18.The Cave

  1. Udumo ungoluka-Mvelinqangi okunguyena owembula incwadi encekwini yakhe futhi wangakwenzi ubuzombezombe kuyo (iQur’an)
  2. Eqondile, ukuze axwayise ngesijeziso esinzima esivela kuyena futhi alethe izindaba emzinandi kwabakholwayo, labo abenza izenzo ezilungileyo ukuthi okwabo ngumvuzo omuhle
  3. Bayohlala khona ingunaphakade
  4. Nokuxwayisi labo abathi “uMvelinqangi unendodana”
  5. Abanolwazi ngalokho ngisho nabobaba babo (abanolwazi) likhulu igama eliphuma emilonyeni yabo, abasho lutho ngaphandle kokuqamba amanga
  6. Ngakho-ke uzozibulala ngenxa yokuphatheka kabi mayelana nezinyathelo zabo uma bengakholelwa kulenkulumo na
  7. Ngempela thina sakwenza lokho okusemhlabeni kwaba ngumhlobiso wawo ukuze sibavivinye ukuthi ngobani babo abanemisebenzi emihle ngokweqile
  8. Ngempela thina siyokwenza ukuthi konke lokho okukuwona (umhlaba) kungatheli lutho, kube ngumhlaba owugwadule
  9. Noma ucabanga ukuthi izihlali zasemgedeni nombhalo kwakungezinye zezimpawu zethu ezimangalisayo
  10. Khumbula ngenkathi intsha ifuna ukuya kohlala emgedeni ngakho-ke yase ithi, “Nkosi yethu siphe umusa ovela kuwena futhi usenzele udaba lwethu lube ngoluqondileyo”
  11. Ngakho-ke sazivala izindlebe zabo emgedeni iminyaka eminingi
  12. Sabe sesiyabavusa ukuze sibe inolwazi ukuthi ngeliphi phakathi kwawo womabili amaqembu elalikwazi kongcono ukubala isikhathi ababesihlalile
  13. Thina sikuxoxela indaba yabo ngeqiniso, ngempela bona babeyintsha eyayikholelwa eNkosi yayo futhi sabanezelela ekuholweni
  14. Futhi saziqinisa zasimama izinhliziyo zayo ngenkathi isukuma (intsha) ithi, “iNkosi yethu Nkosi yamazulu nomhlaba asisoze simemeze omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe (uma senze kanjalo) ngempela siyobe sisho inkulumo yokungahloniphi”
  15. Labantu bethu bazithathele abanye onkulunkulu esikhundleni sakhe, kwenziwa yini ukuthi (oNkulunkulu) bangabaletheli kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga na
  16. Futhi khumbula ngenkathi niqhelelana nabo kanye nakulokho abakukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi ngakho-ke funani isiphephelo emgedeni, iyonidlalela iNkosi yenu emseni wayobese inenzela lube lula udaba lwenu ngendlela efanele
  17. Futhi wawulibona ilanga ngenkathi liphuma lithambekela ngasemgedeni wabo ngakwesokudla nangenkathi lishona libashiya ngakwesobunxele kulapho yona (intsha) isendaweni enkulu kuwona (umgede), lokhu kungukunye kwezimpawu zikaMvelinqangi noma ngabe ubani oholwa nguMvelinqangi ungoholelwe endleleni eqondile futhi noma ngabe ubani amholela ekudukeni ngakho-ke awusoze wamtholela umvikeli oyomhola
  18. Futhi ucabanga ukuthi babevukile (babephapheme) kulapho bona babelele futhi sabaguqulela ngakwesokudla nangakwesobunxele kanye nenja yabo ilule imilenze yayo yangaphambili ngasemnyango (womgede) ukube wawubonile wawuyobafulathela ngejubane futhi ngempela wawuyogcwala ukubesaba
  19. Futhi sabavusa kanjalo ukuze babuzane ngamunye, isikhulumi phakathi kwabo (sabuza) sathi “nihlale isikhathi esingakanani”? Bathi “sihlale usuku noma ingxenye yosuku” bathi “iNkosi yenu yazi kabanzi ukuthi nihlale isikhathi esingakanani” ngakho-ke thumelani oyedwa wenu edolobheni (emphakathini) naloluhlamvu lwesiliva bese eyabheka ukuthi yikuphi ukudla okumsulwa ngokwedlulele bese enilethela ingxenye yako futhi aqaphele futhi angalazisi ngisho noyedwa umuntu udaba lwenu
  20. Ngempela bona uma bengase bazi ngani bazonikhanda ngamatshe noma baniphindisele emumva enkolweni yabo bese ningabe nisaphumelela
  21. Futhi sakwenza kanjalo ukuba kwaziwe ngabo ukuze bazi ukuthi isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso nokuthi ihora akunakungatshazwa ngalo, ngenkathi bephikisana bodwa ngodaba lwabo ngakho-ke bathi “yakhani isakhiwo ngaphezu kwabo, iNkosi yabo yazi kabanzi ngabo” labo abanqoba kulodaba lwabo bathi, “ngempela sizokwakha indlu yokukhonzela phezu kwabo.”
