKrestu namaMajusi (abakhonzi bezithixo) kanye nalabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni ngempela uMvelinqangi uyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo, ngempela uMvelinqangi ungufakazi phezu kwazo zonke izinto
  18. Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi ukhothanyelwa yinoma ngabe ngubani osemazulwini nanoma ngabe ngubani osemhlabeni nelanga nenyanga nezinkanyezi nezintaba nezihlahla nezinhlobonhlobo zezilwane neningi labantu nabaningi esifanelekile kubona isijeziso futhi lowo ohlazwe nguMvelinqangi ngakho-ke akekho ozomhlonipha, ngempela uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo
  19. Laba ngabaphikisanayo ababili abaphikisana ngeNkosi yabo, ngakho-ke labo abangakholwayo bayonqunyelwa izingubo zomlilo, amanzi abilayo ayothelwa phezu kwamakhanda abo
  20. Kuyoncitshilikiswa ngawo lokho okuseziswini zabo nezikhumba (zabo)
  21. Futhi okwabo kuyoba izagila zensimbi (abayojeziswa ngazo)
  22. Okuyothi uma befisa ukuphunyuka kuzona ngenxa yosizi baphindiselwe kuzona futhi kuyothiwa yizwani isijeziso somlilo”
  23. Ngempela uMvelinqangi uyongenisa labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula, lapho phakathi bayohlotshiswa ngezigqizo zegolide nobuhlalu futhi izembatho zabo lapho phakathi kuyoba ngezikasilika
  24. Futhi bayaholelwa enkulumweni enhle (iKalima) futhi baholelwe endleleni yalowo ofanelwe ukudunyiswa
  25. Ngempela labo abangakholwanga futhi bavimba endleleni kaMvelinqangi naseMasjid engcwele okuyiyona esayibekela abantu abahlala kuyona kanye nabaqhamuka ngaphandle bayalingana futhi noma ngabe ngubani othanda ukwenza ukungathembeki ngokona phakathi kuyona simzwisa esijezisweni esibuhlungu
  26. Futhi khumbula ngenkathi lapho sikhombisa u-Abrahamu indawoyendluukuthiungangenzeliluthoolungumhlanganyeli ekungikhonzeni futhi indlu yami yihlanzele labo abayizungelezayo nalabo abamele (ukuthandaza) nabakhothamayo nabaguqayo
  27. Futhi memezela kubantu ihajj (uhambo oluya endaweni engcwele) bazoza kuwena behamba ngezinyawo nangawo wonke amakameli, bekhathele (uhambo) beqhamuka kuzona zonke izindawo ezikude
  28. Ukuze babone lokho okungusizo kubona futhi bakhumbule igama likaMvelinqangi ngezinsuku ezikhethiweyo (ezinqunyiweyo) ngaphezu kwalokho ababele kona ezilwaneni eziyizinkomo ngakho-ke dlanini kuzona futhi nondle ohluphekayo ompofu
  29. Bese uyabavumela ukuthi bagcine izenzo zabo futhi ukuze bagcwalise izethembiso zabo futhi ukuze bazungeleze indlu yasendulo
  30. Lokho, futhi noma ngabe ngubani ohlonipha izinto ezingcwele zikaMvelinqangi ngakho-ke lokho kungcono kuyena eNkosini yakhe, futhi zenziwe zaba semthethweni kunina izinkomo ngaphandle kwalezo ezizomenyezelwa kunina ngakho-ke qhelelanani nokungcola kwezithixo futhi qhelelanani nenkulumo eyamanga
  31. Nibe qotho kuMvelinqangi, ningabi ngabamenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni futhi noma ngabe ngubani owenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni kunjengokuthi uwe esibhakabhakeni wathathwa yizinyoni zahamba naye noma wathathwa ngumoya wahamba naye wamyisa endaweni ekude
  32. Lokho, futhi noma ngabe ngubani ozihloniphayo izimpawu zikaMvelinqangingakho-kengempelazonazivelaebuqothweni bezinhliziyo
  33. Okwenu lapho kuzona yizinzuzo kuze kube yisikhathi esinqunyiwe bese indawo yomnikelo kuba yindlu yasendulo
  34. Futhi leso naleso sizwe sasenzela izindlela zokukhonza ukuze zikhumbule igama likaMvelinqangi kulokho azabela kona okuyizilwane eziyizinkomo ngakho-ke uNkulunkulu wenu nguNkulunkulu oyedwa, zithobeni ngaphansi kwentando yakhe futhi banike izindaba ezinhle labo abazithobayo
  35. Labo okuthi uma kukhunjulwa uMvelinqangi izinhliziyo zabo zigcwala ukwesaba futhi bangabakubekezelelayo okubehlelayo futhi benza umthandazo futhi basebenzisa kulokho esibaphe kona
  36. Futhi sanenzela amakameli ukuthi abe ngezinye zezimpawu zikaMvelinqangiokwenulaphoubuhlengakho-kekhumbulani igama lika Mvelinqangi kuzona (izilwane zomnikelo) uma sezingolayini (zilungele ukwenziwa umnikelo) uma seziwile ngamacala azo (emva kokuba sezihlinziwe) ngakho-ke yidlani kuzona niphe ompofu nocelayo, sinenzele kwaba kanjalo ukuze nibonge
