101.The Calamity

  1. Ukushaya (kwehora)
  2. Yini ukushaya
  3. Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini ukushaya (kwehora)
  4. Usuku lapho abantu beyobe benjengezimvemvane ezisakaziwe
  5. Futhi izintaba ziyoba sengathi uvolo oyimpafumpafu (ziyobhidlika ziqonde)
  6. Mayelana nalowo isisindo(sezenzo) zakhe (ezinhle) ziyosinda
  7. Manjalo yena iyongena empilweni ethokozisayo
  8. Futhi mayelana nalowo izikalo (zezenzo) zakhe (ezinhle) ziyobalula
  9. Manjalo indawo yakhe yokuhlala umgodi wesihogo
  10. Futhi yini ekwenza wazi ukuthi kuyini lokho
  11. Umlilo ovutha kakhulu