20.Taa-Haa

  1. Twa Ha
  2. Asiyehliselanga phansi kuwena iQur’an ukuze sikubangele ubunzima
  3. Kepha njengomkhumbuzi kulowo owesaba (uMvelinqangi)
  4. Isambulo esivela kulowo owadala umhlaba namazulu aphakeme
  5. Onomusa ozinze phezu kwesihlalo sobukhosi
  6. Kungokwakhe konke lokho okusemazulwini nakho konke lokho okusemhlabeni nakho konke lokho okuphakathi kwabo kokubili nakho konke lokho okungaphansi komhlaba
  7. Futhi uma ukhuluma ngezwi eliphezulu, ngakho-ke ngempela yena uyayazi imfihlo nokufihlwe ngokwedlulele
  8. UMvelinqangi, akukho lutho olunokukhonzwa ngaphandle kwakhe, angawakhe amagama amahle ngokwedlulele
  9. Futhi ngakube seyafika yini kuwena indaba kaMose na
  10. Khumbula ngenkathi ebona umlilo ngakho-ke wayesethi kubantu bakhe, “yimani ngempela mina ngibona umlilo, kungenzeka kuthi nginganilethela ilangabi eliphuma kuwona noma ngithole ukuholeka emlilweni”
  11. Ngakho-ke kwathi lapho sefika kuwona wamenyezwa (kwathiwa) “Oh Mose!”
  12. Ngempela mina ngiyiNkosi yakho ngakho-ke khumula izicathulo zakho ngempela wena usesigodini esingcwele iTuwa
  13. Futhi mina ngikukhethile ngakho-ke lalela lokho okuzokwembulwa (kuwena)
  14. Ngempela mina ngingu-Mvelinqangi, akunanto engakhonzwa ngaphandle kwami ngakho-ke ngikhonze futhi wenze umthandazo ukungikhumbula
  15. Ngempela ihora liyeza, ngiyanqikaza ukulifihla ukuze yonke imiphefumulo ithole umvuzo ngalokho ekuzabalazele
  16. Ngakho-ke ungamvumeli lowo ongakholelwa kulona (ihora) futhi olandela izifiso akuvimbele kulona (ekulilungiseleleni) hleze ubhubhe
  17. Futhi yini leyo esesandleni sakho sokudla Oh Mose! na
  18. Wathi (uMose), “induku yami engidondolozela ngayo futhi engehlisela ngayo phansi amaqabunga ezimvu zami futhi ngineminye imisebenzi ngayo”
  19. Wathi (uMvelinqangi) “iphonse phansi Oh Mose!”
  20. Ngakho-ke wayiphonsa phansi kwaba ilapho iphenduka khona inyoka ezihambelayo
  21. UMvelinqangi wathi, “ibambe ungesabi sizoyiphindisela esimweni sayo sokuqala”
  22. Futhi cindezela isandla sakho eceleni lakho sizophuma simhlophe singenabubi (lolu) ngolunye uphawu
  23. Ukuze sikukhombise ezinye zezimpawu zethu ezinkulu
  24. Hamba uye kuFaro ngempela yena akahloniphanga
  25. Wathi (uMose), “Nkosi yami ngivulele isifuba sami”
  26. Futhi ngenzele lula udaba lwami
  27. Futhi qaqa ifindo olimini lwami
  28. (Ukuze) bayiqonde inkulumo yami
  29. Futhi ngiphe umsizi emndenini wami
  30. U-Aroni umfowethu
  31. Thasisela ngaye emandleni ami
  32. Futhi menze ukuthi alekelele odabeni lwami
  33. Ukuze sikudumise kakhulu
  34. Futhi sikukhumbule kakhulu
  35. Ngempela wena ngasosonke isikhathi uyasibona
  36. (UMvelinqangi) wathi, “semukelwe isicelo sakho Oh Mose!”