  22. Bayothi babebathathu owenise wabo kwakuyinja yabo futhi (abanye) bayothi bebeyisihlanu owesithupha wabo kwakwiyinja yabo–kungukuqagela ngokungabonwayo futhi (abanye) bathi babeyisikhombisa owesishiyagalombili wabo kwakuyinja yabo ithi iNkosi yami yazi kabanzi ngesibalo sabo akekho obaziyo ngaphandle kwabambalwa ngakho-ke ungabi nempikiswano ngabo ngaphandle kwempikiswano enobufakazi obucacile futhi ungabuzi ngisho noyedwa wabo ngabo
  23. Futhiungaboshoentweniukuthi“ngempelaminangizokwenza lokho kusasa”
  24. Ngaphandle uma uMvelinqangi ethanda futhi khumbula iNkosi yakho uma ukhohlwa bese uthi, “Ngifisa iNkosi yami ingiholele iNkosi yami izongiholela kokusondele kunalokhu ngokulunga”
  25. Futhi bahlala emgedeni wabo iminyaka engamakhulu amathathu nayisishiyagalolunye enezelelekile
  26. Ithi nguMvelinqangi owazi kabanzi ukuthi bahlala (emgedeni) isikhathi esingakanani, kungokwakhe okungabonwayo kwamazulu nomhlaba ukubona abona ngako (kugqamile) kanye nokuzwa, abanamvikeli ngaphandle kwakhe futhi akahlanganyeli namuntu ekwahluleleni kwakhe
  27. Futhi funda lokho okwembulwe kuwena okusencwadini yeNkosi yakho, akekho ongawaguqula amazwi ayo futhi awusoze wamthola ongaba isiphephelo ngaphandle kwakhe
  28. Futhi zigcine ubekezela kanye nalabo ababiza iNkosi yabo ekuseni nakusihlwa befuna ubuso bayo futhi ungavumeli amehlo akho ukuthi abuke ngale kwabo ufisa ubuhle bempilo yalomhlaba futhi ungamhloniphi lowo esenze inhliziyo yakhe yangakunaki ukukhunjulwa kwethu, futhi lowo olandela izifiso zakhe ngasosonke isikhathi udaba lwakhe luyalahleka
  29. Futhi ithi “iqiniso livela eNkosini yenu ngakho-ke noma ngabe ubani okuthandayo (ukukholwa) makakholwe futhi noma ngabe ubani othanda ukungakholwa makangakholwa ngempela thina sabalungiselela abayizoni umlilo ozindonga zawo ziyobazungeleza futhi uma befuna ukusizwa bayosizwa ngamanzi abilayo abashise ubuso (babo) sibi lesosiphuzo futhi yimbi leyo ndawo yokuphumula”
  30. Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo ngempela thina asiwulahli umvuzo walowo owenza msebenzi omuhle ngokwedlulele
  31. Labo okwabo kuyoba izivande zaphakade okugeleza ngaphansi kwazo imifula lapho (ezivandeni) bayohlotshiswa ngemigexo eyakhiwe ngegolide futhi bayogqoka izingubo zikasilika eziluhlaza ezicolekile ezilula neziwugqinsi, bayobala lapho ezihlalweni eziphakeme (lowo) ngomvuzo wekhethelo nendawo enhle yokuphumula
  32. Futhi benzele isibonelo samadoda amabili eyodwa yawo sayenzela izivande ezimbili zamagilebhisi sabe sesiyazibiyela ngamasundu futhi senza ukuthi phakathi kwazo zombili kube nendawo yezitshalo
  33. Zombili lezizivande zathela izithelo zazo zangehluleki ngalutho kulokho futhi senza ukuthi kuqhume umfula phakathi kwazo zombili
  34. Futhi wayenesithelo wayesethi kumngane wakhe ngenkathi enengxoxo naye, “Mina nginengcebo eningi kunawe futhi nginamandla ngokwedlulele kunabanye abantu yimina ohlonipheke kakhulu kunawe”
  35. Futhi wayesengena esivandeni sakhe kulapho yena engakwenzanga ubulungiswa emphefumulweni wakhe wathi, “angicabangi ukuthi lokho kuyobhubha nanini?”
