19.Mary
- Kaf Ha Ya ‘Ain Saad
- Isikhumbuzo somusa weNkosi yakho encekwini yayo uZakariya
- Khumbula ngenkathi ememeza iNkosi yakhe, ukumemeza kwasesithe
- Wathi (uZakariya), “Nkosi yami ngempela amathambo ami abuthakathaka nekhanda lami elingwevu lishintshile (ngenxa yobudala) futhi angikaze ngingajabuli (ngingabusiseki) emthandazweni wami kuwena Nkosi yami.”
- Futhi ngempela mina ngesaba izihlobo zami eziza ngemumva kwami futhi nonkosikazi wami uyinyumba ngakho-ke ngiphe indlalifa evela kuwena
- Eyizokuba yindlalifa yami nendlalifa yomndeni (yezizukulwane) zikaJakobe futhi uyenze Nkosi yami ibe ngozoyithanda
- Yathi (iNkosi) “Oh Zakariya! Ngempela thina sikutshela izindaba ezimnandi ngomfana ogama lakhe okuzoba nguJohane, asikaze silinikeze muntu ngaphambilini leligama”
- Wathi (uZakariya) “Nkosi yami ngingaba kanjani nendodana kulapho unkosikazi wami eyinyumba futhi kulapho sengifinyelele ebangeni lokukhula elikhulu kangaka na?”
- Yathi (ingelosi) kuzoba njalo, INkosi yakho ithi, “kulula kumina futhi ngempela ngakudala ngaphambilini ngenkathi wawungeyilutho”
- Wathi, “Nkosi yami ngiphe uphawu” yathi “uphawu lwakho ngukuthi ungakhulumi nabantu ubusuku obuthathu kulapho uphila kahle”
- Ngakho-ke waphuma waya kubantu bakhe ephuma endaweni yokwenza umthandazo ngakho-ke wabatshela ukuthi mabadumise (uMvelinqangi) ekuseni nakusihlwa
- Yathi (iNkosi) “Oh Johane! Ibambisise incwadi, futhi samupha ubuhlakani ngenkathi esayingane.”
- Nomusa ovela kuthina nokuhlanzwa futhi wayengoqotho
- Futhi wayebalalela abazali bakhe, futhi wayengesiyena oqhoshileyo, ongahloniphi
- Ukuthula makube kuye ngosuku azalwa ngalo nangosuku afa ngalo nangosuku ayovuselwa ngalo ekuphileni
- Futhi mkhumbule encwadini uMariya ngenkathi ehamba emndenini wakhe eya endaweni engasempumalanga
- (UMariya) wayesezisitheza kubona ngakho-ke sathumela kuyena umoya wethu (Gabriyeli) wase uqhamuka kuyena uyisimo somuntu ophelele
- (UMariya) wathi, “ngempela mina ngifuna isiphephelo konomusa ukubalekela wena (suka kumina) uma umesaba uMvelinqangi”
- (Ingelosi) yathi, “kuphela mina ngiyisithunywa seNkosi yakho ukuthi (ngimemezele) kwena (izindaba ezimnandi) ngesiphiwo sendodana emsulwa”
- (UMariya) wathi, “kungenzeka kanjani ukuthi ngibe nendodana kulapho engekho umuntu ongithintile futhi angikaze ngingabi msulwa na?”
- (Ingelosi) yathi, “kuzokuba njalo iNkosi yakho ithi kulula kumina futhi sizoyenza (indodana) ukuthi ibenguphawu kubantu nomusa ovela kuthina futhi kungudaba oselunqunyiwe”
- Ngakho-ke (uMariya) wayeseyayikhulelwa (indodana enguJesu) wahamba nayo waya endaweni ekude
- Ngakho-ke(uMariya) wayezwaizinhlunguzokusikwawayeseya esiqwini sesihlahla sesundu wayesethi “Oh Ngifisa sengathi ngifile ngaphambi kwalokhu futhi ngibe ngokhohliweyo”
- Ingane yase immemeza unina ngaphansi kwakhe (yathi), “ungaphatheki kabi ngempela iNkosi yakho ibeke ngaphansi kwakho umfudlana”
- Futhi nyakazisa isiqu sesihlahla sesundu size ngakuwena sizokwehlisela phezu kwakho amasundu avuthiwe asemasha
- Ngakho-ke yidla uphuze upholise amehlo, ngakho-ke uma phakathi kwabantu ubona oyedwa uthi “ngempela mina ngenze isifungo sokuzila konomusa ukuthi angeke ngikhulume namuntu namhlanje.”