  37. Futhi ngempela sakwenzela ububele ngenye inkathi
  38. Khumbula ngenkathi sembulela unyoko lokho okwembuliwe
  39. Ukuthi ayifake (ingane) ebhokisini bese eliphonsa emfuleni, umfula uzoliphonsa ogwini, siyolithatha (lelo bhokisi) isitha sami nesitha sakhe futhi ngehlisele phezu kwakho uthando oluvela kumina futhi ukuze ukhuliswe ngaphansi kwehlo lami
  40. Khumbula ngenkathi udadewenu ehamba futhi ethi, “ngakube nginganikhombisa lowo ozomgada yini na?” “Ngakho-ke sakubuyisela kunyoko ukuze apholise amehlo akhe futhi ungaphatheki kabi, ngakho-ke ubulale umuntu sabe sesiyakusindisa enhluphekweni futhi sakulinga ngezilingo wase uhlala iminyaka eminingi nabantu baseMidiyane wabe sewuyeza njengoba kuyisikhathi esinqunyiwe Oh Mose
  41. Futhi ngizikhethele wena
  42. Hamba wena nomfowenu namavesi ami futhi nobabili ningadembeseli ekungikhumbuleni
  43. HambaninobabiliniyekuFarongempelayenaakahloniphanga
  44. Bese nobabili nikhuluma naye inkulumo emnene, mhlawumbe angakhumbula (anake) noma asabe”
  45. Bathi bobabili (uMose no-Aroni) “Nkosi yethu ngempela thina siyesaba ukuthi hleze ajahise ukusijezisa noma angahloniphi”
  46. (UMvelinqangi) wathi, “nobabili ningesabi ngempela mina ngikanye nani nobabili ngiyezwa futhi ngiyabona”
  47. Ngakho-ke nobabili hambani niye kuye bese nobabili nithi “ngempela thina sobabili siyizithunywa zeNkosi yakho ngakho-ke bathumele (badedele) kanye nathi abantwana bakwa-Israyeli futhi ungabajezisi, size kuwena nophawu oluphuma eNkosini yakho futhi ukuthula kulowo olandela ukuholwa
  48. Ngempela kwembuliwe kuthina ukuthi isijeziso siyoba phezu kwalowo onqabayo (ophikayo) nofulathelayo
  49. (UFaro) wathi, “Ngakho-ke ngubani iNkosi yenu nobabili Oh Mose! na?”
  50. (UMose) wathi, “iNkosi yethu yileyo eyanikeza leyo naleyonto ukudalwa kayo yabe seyiyayihola”
  51. (UFaro) wathi, “kwenzekani ngodaba lwezizukulwane zasendulo na?”
  52. (UMose) wathi, “ulwazi lwalokho luseNkosini yami, encwadini ayilenzi iphutha iNkosi yami futhi ayikhohlwa”
  53. Iyona eyanenzela umhlaba wandlaleka yabe seyinenzela izindlela zokuhamba kuwona futhi yehlisela phansi amanzi (imvula) eyivela esibhakabhakeni ngakho-ke imvula samilisa ngayo izinhlobonhlobo zezithombo ezingambili
  54. Dlanini bese nidedela izinkomo zenu zizidlele ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abaqondayo
  55. Kuwona (umhlaba) sanidala futhi siyoniphindisela kuwona futhi siyonivusa kuwona ngesinye isikhathi
  56. Futhi ngempela samkhombisa zonke izimpawu zethu (uFaro) kepha waphika futhi wenqaba
  57. (UFaro) wathi, “ngakube uze kuthina ukuze usikhiphe ezweni lethu ngomlingo wakho Oh Mose!?”
