21.The Prophets
- Kusondele kubantu ukwehlulelwa kwabo kulapho bona befulathela benganaki
- Asifiki kubona isikhumbuzo esivela eNkosini yabo ngaphandle kokuba bayasilalela kulapho bona bedlala
- Izinhliziyo zabo zibambezelekile (ekwenzeni ukona) futhi bayayifihla inkulumo yangasese labo abayizoni (babuzana bodwa bathi) “ngakube lona akayilutho ngaphandle kokuba ngumuntu onjengani na? Ngakho-ke ngakube nifikelwa ngumlingo kulapho nina nibhekile na
- Ithi, “Inkosi yami iyayazi inkulumo esemazulwini nesemhlabeni futhi yona ingezwayo eyaziyo”
- Kepha bathi, (iQur’an) ingamaphupho axubene ayimanga, Qha uyakhile, Qha uyimbongi ngakho-ke akasilethele uphawu olufana nalolo olwaluthunyelwe (kubaphrofethi) basendulo”
- Alikho idolobha (abantu) esababhubhisa ababekholwa ngaphambilini kwabo, ngakube bona bayakholwa na
- Futhi asizange simthumele (umuntu) ngaphambi kwakho ngaphandle kwamadoda esembula kuwona (umyalezo) ngakho-ke buzani abantu besikhumbuzo (abanolwazi) uma nina ningazi
- Futhi asibanikezanga imizimba engakudli ukudla futhi asibenzanga ukuthi bahlale ingunaphakade
- Sabe sesiqinisekisa kubona isethembiso ngakho-ke sabasindisa kanye nalabo esibathandayo, sababhubhisa abamoshayo
- Ngempela sayehlisela phansi kunina incwadi kuyona kunesikhumbuzo senu, ngakube aninamqondo yini na
- Futhi mangaki amadolobha esawabhubhisa ayenza okungalungile na? Futhi emva kwawo sabavusa abanye abantu
- Ngakho-ke kwathi lapho sebesibona isijeziso sethu kwaba yilapho bona bebaleka kusona
- Musani ukubaleka phindelani empilweni yenu enhle enothile enanikuyona nasezindlini zenu ukuze mhlawumbe nibuzwe
- Bathi, “Oh! usizi kuthina ngempela thina sasiyizoni”
- Lokho kukhala kwabo akupheli kuze kube yilapho sibenza ukuba babe njengensimu evuniweyo, efile
- Futhi asiwadalanga ngokudlala amazulu nomhlaba kanye nalokho okuphakathi kwako kokubili
- Ukube sasithandile ukuthatha isikhathi sokuzilibazisa ngempela sasizosithatha kuthina, uma sasizokwenza (lokho)
- Qha, siyaliveza iqiniso ukushabalalisa amanga ngakho-ke liyawabhubhisa bheka! (amanga) ayanyamalala futhi okwenu lusizi ngenxa yalokho enikuchazayo
- Futhi ungowakhe (ungokaMvelinqangi) noma ngabe ngubani osemazulwini nasemhlabeni futhi noma ngabe ngubani oseduzane naye (izingelosi) azizigabisi ngokumdumisa (zenza lokho eziphoqwayo ukuba zikwenze) futhi azidinwa
- (Izingelosi) zimdumisa ubusuku nemini azidembeseli
- Noma ngakube bazithathele onkulunkulu emhlabeni abakwaziyo ukuvusa abafile baphile na
- Ukube kwakukhona abanye onkulunkulu kukona (emazulwini nasemhlabeni) ngaphandle kukaMvelinqangi ngempela kokubili (amazulu nomhlaba) ayezoba nenxushunxushu, ngakho-ke udumo malube kuMvelinqangi iNkosi yesihlalo sobukhosi (iphakeme) ngaphezu kwalokho abakuchazayo
- Akabuzwa ngakwenzayo kepha bona bayobuzwa
- Noma bazithathela abanye onkulunkulu esikhundleni sakhe na? Ithi “lethani ubufakazi benu, lesi yisikhumbuzo kulabo abakanye nami nesikhumbuzo kulabo ababengaphambilini kwami” kepha iningi labo alilazi iqiniso njengoba lifulathela
- Futhi asizange sisithumele isithunywa ngaphambilini kwakho ngaphandle kokuthi sembule kusona ukuthi, “akekho onokukhonzwa ngeqiniso ngaphandle kwami ngakho-ke ngikhonzeni”
- Futhi bathi, “Onomusa unendodana,” udumo malube kuye kepha bayizinceku ezihloniphekile
- Abakhulumi ngaphambi kokuba akhulume futhi bona benza ngendlela yempoqo yakhe
- Uyakwazi lokho okungaphambi okwabo kanye nalokho okungemumva kwabo futhi angeke bakwazi ukuzincengela ngaphandle kwalowo amvumelayo kulapho bona beqhaqhazela ngenxa yokumesaba