  36. Futhi angicabangi ukuthi iHora liyofika futhi uma ngiyobuyiselwa eNkosini yami ngempela ngiyokuthola okungcono kunalokhu njengembuyiselo
  37. Umngane wakhe wathi kuye, kulapho enengxoxo naye “ngakube awukholwa yini kulowo owakudala ngothuli wayesekudala ngeconsi lesidoda (wakudala ngokuhlangana kowesilisa nowesifazane) wayesekwenza waba ngumuntu ophelele na?”
  38. Kepha yena unguMvelinqangi iNkosi yami futhi angiyenzeli muntu iNkosi yami ukuthi abe ngumhlanganyeli ekuyikhonzeni
  39. Futhi awushongo ngani ngenkathi ungena esivandeni sakho ukuthi lokho uMvelinqangi akuthandile (kuyenzeka) akekho onamandla ngaphandle kwakuMvelinqangi, uma wena ungibona, mina ngingaphansi kwakho ngengcebo nangezingane
  40. Ngakho-ke futhi iNkosi yami izongipha okungcono kunesivande sakho futhi ithumele phezu kwaso isijeziso esivela esibhakabhakeni ngakho-ke bese sibangumhlabathi oshelelayo
  41. Noma amanzi aso azike phansi (emhlabathini) ungabe usakwazi ukuwuthola
  42. Futhi izithelo zakhe zizungezwe (ukubhubha) bese ebangoshaya izandla zakhe (elahlekelwe ithemba futhi elusizi) ngenxa yalokho ayekuchitha kusona, kulapho sibhubhe ngisho nesisekelo saso wayesethi, “Oh! Ngifisa sengathi angizange ngenzele iNkosi yami umhlanganyeli ekuyikhonzeni”
  43. Futhi akanalo iqembu labantu elingamsiza ukubhekana noMvelinqangi futhi akakwazi ukuzivikela
  44. Lapho igunya lingelikaMvelinqangi ngeqiniso, yena ungowedlula konke ngokunonga umvuzo futhi ungongcono ekugcineni (esiphethweni)
  45. Futhi benzele isibonelo sempilo yalomhlaba injengamanzi (imvula) esiyehlisela phansi ephuma emafini bese okumilayo komhlabathi (izihlahla, utshani nokunye) kumiliswe iyona, (ekugcineni) kuyona kuvuthuluke kuphephethwe ngumoya futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto
  46. Ingcebo nezingane kungumhlobiso wempilo yalomhlaba kepha imisebenzi emihle elungileyo ihlala ikhona njalo, mihle eNkosini yakho mayelana nomvuzo futhi (imisebenzi elungileyo) ingcono mayelana nethemba
  47. Futhi khumbula ngosuku lapho siyobe sibhidliza izintaba futhi uyobona umhlaba undlaleke waqonda futhi siyobaqoqela ndawonye bonke ngakho-ke angeke size sishiye ngisho noyedwa wabo ngemumva
  48. Futhi bayolethwa ngaphambili kweNkosi yakho bamiswe ngolayini (iNkosi yakho iyothi) “ngempela senifikile kuthi njengoba sanidala ekuqaleni kepha nanicabanga ukuthi angeke sinithembise (ukuhlangana nathi)”
  49. Futhi kuyovezwa incwadi, ngakho-ke niyobona izoni zesaba kulokho ezikukona ziyothi, “Oh yeka okwethu! Uhloboluni lencwadi lolu ayishiyi lutho ngaphandle ngisho noma luncane noma lukhulu iyakubala, futhi bayokuthola konke lokho ababekwenza (nabakwenzayo) manje futhi iNkosi yakho angeke yenze okungenabulungiswa ngisho nakoyedwa umuntu”