  58. Ngakho-ke ngempela nathi sizokulethela umlingo ofana nawo, ngakho-ke nquma isikhathi (sokuhlangana) phakathi kwethu nawe ungehluleki ukusigcina, thina nawe siyobe siseshashalazini
  59. (UMose) wathi, “isikhathi senu esinqunyiwe ingosuku lomkhosi futhi abantu bayobe behlangene ndawonye ngezikhathi zasekuseni”
  60. Ngakho-ke uFaro wahamba wayesehlanganisa icebo lakhe wayeseyeza (kuMose)
  61. UMose wathi kubona (kubalumbi bakaFaro) “usizi kunina ningamqambeli uMvelinqangi amanga hleze anibhubhise ngesijeziso futhi angeke aphumelele lowo oqamba (amanga)”
  62. Ngakho-ke kwaba khona ukuphikisana phakathi kwabo ngodaba lwabo futhi bayigcina iyimfihlo inkulumo yangasese
  63. Bathi (abantu bakaFaro) “laba bobabili (uMose no-Aroni) ngempela bangabalumbi bobabili bafuna ukunigxosha ezweni lenu ngomlingo wabo futhi banikhiphe endleleni yenu eyisibonelo”
  64. Ngakho-ke hlanganisani icebo lenu bese niza ningudwendwe futhi uzobe ulehlulile lolusuku lowo ozonqoba
  65. Bathi, “Oh Mose! Uzophonsa noma sizokuba ngabokuqala ukuphonsa na?”
  66. (UMose) wathi, “qha phonsani nina phansi, kwaba ilapho izintambo zabo kanye nezinduku zabo zibukeka sengathi ziza kuyena zigijima ngenxa yomlingo wabo”
  67. Ngakho-ke uMose wazizwa enokwesaba
  68. Sathi, “ungesabi ngempela nguwena ongaphezulu omkhulu”
  69. Futhi phonsa phansi lokho okusesandleni sakho sokudla kuzogwinya lokho abakwenzile, kuphela abakwenzile kuyicebo lomlumbi futhi angeke aphumelele umlumbi ngisho noma ngabe uqhamukaphi
  70. Ngakho-ke bawa phansi abalumbi bakhothama bathi, “siyakholwa eNkosini ka-Aroni noMose”
  71. (UFaro) wathi (kubalumbi bakhe), “nikholwe kuye ngaphambi kokuba ngininike imvume na? Ngempela yena ungumholi wenu onifundise umlingo ngakho-ke ngempela ngizoninquma izandlazenukanyenezinyawozenuezinhlangothiniezehlukene futhi ngempela ngizoninqamuleza eziqwini zemithi yesundu futhi ngempela nizokwazi ukuthi ngubani phakathi kwethu onzima ekujeziseni okubeleselayo”
  72. Bathi (abalumbi bakaFaro), “Asisoze sikhethe wena ngaphezu kwalokho osekufikile kuthina okuyizimpawu ezicacile (nangaphezu) kwalowo owasidalayo ngakho-ke yehlulela njengoba uthanda ukwehlulela, kuphela wehlulela kulempilo yalomhlaba”
  73. Ngempela sikholiwe eNkosini yethu ukuze isithethelele amaphutha ethu kanye nakulokho osiphoqelele kukona okungumlingo futhi uMvelinqangi ungcono futhi ukhona ngasosonke isikhathi
  74. Ngempela lowo ozayo eNkosini yakhe eyisoni, ngakho-ke ngempela okwakhe yisihogo angeke aze afe kusona futhi angeke aze aphile
  75. Futhi lowo ozayo kuyona (iNkosi yakhe) eyikholwa futhi enza izenzo ezinhle ezilungileyo ngakho-ke labo okwabo amazinga aphakeme
  76. Izivande zaphakade okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade futhi lokho kungumvuzo walabo abazihlambululayo
  77. Futhi ngempela sakwembula kuMose ukuthi makahambe ebusuku nezinceku zami ngakho-ke bashayele indlela eyomile olwandle, ungesabi ukuficwa (ngamabutho kaFaro) futhi ungesabi (ukuminza olwandle)
  78. Ngakho-ke uFaro wabalandela kanye namabutho akhe, kepha ulwandle lwabagalela futhi lwabamboza
  79. Futhi uFaro wabadukisa abantu bakhe futhi wangabaholeli (endleleni eqondile)
  80. Oh bantwana bakwa-Israyeli! Ngempela sanisindisa esitheni senu futhi senza isethembiso nani ehlangothini langakwesokudla lwentaba futhi sanehlisela phansi imana kanye nezigcwaca
  81. Dlanini ezintweni ezinhle lokho esanabela kona futhi ningabi abangahloniphi kulokho, hleze intukuthelo yami yehlele phezu kwenu futhi noma ngabe ubani eyehlela phezu kwakhe intukuthelo yami ngempela ubhubhile
  82. Futhi ngempela mina ngiyathethelela noma ngabe ubani ozisolayo futhi akholwe enze nokuhle okulungileyo bese ehamba endleleni elungileyo