- Futhi noma ngabe ngubani phakathi kwabo othi, “ngempela mina nguMvelinqangi esikhundleni sakhe ngempela lowo simnika umvuzo oyisihogo, sizinika kanjalo izoni umvuzo”
- Ababoniyinilaboabangakholwangaukuthiamazulunomhlaba kwakuhlangene kuyinto eyodwa sabe sesiyakuhlukanisa futhi sazenza ngamanzi zonke izinto eziphilayo, ngakube abakholwa yini na
- Futhi sazenza izintaba zasimama emhlabeni hleze uzamazame nabo futhi sazenza kuwona izindlela ezinkulu ezibanzi ukuze mhlawumbe bakwazi ukuholeleka
- Futhi salenza izulu laba nguphahla olugadiwe kulapho bona bezifulathela izimpawu zalo
- Futhi nguyena owadala ubusuku nemini nelanga nenyanga konke kuhamba emkhondweni wako
- Futhi ngaphambilini kwakho asizange simbekele umuntu impilo eyingunaphakade ngakube uma ufa bazohlala ingunaphakade yini na
- Yonke imiphefumulo iyozwa ukufa futhi siyanilinga ngobubi nangobuhle ngendlela yokulinga futhi niyobuyiselwa kuthina
- Futhi uma bekubona labo abangakholwanga abenzi lutho ngawe ngaphandle kokukwenza inhlekisa bethi, “ngakube nguyena yini lona okhuluma okubi ngonkulunkulu benu na?” Kulapho bona bengakholelwa ekukhunjulweni konomusa
- Umuntu wadalwa ngokushesha, ngizonikhombisa amavesi ami ngakho-ke ningangiceli ukuba ngisheshise
- Futhi bathi, “siyofika nini lesisithembiso uma nina ningabaneqiniso na?”
- Ukube bayazi labo abangakholwanga lapho bengeke bakwazi khona ukuwuphunga umlilo ebusweni babo nasemihlane yabo, futhi bona angeke basizwe
- Kepha (ihora) liyofika kubo ngokuzuma liyobakhungatha ngakho-ke angeke babe nawo amandla okulivimba futhi bona angeke banikezwe ithuba
- Futhi ngempela zenziwa inhlekisa izithunywa ngaphambilini kwakho, ngakho-ke kwaqiniseka kulabo ababenza inhlekisa phakathi kwabo lokho ababenza ngako inhlekisa
- Ithi, “ngubani onivikelayo ngaphandle konomusa ebusuku nasemini na?” kepha bona bayaqhelelana nokukhunjulwa kweNkosi yabo
- Noma banomunye unkulunkulu obanqabelayo esikhundleni sethu na? Abanamandla okuzisiza bona futhi bona angeke bavikelwe yithina
- Kepha labantu sabanikeza injabulo kanye naboyise kwaze kwaba yilapho bandiselwa khona impilo, ngakube ababoni yini ukuthi siyeza emhlabeni siwunciphise emacaleni awo na? Ngakube bona banganqoba yini na
- Ithi, “Kuphela ngiyanexwayisa ngesambulo futhi izithuli azikuzwa ukumenyezwa ngenkathi zexwayiswa”
- Futhi uma bethintwa inhlupheko encane esijezisweni seNkosi yakho ngempela bangathi, “Oh usizi kuthina! ngempela thina sasiyizoni”
- Futhi siyobeka isikalo sobulungiswa ngosuku lokuvuka kwabafileyo ngakho-ke awukho umphefumulo oyokwehlulelwa ngokungenabo ubulungiswa futhi uma kukhona okungangesisindo sohlamvu lwemastadi siyoza nakho futhi singabanele ekwahluleleni
- Futhi ngempela samnikeza uMose no-Aroni isimo sokunquma (phakathi kokuhle nokubi) nokukhanya nesikhumbuzo salabo abagwema okubi
- Labo abayesabayo iNkosi yabo engabonwayo futhi bona bayalisaba ihora
- Futhi lesi isikhumbuzo esibusisiwe esasihlisela phansi ngakube nina niyasiphika yini na
- Futhi khumbula ngempela samnikeza u-Abrahamu ukuholwa kwakhe ngaphambilini futhi sasazi kahle ngaye
- Ngenkathi ethi kuyise nakubantu bakhe “iyini lemifanekiso enizinikele kuyona na
- Bathi, “sabafumana obaba bethu beyikhonza (lemifanekiso)”
- Wathi, “Ngempela nina uqobo lwenu nobaba benu nanisekudukeni okucacile”
- Bathi, “Ngakube usilethele iqiniso noma wena ungomunye walabo abenza umdlalo na?”