  50. Futhi khumbula ngenkathi sithi ezingelosini kothamelani u-Adamu ngakho-ke zakhothama ngaphandle kuka-Iblis wayengomunye wamaJinn ngakho-ke akawuhloniphanga umthetho weNkosi yakhe, ngakube nithatha yena kanye nenzalo yakhe njengabavikeli esikhundleni sami na? Kulapho bona beyizitha zenu na? Kubi okushintshwa izoni
  51. Angibakhombisanga indalo yamazulu nomhlaba futhi angibakhombisanga ngisho nokudalwa kwabo uqobo futhi angizange ngithathe abedukisayo njengabasizi
  52. Futhi khumbula ngosuku lapho eyothi, “bizani labo enaningenzela abahlanganyeli nabo ekungikhonzeni ngakho- ke bayobamemeza kepha angeke babaphendule futhi siyokwenza ukuthi bahlukane (abadukileyo nabaholelwe endleleni elungileyo)”
  53. Futhi izoni ziyawubona umlilo bese ziyazi ukuthi zona zizongena kuwona futhi angeke zithole ukuphunyuka kuwona
  54. Futhi ngempela sabenzela abantu kuleQur’an zonke izinhlobo zezibonelo futhi ngasosonke isikhathi okuningi okwenziwa ngumuntu impikiswano
  55. Futhi akukho lutho oluvimbela abantu ukuthi bakholwe uma sebefikelwe ukuholwa futhi nasekuceleni intethelelo eNkosini yabo ngaphandle uma befikelwa indlela esathatha ngayo abantu basendulo noma bafikelwe isijeziso sibekwe ngaphambi kwabo
  56. Futhi asizithumeli izithunywa ngaphandle kokuthi zibe ngabalethi bezindaba ezimnandi nabaxwayisi futhi labo abangakholwa benza impikiswano ngamanga ukuze babhuntshise iqiniso ngawo, bathatha amavesi ami kanye nalokho abaxwayiswa ngako inhlekisa
  57. Futhi ngubani ongenabulungiswa ngokwedlulele kunalowo okhunjuziswa ngamavesi eNkosi yakhe bese engawanaki futhi akhohlwe yilokho okuthunyelwe izandla zakhe ngaphambili na? Ngempela sibeke ezinhliziyweni zabo izisicilelo hleze bayiqonde (iQur’an) sabeka nobuthuli emadlebeni abo, futhi uma ubamemela ekuholweni ngakho-ke abasoze baholeleke endleleni eqondile
  58. Futhi iNkosi yakho iyathethelela ingumnikazi womusa, ukube ibathatha ngendlela abazuze ngayo beyizobasheshisela isijeziso kepha okwabo isethembiso (isikhathi esinqunyiweyo), abasoze balithole ithuba lokuphunyuka
  59. Futhi lamadolobha sawabhubhisa ngenkathi enza okungalungile futhi sawabekela isikhathi sokubhujiswa kwawo
  60. Futhi khumbula ngenkathi uMose ethi emfaneni wakhe (isisebenzi) “angeke ngililahle ithemba kuze kube ilapho ngifika khona ezinhlanganweni zolwandle olubili noma ngihambe isikhathi sonke sempilo”
  61. Ngakho-ke kwathi lapho bobabili sebefika ezinhlanganweni zalo lolubili bakhohlwa inhlanzi yabo yase ithatha indlela yayo ebheke olwandle kalula
  62. Ngakho-ke kwathi lapho sebeqhubekela phambili (uMose) wathi, emfaneni wakhe (isisebenzi), “silethele ukudla kwethu kwasemini ngempela sesikhathele kuloluhambo lwethu”
  63. (Umfana) wayesethi, “ubonile yini ngesikhathi besiphumulile edwaleni ngakho-ke ngempela mina ngikhohlwe inhlanzi futhi akukho lutho olungenze ukuthi ngikhohlwe ngaphandle kukasathane ukuthi ngiyikhumbule yabe seyithatha indlela yayo ebheke olwandle ngokumangalisayo”