  83. Futhi yini eyakwenza ukuthi usheshe ukusuka kubantu bakho OH! Mose na?”
  84. (UMose) wathi, “labo basezinyathelweni zami futhi ngisheshise ukuza kuwena Nkosi yami ukuze uthokoze”
  85. Wathi, “Ngakho-ke ngempela thina sabalinga abantu bakho emva kwakho (wena ungekho) futhi uSamiri wabadukisa”
  86. Ngakho-ke uMose waphindela ebantwini bakhe ethukuthele elusizi wathi, “Oh bantu bami! Ayizange yini iNkosi yenu inethembise isethembiso esihle na? Ngakube isikhathi enanithenjiswe sona sabukeka siside kunina noma nafisa ukuthi yehlele phezu kwenu intukuthelo evela eNkosini yenu nabe senephula isethembiso sami na?”
  87. Bathi, “asizange sisephule isethembiso sakho ngokwentando yethu, kepha thina besenziwe ukuthi sithwale imithwalo yemihlobiso yabantu sabesesiyayiphonsa ngakho-ke wayiphonsa kanjalo uSamiri”
  88. Ngakho-ke wayesebavezela ithole (eliyisithixo) elalinomsindo ngaphakathi bathi, “lona nguNkulunkulu wenu noNkulunkulu kaMose kepha uMose wakhohlwa”
  89. Ababoni yini ukuthi (ithole) aliyibuyiseli kubona impendulo futhi alinamandla okubalimaza nawokubenzela okuhle na
  90. Futhi ngempela u-Aroni wayethe kubona ngaphambilini “Oh bantu bami! kuphela nilingiwe ngalo (ithole) futhi ngempela iNkosi yenu ingenomusa ngakho-ke ngilandeleni futhi nihloniphe isinqumo sami”
  91. Bathi, “angeke siyeke ukulikhonza (ithole) kuze kube uMose ubuyela kuthina”
  92. (UMose) wathi “Oh Aroni! Yini lena eyakwenqabela (ukubakhuza ekukhonzeni ithole) ngenkathi ubabona beduka na?”
  93. Ekungilandeleni na? Ngakube awuyihloniphanga yini impoqo yami na
  94. (U-Aroni) wathi, “Oh ndodana kamama! Ungangibambi ngentshebe yami nangekhanda lami, ngempela mina ngesabile ukuthi hleze uthi wenze uqhekeko phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli futhi awulilandeli izwi lami”
  95. (UMose) wathi, “yini inhloso yakho Oh Samiri!?”