- (U-Abrahamu) wathi, “Qha! INkosi yenu yiNkosi yamazulu nomhlaba okuyiyona eyawadala futhi mina kulokho ngingomunye walabo abafakazayo”
- Futhi (ngiyafunga) ngoMvelinqangi ngempela ngizozenzela isu izithixo zenu emva kokuba senifulathele senihambile”
- Ngakho-ke (u-Abrahamu) waziphihlisa (izithixo) zaba yizicucu ngaphandle kwesikhulu sazo ukuze babuyele kusona (basibuze)
- (Babuza) bathi, “ngubani owenze lokhu konkulunkulu bethu na? Ngempela yena ungomunye wabangalungile”
- Bathi “simzwile umfanyana ongu-Abrahamu ekhuluma ngabo”
- Bathi, “mletheni lapha ngaphambi kwamehlo abantu, ukuze bambone”
- (Bambuza) bathi, “ngakube nguwena owenze lokhu konkulunkulu bethu Oh Abraham na!?”
- (U-Abraham) wathi, “Qha okwenzile ilesi (sithixo) esikhulu sazo ngakho-ke zibuzeni (izithixo) uma zikwazi ukukhuluma”
- Base bephendukela emiphefumulweni yabo base bethi, “ngempela nina uqobo lwenu niyizoni”
- Base becabanga kabusha (bathi) “ngempela wazile ukuthi izithixo lezi azikhulumi”
- Wathi “ngakube nikhonza okunye esikhundleni sikaMvelinqangi lokho okunganisizi ngalutho futhi okunganilimazi na?”
- Okubi phezu kwenu kanye nakulokho enikhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi ngakube aninamqondo yini na
- Bathi, “Mshiseni, nelekelele onkulunkulu benu uma nifuna ukwenza (okuthize)”
- Sathi, “Oh Mlilo! banda, ungabi nobungozi ku-Abrahamu”
- Futhi babemfunela icebo ngakho-ke sabenza abalahlekelwa ngokwedlulele
- Futhi samsindisa kanye noLoti sabaletha ezweni esalibusisa emihlabeni
- Futhi samupha u-Isak no-Jakobe njengesipho (indodana yendodana) futhingamunyewabosamenzawabangolungileyo
- Futhi sabenza ukuthi babengabaholi abahola ngempoqo yethu futhi sazembula kubona izenzo ezinhle nokwenza umthandazo nokukhokha izakaah (ingxenye yemali ekhokhwa kwabampofu) futhi babeyizikhonzi zethu
- Futhi uLothi samnikeza ukwehlulela nolwazi futhi samsindisa edolobheni (ebantwini) ababenza izenzo ezingcolile, ngempela bona babengabantu abangalungile abaphula umthetho
- Futhi samngenisa emseni wethu, ngempela yena ungowabalungileyo
- Kanye noNowa khumbula ngenkathi ememeza ngaphambilini ngakho-ke samphendula sabe sesimsindisa kanye nabantu bakhe ebunzimeni obukhulu
- Futhi samlekelela ebantwini labo ababephika amavesi ethu ngempela bona babengabantu abangalungile ngakho-ke sabaminzisa bonke
- Kanye noDavide noSolomoni ngenkathi bobabili bephika isehlulelo mayelana nensimu ngenkathi kwakudle kuyona izimvu zabantu futhi thina sasingofakazi esinqumweni sabo bobabili
- Ngakho-ke samenza uSolomoni khumbula ukuthi asiqonde (lesisimo), futhi ngamunye wabo samnikeza ukwahlulela nolwazi, futhi sazenza izintaba, uDavide kanye nezinyoni ukuthi zidumise (uMvelinqangi) futhi thina sasingabenzi (balokho)
- Futhi samfundisa ukwenziwa kwezembatho zensimbi zenu ukunivikela ezimpini zenu ngakho-ke ngakube nina ningababongayo yini na
- Futhi uSolomoni samnika umoya onamandla ohelezayo ngempoqo yakhe ubheke ezweni okuyilona esalibusisa futhi siyizazi zazo zonke izinto
- Futhi phakathi kosathane kunalabo ababemtshuzela futhi benza nomunye umsebenzi ngaphandle kwalowo futhi sasibaqaphele
- NoJobe khumbula ngenkathi ememeza iNkosi yakhe (ethi), “ngempela ngithintwe inhlupheko futhi wena ungonomusa ukubedlula bonke abanomusa”
- Ngakho-ke samphendula sakususa lokho okwakukuyena okuyinhlupheko futhi samnikeza umndeni wakhe kanye nabanjengabo kanye nabo umusa ovela kuthina nesikhumbuzo sezikhonzi (zikaMvelinqangi)