- Wayeseya nayo eyiphethe (ingane enguJesu) kubantu bakhe, bathi “Oh Mariya! Ngempela ulethe into ethusayo”
- Oh dadewabo ka-Aroni! uyihlo wayengesiyena umuntu ongalungile kanye nonyoko wayengesiyena umuntu ongenaso isimilo”
- Ngakho-ke (uMariya) wayesemkhomba (uJesu) abantu baMariya bathi “singakhuluma kanjani nalowo oyingane osembelekweni na?”
- (UJesu) wathi, “ngempela mina ngiyinceku kaMvelinqangi unginikeze incwadi wangenza ngaba ngumphrofethi”
- Futhi wangenza ngaba ngobusisiwe noma ngabe ikuphi lapho ngikhona wangibophezelela emthandazweni kanye nokukhokha izakaah (ingxenye yemali ekhokhwayo kwabampofu) inqobo nje uma ngisaphila
- Futhi ngibe ngomlalelayo umama wami futhi makangangenzi ukuthi ngibe ngoqhoshileyo ongabusisekile
- Futhi ukuthula kube phezu kwami mzukwane ngizalwa namzukwane ngifa namzukwane ngiyovuswa ngibuyele empilweni.”
- Lowo nguJesu indadona kaMariya, inkulumo eyiqiniso okuyiyona abangabazayo (noma abaphikisanayo) ngayo
- Akusikhona okukaMvelinqangi ukuthi angaba nendodana, udumo malube kuye! Uma enquma udaba ngakho-ke kuphela uma ethi kulona “yenzeka” kuyenzeka
- Futhi ngempela uMvelinqangi uyiNkosi yami futhi uyiNkosi yenu ngakho-ke mkhonzeni, lena yindlela eqondileyo
- Kepha amaqembu phakathi kwabo ayephikisana, Oh usizi! Kulabo abangazange bakholelwe ekuhlanganeni ngosuku olukhulu
- Bayozwa ngokucacile futhi babone ngosuku lapho beyobe bengaphambili kwethu kepha izoni ngalolosuku ziyobe zisekudukeni okusobala
- Futhi baxwayise ngosuku losizi nokuzisola ngenkathi udaba luyobe lunqunywa kulapho bona benganakile futhi bona bengakholwa
- Ngempela thina siyizindlalifa zomhlaba nabobonke abakuwona futhi ikuthini lapho beyophindiselwa khona
- Futhi khumbula (umlando) ka-Abrahamu embhalweni, ngempela yena wayengumphrofethi oneqiniso
- Khumbula ngenkathi ethi kuyise, “Oh baba wami! Kungani ukhonza lokho okungezwa futhi okungaboni futhi okungeyinzuzo yalutho kuwena na?”