  37. Ayisoze yafinyelela kuMvelinqangi inyama yazo (izilwane zomnikelo) negazi lazo kepha kuyafinyelela kuyena ukwesaba okuvela kunina, kanjalo sizenze ukuthi zinithobele ukuze nidumise uMvelinqangi ngenxa yokunihola kwakhe futhi batshele izindaba ezimnandi abenzi bokuhle
  38. Ngempela uMvelinqangi uyabavikela labo abakholwayo, ngempela uMvelinqangi akamthandi noma ngabe ngubani ongathembekile, ongabongi
  39. Imvume yokulwa yanikezwa labo ekuliwa nabo ngenxa yokuthi bona benziwa okungenabulungiswa futhi ngempela uMvelinqangi uyakwazi ukubanika usizo
  40. Labo abakhishwa ezindlini zabo ngokungeyisilona iqiniso ngenxa yokuthi bathi “iNkosi yethu nguMvelinqangi” futhi ukube uMvelinqangi akabavimbi abanye babantu ngabanye wawuzobhidlizwa umuzi wamaRoma namasonto namasinagogi namamasjid ekukhunjulwa kuwona igama likaMvelinqangi kakhulu, futhi ngempela uyamsiza uMvelinqangi lowo omsizayo futhi ngempela uMvelinqangi uqatha unamandla
  41. Labo okuthi uma sibazinzisa emhlabeni benze umthandazo bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) futhi benze izenzo ezinhle banqabele okubi futhi singesikaMvelinqangi isiphetho sezindaba
  42. Futhi uma bekuphika, babaphika ngaphambilini kwabo abantu baNowa naba-Adi nobaThamud
  43. Kanye nabantu ba-Ibrahim nabantu baLothi
  44. Kanye nabahlali baseMidiyane futhi noMose waphikwa ngakho-ke ngabanika ithuba abangakholwayo ngabe sengiyabathatha, ngakho-ke sasinjani isijeziso sami
  45. Mangaki amadolobha esawabhubhisa kulapho wona ayenza ukona uphahla lwawo lwawa kanye nomthombo wamanzi woma kanye nendlu enkulu eyinqaba edephile
  46. Ngakube abazange yini bahambe ezweni ukuze babe nezinhliziyo eziqondayo ngako noma izindlebe abezwa ngazo na? Ngakho-ke ngempela lokho akwenzi amehlo ukuthi angaboni kepha kwenza izinhliziyo ezisezifubeni ukuthi zingaboni
  47. Futhi bakwenza ukuthi usheshise ngesijeziso futhi uMvelinqangi akasoze ehluleke esethembisweni sakhe, futhi ngempela usuku (olulodwa) eNkosini yakho lunjengeminyaka eyinkulungwane kulokho enikubalayo
  48. Futhi mangaki amadolobha engawanika ithuba kulapho wona ayenza ukungalungi ngabe sengiyawathatha, futhi kukumina ukubuyela (kwazo zonke izidalwa)
  49. Ithi, “Oh Bantu! Kuphela mina ngingumxwayisi wenu ogqamile”
  50. Ngakho-ke labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo okwabo intethelelo nesabelo esihloniphekile
  51. Futhi labo abazabalaza kanzima ukuphikisana namavesi ethu ukuze kungabibikho impumelelo, labo bangabangane besihogo
  52. Futhi asizange sisithumele isithunywa ngaphambilini kwakho ngisho nomphrofethi asimuthumelanga ngaphandle kokuthi uma eyifunda (iQur’an) usathane uphonsa (okungeyisilona iqiniso) kukona kepha uMvelinqangi uyakususa lokho akuphonsayo usathane bese uMvelinqangi eyawaqinisa amavesi akhe futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
  53. Ukuze enze lokho usathane akuphonsayo kube yisilingo kulabo ezinhliziyweni zabo okunokugula kanye nabanezinhliziyo ezilukhuni futhi ngempela izoni zisekuphikisaneni okukude le
  54. Futhi ukuze bazi labo abanikezwa ulwazi ukuthi yona (iQur’an) iyiqiniso elivela eNkosini yakho ngakho-ke mabakholelwe kuyona ukuze izinhliziyo zabo zizithobe ngaphansi kwakhe futhi ngempela uMvelinqangi ungumholi walabo abakholwayo ebaholela endleleni eqondile
  55. Futhi angeke bayeke labo abangakholwanga ukuba sekungabazeni ngayo kuze kube ihora liyabafikela bengalindele noma bafikelwe isijeziso sosuku lokuvuka kwabafileyo
  56. UbukhosingalolosukubungobukaMvelinqangiuyokwehlulela phakathi kwabo ngakho-ke abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo bayokuba sezivandeni zenjabulo
  57. Futhi labo abangakholwanga futhi abaphika amavesi ethu labo-ke okwabo isijeziso esidumazayo
  58. Futhi labo abafudukayo endleleni kaMvelinqangi base bebulawa noma bafa ngempela uMvelinqangi uzobabela isabelo esihle futhi ngempela uMvelinqangi ungongcono kunabo bonke ababayo