- No-Ishmayeli no-Idris noDhul Kifl (Isaiah) bonke babengababekezelayo
- Futhisabangenisaemseniwethu, ngempelabonababengabanye babalungileyo
- Futhi uDhuh-Nun (uJonah) khumbula ngenkathi ehamba ethukuthele ngakho-ke wacabanga ukuthi angeke simjezise ngakho-ke wamemeza ebumnyameni wathi “akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho, udumo malube kuwe! Ngempela mina bengingomunye wezoni”
- Ngakho-ke samphendula futhi samsindisa enhluphekweni, futhi sibasindisa kanjalo abakholwayo
- NoZakariya khumbula ngenkathi ememeza iNkosi yakhe (ethi) “Nkosi yami! Ungangishiyi ngedwa (ngingenayo ingane) kanti wena ungongcono kunazozonke izindlalifa”
- Ngakho-ke sawuphendula (umthandazo wakhe) futhi samupha uJohane futhi samenza unkosikazi wakhe wabangolungileyo kuye, ngempela bona babencintisana ekwenzeni izenzo ezilungileyo futhi basibiza (bathandaza) ngothando nangokwesaba futhi babezithobile ngaphambi kwethu
- Futhi lowo owesifazane (uMariya) aqaphela ubumsulwa bakhe, ngakho-ke siphefumulela kuyena ngomoya wethu futhi samenza yena kanye nendodana yakhe (uJesu) uphawu lwemihlaba
- Ngempela lena yindlela yenu inkolo eyodwa futhi mina ngiyiNkosi yenu ngakho-ke ngikhonzeni
- Futhi balehlukanisa phakathi kwabo udaba lwabo, bonke bayophindela kuthina
- Ngakho-ke noma ngabe ngubani owenza izenzo (ezinhle) ezilungileyo futhi kulapho eyikholwa ngakho-ke angeke yenqatshwe imizamo yakhe futhi ngempela singabalobi bakhe
- Futhi akuvumelekile edolobheni esalibhubhisa ukuthi bona bangaphindela
- Kuze kube bayavulelwa uGog noMagog futhi bona bayoqhamuka kuwona wonke amacala behla
- Futhi ngempela sesisondele isethembiso (usuku lokwahlulela), lapho amehlo alabo abangakholwanga ayobe egqolozele (bese bethi), “Oh! usizi kuthina sasingakunakile lokhu kepha sasiyizoni”
- Ngempela nina kanye nalokho enikukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi niyoba yizinkuni zokuvuthisa isihogo, nina niyongena kusona
- Ukube laba babengonkulunkulu babengeke bangene kusona (isihogo) futhi bonke bayohlala khona ingunaphakade
- Okwabo lapho phakathi kuyoba ukuquma futhi bona lapho phakathi bayobe bengezwa
- Ngempela labo abathenjiswa ubuhle obuvela kuthina bayobekwa kude naso
- Angeke bazwe ngisho nomncane umsindo waso, futhi bona bayohlala ingunaphakade kulokho imiphefumulo yabo ekufisayo
- Alubaphathi kabi uvalo olukhulu kakhulu futhi ziyohlangana nabo izingelosi (ziyothi) “Lolu usuku lwenu okuyilona enanithenjiswe lona.”
- Ngosuku lapho siyobe sigoqa amazulu kuyobe kunjengokugoqwa kwamaqeqeba emibhalo njengoba sayisungula indalo yokuqala siyoyiveza kabusha (lesi) isethembiso kuthina ngempela siyokwenza (lokhu)
- Futhi ngempela sabhala kwiZabur emva kwesikhumbuzo ukuthi umhlaba uyodliwa izinceku zami ezilungileyo
- Ngempela kulokhu kunomyalezo ebantwini abayizikhonzi
- Futhi asizange sikuthumele ngaphandle kokuba ube ngumusa emihlabeni
- Ithi, “kuphela kwembuliwe kumina ukuthi uNkulunkulu wenu nguNkulunkulu oyedwa, ngakube nina nizoba ngabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi na?”
- Kephaumabefulathelaithi,“nginibizilenonkengokulinganayo angazi noma kuseduzane noma kukude lokho enethenjiswa kona.”
- Ngempela yena uyayazi inkulumo esobala futhi uyakwazi konke lokho enikufihlayo
- Futhi angazi ukuthi kuyisilingo kunina nenjabulo yesikhashana
- Wathi, “Nkosi yami yehlulela ngeqiniso futhi iNkosi yethu ingenomusa ekuyiyona usizo lwayo olubhekana nalokho enikuchazayo”