  64. Wathi, “lokhu yikona ebesikade sikufuna” ngakho-ke bobabili baphindela emumva behamba ezinyathelweni zabo
  65. Base bethola enye yezinceku zethu esayipha umusa ovela kuthina futhi esayifundisa kulolwazi esinalo
  66. UMose wathi kuyona (inceku), “ngingakulandela yini ukuze ungifundise okuthize kulokho okufundisiwe na?”
  67. Yathi, “ngempela wena awusoze wakwazi ukungibekezelela”
  68. Futhi uzokubekezelela kanjani lokho ongenalwazi lwako na
  69. Wathi (uMose), “uzongithola ngingobekezelayo uma uMvelinqangi ethanda futhi angeke ngingakuhloniphi odabeni.”
  70. Yathi (inceku) uma ungilandela ngakho-ke ungangibuzi lutho kuze kube ilapho ngikhuluma nawe ngako
  71. Ngakho-ke bobabili bahamba kwaze kwaba ilapho bobabili begibela emkhunjini (inceku yethu) yawulimaza (uMose) wathi, “ngakube uwulimazile ukuze uminzise abantu bawo na? Ngempela wenze into embi (enzima)
  72. (Yaphendula inceku yethu) yathi, “angizange ngikutshele yini ukuthi ngempela wena angeke ukwazi ukungibekezelela na?”
  73. Wathi (uMose) “ungangisoli ngengikhohliwe ngako futhi ungabi nzima kumina odabeni lwami (nawe).”
  74. Ngakho-ke bobabili baqhubeka bahamba kwaze kwaba ilapho behlangana khona nomfanyana (inceku yethu) yambulala (uMose) wathi, “ngakube sewubulale umuntu omsulwa ngaphandle kwesizathu, ngempela wenze into emangalisayo”
  75. Yathi (inceku yethu), “angizange yini ngikutshele ukuthi ngempela wena angeke ukwazi ukungibekezelela na?”
  76. Wathi (uMose), “uma ngikubuza ngokuthize emva kwalokhu ngakho-ke ungabe usahamba nami, uyobe sewuthole izaba (lokungahambi) nami”
  77. Ngakho-ke baqhubeka bobabili bahamba kwaze kwaba ilapho bobabili befika ebantwini bedolobha bacela ukudla ebantwini balo kepha (abantu bedolobha) benqaba ukubathatha njengezihambeli ngakho-ke bafica kulona udonga olwaseluzodilika ngakho-ke (inceku yethu) yalulungisa (uMose) wathi, “ukube bewuthanda bewuzofuna inkokhelo ngalokho”
  78. (Inceku yethu) yathi “lokhu sekungukuhlukana phakathi kwami nawe ngizokutshela incazelo yalokho owehluleka ukukubekezelela”
  79. Mayelana nomkhumbi, bewungowabantu abampofu abasebenza olwandle ngakho-ke bengihlose ukuwulimaza ngokuba ngaphambi kwabo bekuneNkosi ebeyithatha yonke imikhumbi ngendluzula
  80. Futhi mayelana nomfanyana (engimbulele) abazali bakhe bangamakholwa ngakho-ke sesabile ukuthi hleze abahluphe ngokungabahloniphi nokungakholwa
  81. Ngakho-ke sithandile ukuthi iNkosi yabo bobabili (abazali bakhe) ibashintshele esikhundleni sakhe ngongcono kunaye omsulwa futhi osondele kakhulu ngomusa
  82. Futhi mayelana nodonga (olwaseluwa) lwalungolwabafanyana ababili abayizintandane edolobheni (emphakathini) futhi ngaphansi kwalo (udonga) kwakunomnotho wazo zombili (lezizintandane) futhi uyise (ukhokho) wazo zombili wayengolungileyo ngakho-ke iNkosi yakho yayihlose ukuthi bobabili bafinyelele ekukhuleni ngokwanele bese bobabili bekwaziukukhiphaumnothowabo, longumusaovelaeNkosini yakho ngakho-ke angikwenzanga lokho ngokuthanda kwami, lokho kuyincazelo (nokuhunyushwa) kwako konke lokho owawungakwazi ukukubekezelela
  83. Futhi bakubuza ngoZul-Qarnain ithi, “ngizonifundela okuthize ngomlando wakhe”
  84. Ngempela thina samzinzisa emhlabeni futhi samnikeza izindlela zayo yonke into
  85. Ngakho-ke walandela indlela
  86. Kwaze kwaba ilapho efika khona ekushoneni kwelanga walifica lishona emanzini ahwalele futhi wafica abantu eduzane nalo, sathi “Oh Zul-Qarnain! Phakathi kokuba uyabajezisa noma uba nobubele kubona”
  87. Wathi, “kepha lowo owenza okungenabulungiswa ngakho-ke sizomjezisa bese ephindiselwa eNkosini yakhe bese imjezisa ngesijeziso esinzima”
  88. Futhi mayelana nalowo owakholwayo futhi owenza okulungileyo ngakho-ke okwakhe kuyoba ngumvuzo omuhle futhi siyokhuluma naye kalula ngempoqo yethu
  89. Wayeselandela indlela
  90. Kwaze kwaba ilapho efika khona endaweni lapho kuphuma khona ilanga walifica liphumela phezu kwabantu esasingazange sibenzele umpheme wokukhosela (wokuzivikela) kulona
  91. Kanjalo-ke futhi sasikungamele lokho ayenolwazi ngako
  92. Wayeselandela indlela
  93. Kwaze kwaba ilapho efika khona phakathi kwezintaba ezimbili wafica ngale kwazo zombili, abantu ababengakwazi ngisho ukuqonda inkulumo
  94. Bathi, “Oh Zul-Qarnain! ngempela uGog noMagog bayizoni emhlabeni ngakube kufanele yini sethule isethulo kuwena ukuthi usenzele uthango phakathi kwethu nabo na?”