  96. (USamiri) wathi, “ngakubona lokho ababengakuboni, ngathatha isandla esigcwele (somhlabathi) esinyathelweni sesithunywa (uGabriyeli) ngabe sengisilahla, wangithuma kanjalo umphefumulo wami”
  97. Wathi, “Hamba! Ngakho-ke ngempela okwakho kulempilo yalomhlaba ukuthi uthi akungabikhona ukuthintana futhi ngempela okwakho isethembiso esingeke sephuke futhi bheka isithixo sakho ewawuzinikele kusona, ngempela sizosishisa bese siphonsa umlotha waso olwandle”
  98. Kuphela uNkulunkulu, wena unguNkulunkulu okunguyena, ongekho uNkulunkulu ongakhonzwa ngaphandle kwakhe, ungamele zonke izinto ngolwazi
  99. Sikutshela kanjalo izindaba zalokho okwenzeka emandulo futhi ngempela sakunikeza kulokho okuvela kuthina okuyisikhumbuzo
  100. Noma ngabe ngubani osifulathelayo (isikhumbuzo) ngakho- ke ngempela yena uyothwala umthwalo ngosuku lokuvuka kwabafileyo
  101. Bayohlala khona, ububi babo ngosuku lokuvuka kwabafileyo kuyoba iloko abakuthwele
  102. Ngosuku lapho kuyobe kukhaliswa icilongo futhi siyoziqoqela ndawonye izoni ngalolosuku zinamehlo aluhlaza
  103. Bayohlebelana (bathi) anihlalanga ngaphandle (kwezinsuku) eziyishumi”
  104. Thina siyazi kabanzi ngalokho abakushoyo uma bethi abangcono ngolwazi phakathi kwabo, “anizange nihlale ngaphandle kosuku”
  105. Futhi bayakubuza mayelana nezintaba ngakho-ke ithi “iNkosi yami iyozibhidliza zibe uthuli”
  106. Bese iwushiya (umhlaba) uyithafa ubushelelezi uyisicaba
  107. Angeke ububone lapho ubuzombezombe nobugwincigwinci
  108. Ngalolosuku (bonke abantu) bayolandela ummemi, abukho ubuzombezombe abayomenzela kona futhi (wonke) amazwi ayothotshiselwa Onomusa ngakho-ke angeke uzwe lutho ngaphandle kobunyathunyathu bezinyawo zabo
  109. Ngalolosuku angeke kusize ngalutho ukuncenga ngaphandle kwalowo onikwe imvume ngoNomusa futhi oyithokozelayo inkulumo yakhe
  110. Iyakwazi lokho okungaphambili kwabo kanye nalokho okungemumva kwabo, futhi angeke bakwazi ukungamela okuthize olwazini lwakhe
  111. Futhi ubuso buyothotshiswa ngaphambi kophilayo uMvelinqangi owondlayo zonke izidalwa futhi angeke aphumelele lowo othwele ukungabi nobulungiswa
  112. Futhi noma ngabe ngubani owenza izenzo ezinhle ezilungileyo futhi engokholwayo ngakho-ke makangakwesabi ukwenzelwa okungenabulungiswa ukuncishiselwa (ezenzweni zakhe noma emvuzweni wakhe)
  113. Futhi sayembula kanjalo iQur’an ngolimi lwesi-Arabhu futhi sazichaza ngobunjalo bazo izexwayiso kuyona ukuze mhlawumbe bona besabe uMvelinqangi noma ibenze ukuthi bakhumbule (banake)
  114. Ngakho-ke ophakeme nguMvelinqangi iNkosi eyiqiniso. Ngakho-ke ungasheshi ngeQur’an ngaphambi kokuba ukwembulwa kwayo kupheleliswe kuwena futhi ithi “Nkosi yami ngandisele ulwazi”
  115. Futhi ngempela sasenza isethembiso ku-Adamu ngaphambilini waseyakhohlwa futhi asizange sikuthole kuyena ukuzimisela
  116. Futhi khumbula ngenkathi sithi ezingelosini “khothamelani u-Adamu” ngakho-ke zakhothama ngaphandle kuka-Iblis wenqaba
  117. Ngakho-ke sathi, “Oh Adamu! Lesi yisitha sakho nesonkosikazi wakho ngakho-ke nobabili makanganikhiphi esivandeni ukuze nibe lusizi”
  118. Ngempela okwakho khona (esivandeni) ukuthi ungalambi noma ubenqunu
  119. Nokuthi lapho angeke nome noma nishiswe yilanga
  120. Ngakho-ke usathane wamhlebela wathi “Oh Adamu! ngingakukhombisa yini isihlahla saphakade nombuso ongeke uhlehlele emumva na?”