- Oh Baba wami! ngempela mina ngifikelwe ulwazi olungazange lufike kuwena ngakho-ke ngilandele ngizokuholela endleleni eqondileyo
- Oh baba wami! ungamkhonzi usathane, ngempela usathane akamhloniphanga onomusa
- Oh baba wami! Ngempela mina ngiyesaba ukuthi ungase uthintwe yisijeziso esivela konomusa (uMvelinqangi) bese uba ngumngane kasathane”
- (Uyise) wathi, “ngakube wena awubathandi yini oNkulunkulu bami Oh Abrahamu na? Uma ungakuyeki (lokho) ngempela ngizokukhanda ngamatshe futhi qhelelana nami isikhathi eside”
- (U-Abrahamu) wathi (kuyise) “ukuthula makube kuwe ngizokucelela intethelelo eNkosini yami ngempela yona ngasosonke isikhathi imnene kumina”
- Futhi ngiyaqhelela nani nakulokho enikumemezayo esikhundleni sikaMvelinqangi futhi ngizomemeza iNkosi yami, nginethemba lokuthi angeke ngingabusiseki ekumemezeni kwami iNkosi yami
- Ngakho-ke kwathi lapho (u-Abrahamu) eseqhelelana nabo kanye nalokho abakukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi samupha u-Isaka noJakobe, ngamunye wabo samenza waba ngumphrofethi
- Futhi sabapha emseni wethu futhi sabapha ukuduma la emhlabeni okusezingeni eliphezulu
- Futhi khumbula (umlando) kaMose encwadini (embhalweni) ngempela yena wayemsulwa futhi wayeyisithunywa, engumphrofethi
- Futhi sambizela ngasohlangothini lwesokudla lwentaba futhi samenza ukuthi asondele ukuze sikhulume (naye)
- Futhi samnika ngomusa wethu umfowabo u-Aroni ukuthi abengumphrofethi
- Futhi khumbula u-Ishamyeli embhalweni, ngempela yena wayengoneqiniso esethembisweni futhi wayeyisithunywa engumphrofethi
- Futhi wayegcizelela abantu bakhe ngomthandazo nokuthi bakhokhe izakaah futhi eNkosini yakhe wayengothandiweyo
- Futhi khumbula u-Idris embhalweni ngempela yena wayengoneqiniso engumphrofethi
- Futhi samenyusela endaweni esezingeni eliphezulu
- Labo bayilabo uMvelinqangi abeke umusa phezu kwabo abaphuma phakathi kwabaphrofethi enzalweni ka-Adamu kanye neyalabo esabathwala kanye noNowa (ngomkhumbi) nenzalo ka-Abrahamu no-Israyeli kanye neyalabo esabahola futhi sabakhetha okwakuthi uma befundelwa amavesi onomusa bawe phansi ngokuzithoba futhi bakhale
- Ngakho-ke emva kwabo kwabe sekufika inzalo eyayingawunaki umthandazo futhi eyayilandela izifiso, iyohlangana nokubhubha esihogweni
- Ngaphandle kwalabo abazisolayo futhi bakholwe benze nezenzo ezilungileyo ngakho-ke labo bayongena esivandeni futhi angeke benziwele ngisho nakancane okungeyisibona ubulungiswa
- Izivande zaphakade okuyizona onomusa azethembisa izinceku zakhe kokungabonwayo ngempela isethembiso sakhe siyagcwaliseka ngasosonke isikhathi
- Lapho phakathi (ezivandeni) angeke bayizwe inkulumo eyilize kuphela kuyoba ukuthula futhi okwabo kuyoba izipho zabo (izabelo zabo) ekuseni nakusihlwa
- Lelo izulu okuyilona esiyokwenza ukuthi izinceku zethu zilithathe njengefa, lezo ezazenza izenzo ezilungileyo
- Futhi uGabriyeli wathi asehleli phansi ngaphandle kwempoqo yeNkosi yakho kungokwayo konke lokho okungaphambili kwethu nokungemumva kwethu nokuphakathi kwalokho futhi ngasosonke isikhathi iNkosi yakho ayikhohlwa
- INkosi yamazulu nomhlaba nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngakho-ke yikhonze futhi ube nokubekezele ekuyikhonzeni, ngakube ukhona yini omaziyo ofana nayo na
- Futhi umuntu uthi, “ngakube uma sengifile ngempela ngiyovuswa ngiphila yini na?”