  95. Wathi, “lokho engisimamise kukona iNkosi yami kungcono, ngakho-ke ngisizeni ngamandla ukuze ngenze uthango phakathi kwenu nabo”
  96. Ngiletheleni izingcezu zensimbi kwathi lapho esegcwalise isikhala esiphakathi kwezintaba ezimbili wathi, “futhani” kwaze kwaba ilapho ekwenze kwaba ngumlilo wathi, “ngiletheleni ithusi (elincibilikileyo) ngilithele phezu kwabo”
  97. Ngakho-ke (uGog noMagog) abakwazanga ukuphuma futhi abakwazanga ukuwugumba umgodi (ukuze baphume)
  98. Wathi, “lonangumusaovelaeNkosiniyamikephaumasekufika isethembiso seNkosi yami iyolibhidliza (udonga) futhi ngaso sonke isikhathi isethembiso seNkosi yami siyiqiniso”
  99. Futhi ngalolosuku (lokuphuma kukaGog noMagog) siyokwenzaukuthiabanyebabobezekwabanyenjengamagagasi futhi kuyokhaliswa icilongo bese sibaqoqela ndawonye bonke
  100. Futhi ngalolosuku isihogo siyosivezela obala abangakholwayo
  101. Labo amehlo abo ayemboziwe esikhumbuzweni sami futhi babengakwazi ukuzwa
  102. Ngakube labo abangazange bakholwe bacabanga ukuthi bangathathaizincekuzamiukubazibengabavikeliesikhundleni sami na? Ngempela thina sabalungiselela abangakholwayo isihogo njengendawo yokuhlala
  103. Ithi, “ngakube sinitshelile yini ngabalahlekelwe kakhulu mayelana nezenzo na?”
  104. Labo imifutho yabo eyelahlekele empilweni yalomhlaba kulapho bona becabanga ukuthi benza imisebenzi emihle
  105. Labo bayilabo abangakholelwa emavesini eNkosi yabo nase kuhlanganeni nayo ngakho-ke imisebenzi yabo iyize leze, angeke sibenzele isisindo (ukubaluleka) ngosuku lukuvuka kwabafileyo
  106. Lokho ngumvuzo wabo, isihogo ngenxa yokungakholwa kwabo nokuthi babethatha amavesi (izimpawu) zami nezithunywa zami njengenhlekisa
  107. Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle okwabo izivande zePharadisi njengendawo yokuhlala
  108. Bayohlala khona ingunaphakade angeke baze bafise ukuphuma kusona
  109. Ithi, “ukube ulwandle lwalungu-inki wokubhala amagama eNkosi yami lwaluzophela ulwandle ngaphambi kokuba kuphele amagama eNkosi yami futhi ngisho noma sasingeza (nolwandle) olufana nalo (lwaluzophela)”
  110. Ithi,“kuphelaminangingumuntuofananjengani,okwembulwa kumina ukuthi uNkulunkulu wenu nguNkulunkulu oyedwa, ngakho-ke noma ngabe ngubani ofisa ukuhlangana neNkosi yakhe makenze imisebenzi elungileyo futhi angahlanganisi ngisho noyedwa ekukhonzeni iNkosi yakhe”