  59. Ngempela uyobenza ukuthi bangene endaweni yokungena abayoyithokozela futhi ngempela uMvelinqangi ungonolwazi obekezelayo
  60. Lokho, futhi noma ngabe ngubani ophindiselayo ngokufana nalokho ahlushwe ngakho bese ehlushwa okwesibili, ngempela uMvelinqangi uzomelekelela ngempela uMvelinqangi uyaxolela uyathethelela
  61. Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi wenza ukuthi ubusuku bungene osukwini futhi wenza ukuthi usuku lungene ebusukwini futhi uMvelinqangi uyezwa uyabona
  62. Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi uyiqiniso nokuthi abangamemezi omunye esikhundleni sakhe lokho akusilona iqiniso nokuthi uMvelinqangi ungophakeme omkhulu
  63. Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni wabe sewuphenduka umhlaba wabo oluhlaza ngempela uMvelinqangi umnene ungamele konke ngolwazi
  64. Kungokwakhe konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni futhi ngempela uMvelinqangi yena akaswele lutho ungodunyiswayo
  65. Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wanenzela ukuthi konke okusemhlabeni kunithobele kanye nemikhumbi entweza olwandle ngempoqo yakhe futhi ubambe isibhakabhaka ukuthi singaweli phezu komhlaba ngaphandle kokuba kungemvume yakhe, ngempela uMvelinqangi kubantu unobubele unesihawu
  66. Futhi nguyena owanipha ukuphila wayesenenza ukuthi nife wayesenenza ukuthi niphile ngempela umuntu akabongi
  67. Zonke izizwe sazenzela izindlela zazo zokukhonza ekufanele zenze ngazo ngakho-ke mabangaphikisani nawe odabeni futhi memela eNkosini yakho ngempela wena usekuholweni okuqondile
  68. Futhi uma bephikisana nawe ngakho-ke ithi “uMvelinqangi owazi kangcono ngalokho enikwenzayo”
  69. UMvelinqangi uyokwehlulela phakathi kwenu ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokho enaniphikisana ngakho
  70. Awazi yini ukuthi uMvelinqangi uyakwazi konke lokho okusesibhakabhakeni nokusemhlabeni na? Ngempela lokho kusencwadini, ngempela lokho kuMvelinqangi kulula
  71. Futhi bakhonza esikhundleni sikaMvelinqangi lokho okungazangekwehliselwephansiigunyangakhokanyenalokho abangenalo ulwazi ngakho futhi abenzi bokungalungile abanamsizi
  72. Futhi uma befundelwa amavesi ethu acacile uyakwazi ukubona ubuso balabo abangakholwanga bunqaba, kusala kancane ukuthi bahlasele labo ababafundela amavesi ethu, ithi “ngakho-ke ngakube kufanele yini nginitshele ngokubi kakhulu kunalokho na?” Umlilo uMvelinqangi awulungiselela labo abangakholwanga futhi okubi (yileso) siphetho
  73. Oh Bantu! nenzelwe isibonelo ngakho-ke silaleleni ngempela labo enibamemezayo (enibakhonzayo) esikhundleni sikaMvelinqangi abakwazi ngisho nokudala impukane ngisho noma ngabe bonke bayakuhlanganisela ukuyidala, futhi uma impukane ithatha okuthize kubona abanawo amandla okukuthatha (lokho) kuyona, akanamandla ocelayo nocelwayo (lokhu kubheke kulowo okhonza isithixo kanye nesithixo uqobo lwaso)
  74. Abamnaki uMvelinqangi ngendlela ekufaneleke ukuthi anakwe ngayo ngempela uMvelinqangi unamandla uphakeme ngamandla
  75. UMvelinqangi ukhetha izithunywa ezingelosini kanye nakubantu ngempela uMvelinqangi uyezwa uyabona
  76. Uyakwazi lokho okungaphambi kwabo kanye nalokho okungemumva kwabo futhi ikuMvelinqangi lapho izindaba zibuyiselwa khona
  77. Oh nina enakholwayo! Khothamani niguqe futhi nikhonze iNkosi yenu futhi nenze okuhle ukuze mhlawumbe niphumelele
  78. FuthimuzabalazelenikanzimauMvelinqangiukumuzabalazela okuyiqiniso, yena wanikhetha futhi akazange abeke phezu kwenu ubunzima enkolweni, inkolo kayihlo u-Abrahamu, ngaphambilini yena wanibiza ngokuthi ningabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi futhi nakulesi (sambulo) ukuze isithunywa (uMuhammad) sibengufakazi kunina nokuthi nibe ngofakazi kubantu ngakho-ke yenzani umthandazo futhi nikhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) futhi nibambelele kuMvelinqangi yena ungumvikeli wenu ngakho-ke ungumvikeli omnene nomsizi omnene