  121. Ngakho-ke bobabili (u-Adamu nonkosikazi wakhe) badla kusona (isihlahla) izitho zabo zomzimba zangasese zabasobala kubona, baqala bobabili bazimboza ngamaqabunga esivande, u-Adamu akayihloniphanga iNkosi yakhe waseyaduka
  122. Yabe seyimkhetha iNkosi yakhe, ngakho-ke (u-Adam) wazisola kuyona (wacela intethelelelo kuyo) yamhola
  123. (uMvelinqangi) wathi, “nobabili yehlikani kusona (isivande) nonke abanye benu bayizitha zabanye ngakho-ke uma kufika kunina ukuholwa okuvela kumina noma ngabe ngubani olandela ukuhola kwami angeke aduke futhi angeke abelusizi”
  124. Futhi noma ngabe ngubani ofulathela isikhumbuzo sami ngakho-ke ngempela okwakhe yimpilo enzima futhi siyomvusa eyimpumputhe ngosuku lokuvuka kwabafileyo
  125. Uyothi, “Nkosi yami yingoba yini ungivusa ngiyimpumputhe kulapho ngangibona na?”
  126. (uMvelinqangi) uyothi, “kanjalo afika kuwena amavesi ethu wabe sewuyawakhohlwa kanjalo uzokhohlwa kulolusuku.”
  127. Futhi simnika kanjalo umvuzo lowo ongahloniphanga futhi ongakholelwanga emavesini eNkosi yakhe, futhi ngempela isijeziso sempilo ezayo sinzima kakhulu futhi asipheli
  128. Ngakube akusikona yini ukuholwa kwabo ukuthi (bazi) ukuthi zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambalini kwabo, abahamba ezindlini zazo na? Ngempela kulokho kunezimpawu (nesifundo) kubantu abaqondayo
  129. Futhi ukuba lalingekho izwi elaliphumile ngaphambilini elivela eNkosini yakho (isijeziso sazo izizukulwane) sasizofika kepha kunesikhathi esinqunyiwe
  130. Ngakho-ke kubekezelele lokho abakushoyo futhi udumise ukuphakama kweNkosi yakho ngaphambi kokuphakama kwelanga nangaphambi kokushona kwalo nangezikhathi zobusuku mdumise nangezikhathi zangasekugcineni kwemini ukuze mhlawumbe uthokoze
  131. Futhi ungawavuleli amehlo akho kulokho esilethe ngakho injabulo, amaqembu ehlukehlukene abo (abalandela) ubuhle bempilo yalomhlaba ukuze siwalinge ngayo futhi isabelo seNkosi yakho singcono futhi siyingunaphakade
  132. Futhi gqugquzela abantu bakho ngomthandazo futhi uwubekezelele asiceli lutho kuwena okuyisabelo, thina siyakwabela, futhiisiphethoesihleesalaboabenzaokulungileyo
  133. Futhi bathi, “kungani engezi kuthina nophawu oluvela eNkosini yakhe na?” abuzange bufike yini kubona ubufakazi obucacile balokho okusemibhalweni yangaphambilini na
  134. Futhi ukuba thina sasibabhubhisile ngesijeziso ngaphambilini kwakhe babezothi “Nkosi yethu kungani ungasithumelanga kuthina isithunywa, ngakho-ke sasizowalandela amavesi akho ngaphambi kokuba sidunyazwe futhi sihlazwe”
  135. Ithi, “Bonke balindile ngakho-ke lindani nizokwazi ukuthi ngobani abalandeli bendlela elungileyo nokuthi ngobani abaholelwe (endleleni eqondile)”