- Ngakube umuntu akakhumbuli yini ukuthi thina samdala ngaphambilini kulapho wayengeyilutho na
- Ngakho-ke ngifunga ngeNkosi yakho ngempela siyobaqoqela ndawonye kanye nabosathane bese sibenza ukuthi babekhona bazungeleze isihogo bekhasa ngamadolo
- Bese ngempela sikhipha kulelo naleloqembu bonke labo ababephikisana ngokwedlulele nonomusa (uMvelinqangi)
- Bese ngempela thina sazi kabanzi ngalabo abafaneleke ngokwedlulele ukuba bashiswe kusona (isihogo)
- Futhi akekho phakathi kwenu ongeke adlule kusona (isihogo), isidingo eNkosini yakho ekufanele ukuba sifezwe
- Ngakho-ke siyosindisa labo ababemesaba uMvelinqangi bese sishiya izoni lapho phakathi zikhasa ngamadolo
- Futhi uma befundelwa amavesi ethu acacile bathi labo abangakholwanga kulabo abakholwayo,“yiliphi lamaqembu amabili elingcono ngendawo yokuhlala nelinendawo yokuhlanganela enhle ngokwedlulele na?”
- Futhi zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo, zona zazingcono ngokwedlulele ngengcebo nokubukeka
- Ithi noma ngabe ubani osekudukeni ngakho-ke onomusa (uMvelinqangi) uzomelulela (intambo) kuze kube ilapho bebona khona lokho ababekuthenjisiwe isijeziso noma ihora ngakho-ke bayokwazi ukuthi ngubani lowo osendaweni embi nokuthi ngeliphi ibutho elibuthakathaka ngokwedlulele”
- Futhi uMvelinqangi uyabandisa labo abaholiweyo ukuholwa futhi ihlala ikhona imisebenzi emihle ingcono eNkosini yakho mayelana nomvuzo futhi ingcono mayelana nembuyiselo
- Ngakube umbonile yini lowo ongakholelwanga emavesini ethu na? Bese ethi, “ngempela ngizophiwa ingcebo nezingane”
- Ngakube uyakwazi yini okungabonwayo noma uthathe isivumelwano konomusa na
- Lutho! Siyokubhala phansi konke lokho akushoyo futhi siyomenyusela isijeziso
- Futhi siyokudla ifa, konke lokho akushoyo futhi uyoza kuthina eyedwa
- Futhi bathatha izithixo (ukuba bazikhonze) esikhundleni sikaMvelinqangi ukuze zibanike amandla
- Lutho! (Izithixo) ziyokuphika ukubakhonza kwabo futhi bese ziba yizitha zabo
- Awuboniyiniukuthisabathumelaosathanekwabangakholwayo ukuze babaphushele ekoneni
- Ngakho-ke ungabajahi kuphela sibabalela isibalo (sesikhathi esisele)
- Ngosuku esiyobaqoqela ngalo konomusa labo abenze okulungileyo njengezithunywa
- Futhi izoni siyoziholela esihogweni zisesimweni sokunxanwa
- Angeke bakwazi ukuzincengela ngaphandle kwalowo owathatha isivumelwano konomusa
- Futhi bathi, “onomusa (uMvelinqangi) unendodana”
- Ngempela nilethe into eshaqisayo
- Amazulu angacishe adabuke ngenxa yalokho nomhlaba udabuke phakathi nezintaba zibhidlike zibe yizicucu
- (Ngenxa) yokuthi bapha onomusa (uMvelinqangi) indodana (enguJesu)
- Futhi akumfanele onomusa ukuthi angaba nendodana
- Akukho ngisho noyedwa osemazulwini nasemhlabeni ngaphandle kokuthi eze konomusa njengenceku
- Ngempela uyabazi bonke futhi ubabalile isibalo esiphelele
- Futhi bonke bayoza kuyena ngosuku lokuvuka kwabafileyo bengabodwana
- Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo onomusa uyobabekela uthando
- Ngakho-ke sikwenze kwalula ngolimi lwakho ukuthi ubatshele ngalo izindaba ezimnandi labo abenza okulungileyo, nokuthi ubaxwayise ngalo abantu abaqhelelene neqiniso
- Futhi zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo na? Ungamthola yini ngisho noyedwa wabo noma uzwe ubuswebeswebe babo na